Now Reading
Umlimi usabisa ngokudiliza isikole epulazini
Dark Light

Umlimi usabisa ngokudiliza isikole epulazini

EMUVA kweminyaka engama-24 ukucwasa nokuhlukunyezwa kwaboHlanga kusadla lubi eNingizimu Afrika ikakhulukazi emapulazini lapho aboHlanga beseyizicelankobe zabaMhlophe.

Izigameko zokuhlukunyezwa kwaboHlanga zisabikwa zinsuku zaphuma emapulazini, abenzi balokho baboshwe babuye badedelwe ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani.

Udaba lokuchitshiyelwa koMthethosisekelo okuzogunyaza uHulumeni ukuthi athathe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngolunye oluyiva elingabanguleki emapulazini njengoba umhlaba omningi namuhla ongamapulazi wathathwa kubantu ababakhe kulezi zindawo.

Enye indawo ubandlululo olusadla lubi kuyo kuse-Utrecht, Emadlangeni okungamapulazi athathwa kwaboHlanga eminyakeni edlule bagcina sebesebenza kuwo besebenzela abaMhlophe.

Umphakathi walapha usakhungathekile ngesinyathelo somunye wabalimi bendawo omemezele emphakathini ukuthi ufuna ukudiliza isikole esisepulazini lakhe.

Lesi sikole samabanga aphansi iRooiwal Primary School sineminyaka saba khona futhi sesikhiqize nabantu abaningi kule ndawo njengoba namuhla lo mlimi owaziwa ngoHugo esekhuluma eyokusidiliza.

Ngaphandle kokuba yisikole, umphakathi walapha ubuye usisebenzisele ukwenza izinto eziningi njengoba kubuye kubanjwe izinkonzo zomgcwabo, imihlangano yomphakathi, kanti uma kuvotwa sisetshenziswa njengesikhungo sokuvota.

Umphakathi wendawo okhulume neBAYEDE wacela ukuba amagama awo agodlwe ngoba usaba ukwenzakaliswa yilo mlimi uthe ukhathazekile ngokuthi isikole sawo seminyaka sizodilizwa.

“Asazi ukuthi izingane zethu sezizofundaphi uma isimo sinjena. Lesi sikole kuningi esisiza ngakho siwumphakathini ngoba ngisho kufike abezempilo nomtholampilo ongumahambanendlwana bafikela kuso,” kuzikhalela elinye ilungu lo mphakathi.

Leli lungu lomphakathi lithi kulesi sikole kubuye kubanjwe imihlangano kaHulumeni yohlelo lweSukuma Sakhe lapho wonke umuntu ekwazi ukufinyelela kalula khona.

Uthe badunyelwa amakhanda njengabazali ngoba abazi ukuthi uma kwenzeka lo mnikazi wepulazi eqhubeka nalokhu akushoyo izingane zizophuma ziyephi.

Omunye okukhulunywe naye uthe le nto efuna ukwenziwa yilo mlimi iphambene noMthethosisekelo wezwe nelungelo lezingane lokufunda.

Uthe bayafisa lolu daba lufinyelele kwabaphethe ezemfundo esifundazweni ukuze lulungiswe kungaze konakale. Imizamo yaleli phephandaba yokuthola ukuphawula kwaboMnyango Wezemfundo ayiphumelelanga.

See Also

Umphakathi walapha uzolahlekelwa kakhulu uma lesi sikole sidilizwa ngoba kukhona abasebenza kuso njengoba izinga lobuphofu liphezulu kule ndawo.

Oyikhansela kule ndawo uMnu uMadi uthe okushiwo umlimi ngesikole kuyinto embi kakhulu futhi ezolimala umphakathi.

UMadi uveze nokuthi uMnyango Wezemfundo esifundazweni kumele ungenelele uvimbe lo mhlola ungakenzeki ngoba isikole siwusizo olukhulu emphakathini. Izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu basemapulazini ngabalimi azizintsha KwaZulu-Natal.

Eminyakeni edlule umlimi kwelinye ipulazi eBulwer wathungela ngomlilo amathuna amadala emindeni epulazini ethi ipulazi walithenga futhi ngesikhathi esayina izincwadi zokulithenga akatshelwanga ukuthi linamathuna.

Maphakathi nesifundazwe umlimi walunywa imfene yomnikazi wepulazi eya esikoleni, nalapho azikho izinyathelo ezathathelwa umnikazi wepulazi kodwa waveza ukuthi isikole sakhiwe ngaphansi kwendawo yakhe.

EXobho umlimi wafaka esihluthu imoto eyayilayishe abantu basemapulazini abali-16 ngoba ethi abafuni ukuphuma epulazini lakhe ayeselithengile kumqashi omdala ababemsebenzela.

Scroll To Top