Kazi iyozala nkomoni enkundleni yeSpurs kowe-EPL
KUZOBE kuyizinkani zababili kutholana phezulu iTottenham Hotspur neManchester United kule mpelasonto. Uma ukhuluma ngokushuba kombango weligi, iyodwa iligi muva nje okuyiyo eshube ukuwadlula wonke, leyo i-English Premier League (EPL). Amaqembu okuyiwo asemjahweni okuthathatha le ndebe iLiverpool FC, iManchester City neTottenham Hotspur. Le ligi kuphinde kube yiyo okuthi ngempelasonto nempelasonto ibe nomdlalo oshiya abalandeli abaningi bebambe ongezansi.
Lo mdlalo walezi zinkunzi uzoba ngeSonto, kulindeleke ukuthi uqale ligamenxe ihora lesi-6 kusihlwa, uzobanjelwa eTottenham Hotspur Stadium. Ngaphandle kokuthi la maqembu anabadlali abaseqophelweni eliphezulu, kodwa okubhekeke ukuthi kushubise lo mdlalo ukuthi iMan United izolwiswa okwengwe ifuna ukuziphindiselela njengoba yabhaxabulwa ngamagoli amathathu eqandeni emdlalweni wokuqala la maqembu etholene phezulu.
Amagoli eSpurs avalelwa phakathi uHarry Kane, amabili avalelwa phakathi uLucas Moura.
ISpurs ecijwa uMauricio Pochettino muva nje ilele endaweni yesithathu kulogi, emidlalweni engama-21 isakwaze ukuthi inqobe eli-16, yadlala ngokulingana kwemibili yehlulwa kwemithathu inamaphuzu angama-48.
IMan United yona ecijwa u-Ole Gunnar Solskjaer othathe izintambo kuJose Mourinho, isendaweni yesi-6 nayo isadlale imidlalo engama-21, isanqobe eli-11 yadlala ngokulingana kwemihlanu yahlulwa kwemihlanu, inamaphuzu angama-38. Lokho kusho ukuthi la maqembu ashiyana ngamaphuzu ali-10. Iqembu okuyilo elihujwayo iLiverpool okuyiyo esesicongweni ngomehluko wamaphuzu amane eqenjini elilele isibili okuyiMan City. ILiverpool inamaphuzu angama-54, kanti iMan City yona inamaphuzu angama-50.
USolskjaer ekhuluma nabezindaba ngalo mdlalo uthe: “Umdlalo esiyowudlala awulula neze, kuzoba lukhuni satshe ukuthi sithele phansi iSpurs enkundleni yayo. Kodwa abadlali bazimisele kakhulu ukuthi banqobe lo mdlalo njengoba befuna ukuziphindiselela. Yize ngangingakabi khona behlulwa, kodwa nami ngizimisele ukuthi ngibasize ukuthi banqobe lo mdlalo. Ukunqoba kwethu lo mdlalo kuzosisiza kakhulu ukuthi, ngoba sifuna ukubalwa namaqembu amathathu aphezulu uma kusongwa iligi,” kusho uSolskjaer.
Lo mqeqeshi kusukela efikile kuleli qembu eliteketiswa ngokuthi iRed Devils, usebe khona emidlalweni emihlanu wayinqoba yonke. Kuleyo midlalo ubetholene neCardiff, iHuddersfield, iBournemouth, iNewcastle kanye neReading.
ISpurs nayo eyenza kahle kakhulukazi uma isekhaya izobeka amathemba ayo kuSon Heung-Min, uDele Alli, uChristian Eriksen kanye nakuKane osevalele phakathi amagoli ali-14 kule sizini. KuMan United abadlali okulindeleke ukuthi bayisize uRomelo Lukaku, uJuan Mata, uMarcus Rashford noPaul Pogba muva nje owenza ezibukwayo njengoba emdlalweni emihlanu usevalele phakathi amagoli amane ekubeni eyibamba esiswini.