Now Reading
Ingcindezi iholele ekuboshweni kwezidlova kokaMadiba
Dark Light

Ingcindezi iholele ekuboshweni kwezidlova kokaMadiba

INGCINDEZI yomphakathi ukhala ngobudlova nangokuzithela ngabandayo kwamaphoyisa emcimbini iGlobal Citizen Concert ngesonto eledlule kuphoqe uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uMnu uBheki Cele ukuthi ethule isitatimende kwabezindaba.

Ekhuluma nabezindaba uNgqongqoshe akakufihlanga ukungenami kwakhe ngokungami ngmumo kwamaphoyisa ngesikhathi kwenzeka lezi zigemegeme zokudunwa nokuqolwa kwababehambele idili lomculo.

“Angikusho ukuthi okwenzeka sasingakuhlelele ngakho kwasehla ngaphezulu. Igaraji abantu ababanjwa kulo inkunzi liqhele ngamakhilomitha ama- 3 enkundleni. Nokho ngalokho angisho ukuthi ukuphepha kwabantu kwakufanele kushaywe indiva. Ukuphepha kwabantu noma ngabe bakuphi kuyilungelo elikumthethosisekelo kanti lowo yiwona msebenzi wamaphoyisa,” kuchaza uMnu uCele oqhubeke wadalula ukuthi sekuboshwe abantu abayi-15 mayelana nezigameko zobudlova ezenzeka ngaphandle kwenkundla iFNB.

Okubukeka kube yingcindezi enkulu kuNgqongqoshe yizithombe obekushintshiswana ngazo ezinkundleni zokuxhumana zidalula ububi besimo izibukeli ezasezigoduka ezazithola zibhekene naso ngenxa yobugebengu. Okwesibili wuhlonze lomcimbi kwazise kwakungowokuhlonipha uDkt uNelson Mandela. Okwenzeka ngaphandle kwenkundla kuyawungcolisa umcimbi kanti sikhona nesifiso sokuthi leli khonsathi liphinde libanjelwe kuleli ngesikhathi esizayo. Ubudlova obenzeka bungawalimaza amathuba okuthi lokho kwenzeke

Iningi lababanjwa inkunzi kuhlonyiwe yilabo ababelindele izinto zokuhamba bemi egalaji lakwaSasol elingaphandle kwenkundla iFNB. Bayasibabaza

isiphithiphithi esasilaphaya abantu bezama ukubalekela izigelekeqe ezazingezwile zibamba abantu inkunzi ziyifuna la imali. Omunye wofakazi akade bekhona kusuka lesi sixakaxaka ukhale kakhulu ngokungabi bikho kwamaphoyisa ukunqanda isimo ebesiya ngokuba sibi.

Ezikhulumela uthe; “Bekuyiqembu lamadoda obungawabalela kwayisikhombisa abecusha phakathi kwabantu abebephuma edilini lomculo bebagcweleza bebakhombe ngezibhamu nangemimese. Bekuyisimo esesabisayo,” kusho ufakazi ongazidalulanga igama.

Lowo onguNsumpa weJohannesburg Metropolitan Police Department uMnu uWayne Minaar udalule ukuthi amaphoyisa akhe abesebenza ngokubambisana ukunqanda ubugebengu neSouth African Police Service (SAPS) kodwa wabalula ukuthi inkinga yabo kube yisiphithiphithi sezimoto obekufanele bazilawule sekuphunywa enkundleni iFNB.

See Also

Kanti lowo oyiSikhulu Esiphezulu Sokuphathwa Kwenzinkundla eNingizimu Afrika uMnu uJacques Grobbelaar uthe abeSAPS neGlobal Citizen bebematasa ngaphakathi emcimbini ukuze kuvikeleke izicukuthwane nezinhloko zemibuso ezingama-58 ebezihambele leli dili lomculo.

UGrobbelaar uwusole kakhulu umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ngokuthi kuthi uma kuphela umcimbi avele ashiye kanjalo ngaphandle kokuzihlupha ngokuphepha kwabantu akade bezolalela umculo. Uthe lokhu kuphambene nenqubo yokusebenza ngokuyikho kwamaphoyisa.

Baningi abantu abebehambele lo mcimbi abakufakazile ukuthi ezokuphepha zazingaqinile neze kuleli khonsathi.

Ephetha inkulumo uCele uthe okwenzekile kubanikeze isifundo njengombutho wezamaphoyisa. Wethembise ukuthi bayoqikekela ngomuso.

Scroll To Top