Kuphambana ukukhuluma ezitatimendini ezifungelwe



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
ELABOHLANGA linohlu lwamagama abantu abafakwe njengamalungu etrust nokho abanye baphika bama ngentaba ukuthi bangamalungu. Amanye alamagama nguNks uBrenda Pamela Mkhwanazi, uNks uZinhle Purity Sibiya, uNks uBusisiwe Msani bobathathu abangaphansi kweKwaShozi Community Trust. Ebese kuba nguMnu Slindokuhle Comfort Majola yena ongaphansi kweKwaMgai Comunity Trust.
Esitatimendeni esifungelwe sikaNks uMkhwanazi ohlala ePhayindane uthi yena akakaze afake isicelo sokubuyiselwa umhlaba kwaMgai. UNks uMkhwanazi uphinde wathi yena akakaze afake igama lakhe ohlwini lwabantu ababefake izicelo zokubuyiselwa umhlaba.
UNks uSibiya yena uhlala eGlen Anil eThekwini kanti usebenza eMnyangweni Wezemfundo uthi uyamangala ukuthi sangena kanjani isicelo sakhe sokufuna ukubuyiselwa umhlaba kwaMgai ngoba yena wayesifake eStanger.
Ephawula ngalokhu uMnu uJames Garvin weSIU emaphepheni afungelwe asenkantolo uthi: “Kunokushayisana phakathi kwesitatimendeni sikaNks uSibiya sangomhla zili-15 kuNcwaba wezi-2013 kanye nencwadi ebhalwe ngomhla zingama-21 kuNcwaba wezi-2013. Njengoba ethi esakhe isicelo wayesifake eStanger kodwa ngokwesitatimende sangomhla zingama-21 kuNcwaba wezi-2013 sithi wafaka isicelo sakhe KwaMgai lokhu okushayisanayo futhi okungahambisani. Ngaleyo ndlela wayengeke abe ngofanele ukufaka iscelo KwaMgai,” kufundeka isitatimende somphenyi weSIU.
NoNks uMajola yena ohlala eMontclair esitatimendeni sakhe uyazihlangula ekutheni wake wafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba waKwaMgai. UNks uMajola uphinde athi yena akakaze ahlale noma asebenzele KwaMgai nokuthi akakaze ahlomule ezinxephezelweni.
UGarvin uyaphawula nangezincwadi zomgunyathi zaseHhovisi likaMaster of the High Court ezimayelana noMgai Trust nokuvela ukuthi izinombolo zakhona zazingafani yize zazikhuluma ngeTrust eyodwa. “Amagama emibhalo yazo lezi zincwadi ayengafani njengoba kwenye amagama emibhalo ayemakhulu kanti kwenye emancane,” kuqhuba isitatimende. Siphinde sithi okunye abona ngakho ukuthi lezi zincwadi ngezomgunyathi ukuthi negama lesifundadolobha saseMgungundlovu sibhalwe ngokungeyikho kwenye njengoba kwenye kwakubhalwe ukuthi Pietamaritzburg kweye kubhalwe uPietermaritzburg.
UGarvin uthi lokhu ayekubalulile ngalezi zincwadi kwaqinisekiswa nayiHhovisi likaMaster of the High Court. “Nesitatimende esathathwa kuMaster of the High Court, uSeetaram Gangai siyakuqinisekisa ukuthi awekho amarekhodi eHhovisi lakwaMaster of the High Court aqinisekisa ukuthi uMgai Trust wayebhaliswe ngokusemthethweni,” kusho uGarvin.
Okunye okuphawulekayo wukuthi isigxivizo saKwaMaster of the High Court kulezi zincwadi kwakungesomkokotelo. Kanti odabeni loMgai Deeds of Trust ebhalwe umhla zingama-24 kuNcwaba wezi-2013 naleyo ebhalwe mhla zili-11 kuNhlangulana wezi-2013 anezibalo zamalungu eTrust ezingalingani kodwa ezinosihlalo oyedwa okunguMnu uShaka Msani.
“Ngaphinde ngabona okungahambi kahle mayelana nesivumelwano sokudayiselana ngepulazi likamoba iBeneeva phakathi komnikazi walo neMgai Trust,” kuqhuba isitatimende. UGarvin uthi ngokwalesi sivumelwano umnikazi wepulazi iBeneeva yize wayesekhokheliwe kodwa usazoqhubeka ahlomule ngenzuzo yesivuno sikamoba otshalwe kulo. Nokuthiwa kuzomele imali yokuwaqasha kubammeli bakwa-Alexender Incoporated bona bese bekhokhela iKwaMgai Community Trust.
“Kodwa kwavela ukuthi ngomhla zingama-30 kuMfumfu wezi-2010 le mali yokuqashisa ngeBeneeva Farm yayingena ku-akhawunti kaMnu uShaka Msani owayengusihlalo weTrust,” kufundeka isitatimende sikaGarvin oqhuba athi le mali ebifakwa ngokungemthetho ku-akhawunti kaMsani iqhubeke kwaze kwaba ngumhla ziyisi-6 kuNhlolanja ngowe-2013.
“U-Advocate uMbili wabe eseyalela inkampani yabameli i-Alexender Incoporated ukuba iyibuyise le mali obekuthiwe ifakwa esikhwameni saKwaMgai Community Trust kuze kube kulungiswa izinkinga ngamaphepha oMgai Community Trust,” kuqhuba uGarvin.
Uqhuba uthi okunye akuthola ophenyweni lwakhe ukuthi ngomhla zingama-25 kuNcwaba wezi-2009 kuya mhla zingama-22 kuNdasa wezi-2012 kunemali eyizi-R847 500.00 eyakhokhelwa amalungu eTrust. Nokuthi ngomhla zingama-31 kuNcwaba wezi-2009 kuze kube ngumhla zili-19 kuMbasa wezi-2010 kunesheke lezi-R444 000.00 elashintshwa.
“Futhi kunemali eyizi-R10 000.00 eyafakwa ku-akhawunti kaMnu uSandile Dlamini ngomhla zingama-31 kuNcwaba wezi-2009. Yize ingaveli imininingwane yomuntu owayifaka kodwa inombolo yocingo ebhalwe esitatimendeni sasebhange kwakungekaShaka Msani,” kuqhuba uGarvin esitatimendini sakhe.
UDlamini wayeqashwe nguMnyango njengeProject Manager kanti futhi nguye okhonjwa kakhulu ngomunwe kule nkohlakalo. UGarvin uthi uphinde wathola ukuthi ngomhla zili-15 kuMfumfu wezi-2013, uMnu uDlamini wesulile emsebenzini. Nokuthi uShaka Msani washona ngomhla zi-3 kuZibandlela wezi-2013.
“Kuyacaca ukuthi ipulazi iBeneeva latholakala ngobugebengu njengoba uMnyango iRDLCC owenza isivumelwano sokulithengela abaKwaMgai Trust wasenza kanye kanye nesaKwaShozi Trust. Nokuthi izincwadi ezahanjiswa eMnyangweni zohlu lwabantu ababefake izicelo zokubuyiselwa umhlaba kwakungezomgunyathi, oholele ekutheni uMnyango uchithe izi-R45 015 000.00 uthi uthengela umphakathi wakwaMgai amapulazi,” kuphetha isitatimende sikaGarvin.