Amaqembu aphikisayo azincinza inqulu ngesinqumo seNkantolo
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
AMAQEMBU aphikisayo athi liphume nobomvu ngesinqumo sayizolo seNkantolo eNkulu iNorth Gauteng ethe owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma kumele iphume ephaketheni lakhe imali yokukhokhela izindleko zecala lakhe lenkohlakalo. Inkantolo ibuye yanquma ukuthi owayenguMengameli akhokhe nemali esisetshenziswe uhulumeni ngamacala akhe.
Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uMmusi Maimane obesenkantolo uthe yikhwelo labo okudala balenza ukuthi uZuma abhekane nezindleko zamacala akhe. “Namuhla abantu baseNingizimu Afrika bathole ukunqoba okukhulu. Njenge DA besihlale sikusho ukuthi kuyiphutha okwenziwa wuMengameli uMbeki ukuba anqume ukuthi abantu bakhokhele uZuma emacaleni akhe,” kusho uMaimane.
Uthe noMengameli uCyril Ramaphosa kwakumele aqede ngalesi sivumelwano ngokushesha kodwa esikhundleni salokho waqoma ukuqhubeka naso esiza uZuma. “IDA izibophezele futhi izoqhubeka nokufaka ingcindezi yokuthi kwenziwe ubulungiswa kuwona wonke amazinga kahulumeni,”.
I-Economic Freedom Fighters ngomlomo kaDkt uMbuyiseni Ndlozi ihambe emazwini eDA incoma isinqumo senkantolo ikugcizelela ukuthi kwasekuqaleni kwakumele uZuma azimele emacaleni akhe. I-ANC ithe iyasamukela isinqumo senkantolo futhi ikusho lokhu ngokuhlonipha umthetho nezinkantolo. IPhini likaMengameli wamaJaji u-Aubrey Ledwaba likhipha isinqumo lithe umbuso awunaso isibopho sokukhokha izindleko zecala ezadalwa uZuma ngokwesiqu sakhe emacaleni enkohlakalo. ULedwaba uthe ngisho noma ngabe iziphi izindleko ezincikene namacala akhe umbuso akukho lapho uthinteka khona ngakwezezimali. “Isinqumo esathathwa iHhovisi likaMengameli nommeli wombuso sokuhlangabezana nezindleko zecala likaZuma asikho emthethweni futhi siyachithwa”.
Eqhubeka nesinqumo sakhe uLedwaba uthe ummeli wombuso kumele abheke zonke izindleko ezidalekile kulolu daba, bese ethatha izinyathelo zokubuyisela emuva yonke imali ekhokhwe wumbuso ngamacala kaZuma. Kuze kube yimanje umbuso usukhokhe imali ephakathi kwezigidi ezili-15 kuya kwezingama-32 ngezindleko zamacala kaZuma, futhi uthe uzoqhubeka nokweseka ngezimali abameli bakhe kuze kube kubuyekezwa isivumelwano esenziwa ngowezi-2008.
Lolu daba lwafakwa enkantolo iDA ne-EFF eyacela ukuba kuphenywe ukuthi kusemthethweni yini ukuthi uZuma akhokhelwe wumbuso ngecala lakhe lenkohlakalo umbuso uphinde ubheke ukuthi yimalini esisetshenzisiwe ngamacala nokuthi imali lena ingabuyiselwa kanjani emuva. Ngasekuqaleni konyaka uZuma wathi akasenayo imali yokuqhubeka nokukhokha. Owayengummeli wakhe uMichael Hulley osewaxoshwa wathi ngaphandle kosizo lwezimali lukahulumeni uZuma angeke akwazi ukuqhubeka nokulwa eyamacala akhe enkantolo. UZuma usenethimba elisha labameli. Esivumelwaneni asenza neHhovisi likaMengameli wazibophezela ngokuthi uzoyikhokha yonke imali asizwa ngayo uma kuwukuthi ulahlwa ngamacala.
Amacala Ubhekene namacala ali-16 enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushintshisana ngemali Amacala asukela ekukhokhelweni okumayelana nezivumelwano zokuthengwa kwezikhali okwenzeka ngesikhathi esenguMphathiswa Wezomnotho Nezokuvakasha KwaZulu-Natal. Lama cala ahoxiswa ngowezi-2009 abuye avuka ngowezi-2018.

