Akubanga mnandi kwezikaqedisizungu kodwa
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
LONYAKA uzongena emlandweni eNingizimu Afrika ngokulahlekelwa amaciko anohlonze cishe kuyo yonke iminxa kaqedisizungu. Yize kunjalo kukhona nokumnandi okwenzekile okusenza sithi lona bekuwunyaka oyingxubevange kwezikaqedisizungu.
Uqala nje abathandi beJazz bavula ngezindaba ezimbi zokudlula kweciko nomfuthi wecilongo ozungeze umhlaba wonke uRamapolo Hugh Masekela owadlula emhlabeni eneminyaka engama-78. Ukudlula kukaMasekela bekungekhona nje okweciko elijwayelekile ngoba ube negalelo elikhulu emzabalazweni waleli lizwe. Ubesebenzisa iphimbo lakhe ukulwisana nengcindezelo yaboHlanga kuleli. Izingoma zakhe ezifana ne “Stimela” lapho ecula khona ngokuhlukunyezwa kwabasebenzi basezimayini kanti engomeni i “The Market Place” uHugh wayephawula ngobuhle obumsulwa nokuzethemba kwentombi yom-Afrika Ukudlula kwakhe kwashiya kwashiya elikhulu igebe kwezikaqedisizungu kwazise yize ebesemzabalazweni kodwa ubengumculi othokozelwa emazingeni ahlukene. Izingoma zakhe i “Tanayi” ne “Ashiko” zidanselwa ngabancane nabadala.
Izwe lisababaza ukudlula kukaMasekela kwaqhamuka izindaba zokudlula kwenye yezingqalabutho zeshashalazi uWinston Ntshona osebenze kakhulu nezinye izinkakha kwezeshashalazi okungoJohn Kani no-Athol Fugard. UNtshona wake wangena emajele obandlululo kodwa waphetha kahle ngeNdondo iTony. Udlale kakhulu nasemafilimini enye yawo iThe Dry White Season eyakhalisa mi izinyembezi inkakha yezamafilimu uDonald Sutherland ngendlela indima yesisebenzi sasengadini ayidlala ngayo uWinston Ntshona. Wasishiya emhlabeni eneminyaka engama-76.
Omunye odlule emhlabeni kulo nyaka wu-Errol Dyers obengumdlali wesiginci nosebenze nabantu abahlonishwayo emculweni iJazz o-Abdulah Ibrahim, uBasil ‘Mannenberg’ Coetzee noRobbie Jansen. I-albhamu aduma ngayo yileyo esihloko sithi, Remember District 6 okuyindawo imiphakathi yaboHlanga eyadudulwa kuyo yinqubo yobandlululo. U-Errol Dyers udlule emhlabeni eneminyaka engama-65. Waziwa kakhulu ngokulumbanisa umculo weJazz nalowo obizwa ngeGoema okungumculo wabaseMalaysia abafika bazinza eKapa ngekhulunyaka eledlule.
Abanye abanohlonze abadlule kulo nyaka ngumculi kaMaskanda uMjikijelwa Ngubane (Ichalaha likaShafuza), uSandile Khwela, uJabulani Tsambo (uHHP) uLinda Mkhize (uProkidd) nabanye esingababalanga lapha.
Kukhulunywa ezokudlula kwamaciko emhlabeni amanye amabili anegalelo elikhulu ekudluliseleni leli zwe esigabeni sentando yeningi ngokwenza isiqiniseko sokuthi amasiko aboHlanga awashabalali, alele phansi ngenxa yesimo sempilo esingemnandi. Labo ngoBaba uJoseph Shabalala ongumholi weLadysmith Black Mambazo noJohnny Clegg weqembu likamasikandi iSavuka. UJoseph Shabalala uqophe umlando ngokuthi iqembu lakhe liphumelele izikhathi ezinhlanu ukuhlwitha iNdondo iGrammy. UJohnny Clegg waba ngumculi wokuqala womlungu ngesikhathi sobandlululo ukucula umculo kamasikandi engena emalokishini nasemahositela nensizwa yaseKranskop uSipho Mchunu.
Yize kukhalwa ngezigigaba zalo nyaka, kukhona nokho okuthokozisile. Amaciko omculo kuleli aphinde aziveza ukuthi asencintisana namanye ezingeni lomhlaba. UJabulani Hadebe okuyinsizwa yasemakhaya eBergville edume ngelikaSjava ecula izingoma zothando ngolwethunga ithuse abaningi ibuya neNdondo iBET eLos Angeles. Ngale ndondo uSjava ubelandela ezithendeni uNkosinathi Maphumulo odume ngelika ‘Black Coffee’ owaphumelela nyakenye. Lokhu kunqoba bekulandela okweLadysmith Black Mambazo esinqobe iNdondo iGrammy okwesihlanu okungumlando ngokwakho.
Kwezeshashalazi kubuye amanoni emidlalo eyayishisa izikhotha ngeminyaka yangowe-1970 kuya kowe-1980. Lena yimidlalo efana neWoza Albert okumanje iyakhonjiswa eThe Playhouse eThekwini kanye neHow Long okuyinoni elabhalwa ngubaba wezeshashalazi laselokishini (township theatre) uMnu uGibson Kente ongasekho. Nawo lo mdlalo ubusePlayhouse ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Isasasa elikhonjiswe ngababukeli ngale midlalo obekucatshangwa ukuthi isilibalekile ezinhliziyweni zabantu likhombe ukuthi imiyalezo yayo isalokhu imile. Inkululeko yepolitiki yatholakala kodwa eyomnotho isalokhu ibageje njalo abaHlanga.
Okuphawulekayo ngamaciko asishiye nonyaka wukuba kwawo yisibonelo esisobala sokubaluleka kwamaciko ekuguquleni umcabango wezwe nowesizwe. Noma ngabe ubheka kwezeshashalazi, umculo wejazz noma umasikandi, amaciko ngamaphimbo awo aguqule umcabango wosopolitiki izwe lafinyelela lapho selikhona namhlanje.
Izindondo ezibuye noSjava naMambazo zikhomba ukuthi umculo wethu uthandeka emhlabeni uza ngezilimi zethu. Izindondo zibe yinduduzo kubantu baseNingizimu Afrika. Kuthe yize ukufa kugadle kuphindelela ngonyaka wezi- 2018, kodwa obelandela ukwenzeka kwezinto ngesineke washo wathi, “ khona ngowezi- 2018 akubanga mnandi konke kwezikaqedisizungu kodwa futhi akubanga kubi konke. Impilo iqhubekile.”

