Now Reading
URamaphosa uchazele i-European Union ngelomhlaba kuleli
Dark Light

URamaphosa uchazele i-European Union ngelomhlaba kuleli

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa kudingeke achazele izithunywa zamazwe engqungqutheleni ye-European Union (EU) ngohlelo lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ukuthi luzoba namthelela muni kwamanye amazwe nasebudlelwaneni nabatshalizimali. URamaphosa ukhiphe amangwevu echaza ngokuthi uhlelo lonke luzokwenziwa ngokulandela uMthethosisekelo wezwe futhi abekho abazonyathelwa amakhona uma uhlelo seluqala. Impendulo yakhe ibibhekwe ngabovu yizazi zomthetho nabatshalizimali njengoba udaba lomhlaba kubantu bangaphandle kwakuleli baluhumusha ngokuthi kuhloswe ngalo ukuthatha umhlaba kwabaMhlophe ukuze basale dengwane bagcine ngokushiya ezweni njengoba kwenzeka eZimbabwe. URamaphosa uthe uhlelo lonke luzohlonipha amalungelo abantu baseNingizimu Afrika.

Ubuye waqinisa idolo abanye abaholi bamazwe ase-Europe ababhekene nengwadla yokuthutheleka kwabantu abaphuma emazweni abo bezofuna impilo engcono kuwo ukuthi ababodwa nase-Afrika kunesimo esifanayo. Ethula inkulumo ePhalamende le-European Union, eBrussels uphonsele inselelo laba baholi ukuba basebenzisane ne-Afrika ekutholeni umnyombo wokubaleka kwabantu emazweni abo bathutheleke kwamanye. Kulezi zinsuku uRamaphosa usohambweni lombuso e-Europe lapho ebuye waba nguSihlalo womhlangano i-7th South African-European Union ngokubambisana noMengameli we-European Council, uMnu uDonald Tusk, noMengameli we-European Commission, uMnu uJean-Claude Junker. Lona ngumhlangano wokuqala omkhulu phakathi kwamazwe kusukela ngowezi-2013.

Ezinye izindaba ezidingidiwe kulo mhlangano kube ngezithinta ubudlelwane bamazwe kwezepolitiki kanye nezindaba ezithinta amazwe omhlaba. URamaphosa utshele izithunywa ukuthi i-Afrika nayo ithwele kanzima ekulawuleni ukuthutheleka kwabantu bangaphandle abangena ababeleka kwawawo ngezimo ezehlukene. “Esidinga ukukwenza ukungena ezimpandeni zalokhu ngoba okunye kwakho ububha, ukungalingani, ukuntula imisebenzi, ukushiywa ngaphandle kwezomnotho nokubanga amathuba nengqalasizinda yalokho okuncane okusuke kuhlinzekwe umphakathi.” I-United States of America, iFrance ne-Italy ngamanye amazwe abhekene nengwadla yokutheleka kwabantu bokufika bengena ngemikhumbi ngaphandle kwezimvume. Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano eBrussels, izolo kutheleke iqulu lababaleki abalinganiselwa ema-400 emingceleni yase-USA besuka eMexican City, eGuatemala nase- El Salvador. Ababaleki bahambe emazwini kaRamaphosa bethi emazweni abo baxoshwa indlala nodlame.

See Also

UMengameli uDonald Trump uthi ababaleki bafika nobugebengu nezifo. Ukuhambela kukaMengameli uRamaphosa lo mhlangano kuthathwa njengengqophamlando ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika yilona kuphela izwe elise-Afrika elinobudlwene ne-European Union kuleli zinga. Ngaphambilini iqhaza leNingizimu Afrika ku-EU belingabonakali ngoba ibiba yizethameli ithathwa njengezwe elintulayo kepha manje isibamba iqhaza elikhulu ezingxoxweni ezithinta ezomnotho, ezohwebo nenhlalakahle. Udaba lokukhuliswa komnotho njengoba luseqhulwini kulo mhlangano wamazwe uRamaphosa usebenzise ithuba ukukhangisa ngelakuleli njengesizinda sabatshalizimali wathi lokho kungaphansi kwezinhlelo zakhe zokudala amathuba emisebenzi nokutshala izigidigidi emnothweni wezwe eminyakeni emihlanu ezayo. Umhlangano ubuye wadingida nangokuguquguquka kwesimo sezulu nangamalungelo abantu.

Scroll To Top