Now Reading
Iyasabalala imvunge yokuthi uKhabazela uyalandela
Dark Light

Iyasabalala imvunge yokuthi uKhabazela uyalandela

UKHONA okufufusayo nokungahle kwenze iqembu elibusayo libe sobishini. Leli phephandaba selingayiqinisekisa imvunge ekhona kwamanye amalungu aleli qembu nokungathi uma ingasabalala yenze imizamo yokubuyisana kanye nobunye iphazamiseke kokunye ize ivuse nobuhlanga. Engxoxweni leli phephandaba elibe nayo namalungu ale nhlangano asezinhlakeni kuzwelonke kanye nakusifundazwe iKwaZulu-Natal kuvelile ukuthi akuhambi kahle. Lokhu kubukeka kuwumvuka wemiphumela yaseNasrec nokwaphetha ngokuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal esabe sinezithunywa eziningi sibuye silambatha. Ngokwalabo abakhulume naleli phephandaba uMengameli we-African National Congress (ANC) uRamaphosa uqhuba iqhingasu elijulile lokugudluza bonke laba acabanga ukuthi bangahle babe yisithiyo. Bathi ubuchule bakhe wukuthi uRamaphosa ulinono akabadli yena laba kepha ubasasazela ngophenyo abakhiphele ngaphandle.

“Sibhekene nento enzima nokungathi uma ingalawuleki isiqhathe isiqede. Amaqabane amanye aseyaqala ukuyibona le nto yokuthi kunabaholi abathile ikakhulukazi abavela KwaZulu-Natal abazokhahlelwa. Ngeke lokhu kwenzeke ezinhlakeni zeqembu ngoba abanye banamadla kepha kuzosetshenziswa izinhlaka zikaHulumeni kanye namaKhomishini ukuninda amaqabane athize,” kusho lo mthombo. Kusuka aba nguMengameli wezwe uMnu uRamaphosa sekube namaKhomishini kanye nezigcawu ezehlukene nezihlose ukubheka izinto ezingahambi kahle ezinhlelweni naseminyangweni ethize kaHulumeni. Phezulu eqhulwini yiKhomishini kaMehluleli uZondo ebheka ukugwamandwa kombuso, ikhona nebheke ukusebenza kwakwaSARS eholwa nguMehluleli uRobert Nugent. Kuthangi lokhu wethule entsha ezobheka ukusebenza kwePublic Investment Corporation (PIC) nezoholwa nguMehluleli uLexi Mpati. Kulokhu omunye umthombo uthi inhloso kaRamaphosa wukungazingcolisi kepha akhuculule abathize khona uma esephatha ngonyaka ozayo akhethe abafunayo ukuze inqola iqhutshwe nguye. “UGigaba unezakhe kepha kulokhu kwamanje kumele ubuke ngeso elibanzi okwenzakalayo. Iningi lisambuka njengomuntu kaZuma okumele agudluke.

URamaphosa akafuni-ke ukuzingcolisa kunalokho uzokwenza lokhu okwenzeka kuNene, ukukuphanyeka kuKhomishini bese ekuyekelela kwabezindaba emuva kwalokho uziyekela wena.” kusho lo mthombo. Okunye okuvelayo kulabo okukhulunywe nabo wukuthi maduze nje ongahle abhekane nengcindezi emuva kukaGigaba kuzoba nguDkt uZweli Mkhize nobhekwe njengomuye wabaholi ‘abayingozi’ ngokuba namava. Kulokhu umthombo uthe: “UKhabazela yize akhetha ukugijima yedwa eNasrec iqiniso lithi khona lokho kuyinkinga. Siyazi ukuthi ozochonywa othini emuva kukaGigaba nguye njengoba sekuputshuzwa izindaba ezithi wayembobo odabeni lweVBS njengowayephethe isikhwama ku-ANC.

Nakhona ophenyweni ngePIC kukhona abantu abazophanyekwa. Lapha akukhathaleki ukuthi unecala noma cha okubalulekile wukuthi usunobende lolu osunindwe ngalo,” kusho lo mholi osePhalamede kuzwelonke. Bonke bavumelene ngokuthi uMkhize kungenzeka angabi lula njengoNene noGigaba. Kuyavunyelwana ukuthi amava akhe amenza abe kwelinye izinga kepha bakuqinisekisile ukuthi maduze nje umkhonto uzokhomba ngakuye. Zisagadulisana kuyiwa eNasrec kwake kwaqhamuka izinsolo ezishaqisayo ngoDkt uMkhize nezabuye zashabalala. Ebhukwini elisihloko sithi ‘Kill Zuma by Any Means Necessary’ uMnu uGayton McKenzie wagagula uMkhize njengomuntu owayezama ukudlisa uMnu uJacob Zuma ushevu; “Lokhu kungibeka esimweni lapho kufanele ngiqondise khona izinto futhi kucace ukuthi kwaba nguZweli Mkhize owasolwa ngokuthi enze izincomo ngokudla okuzonikwa uMengameli uZuma,” kusho uMcKenzie.

See Also

UMkhize uke wasolwa ngokuba nevenge kwaPIC nokuyinto ayiphikayo. Kulokhu kuthiwa uKhabazela wafuna ivenge lezigidi ezi-R4.5 emuveni kokukhongela inkampani kawoyela kuPIC. Lolu daba waluphika uMkhize wathi: “Izinsolo ngesamba esiyizigidi ezi-R4.5 zentshontsho noma ‘umvuzo wokugqugquzela’ okufanele ngabe ngiyawufuna ngenxa yemalimboleko eyagunyazelwa inkampani i-Afric Oil yiPublic Investment Corporation kuyimbudane nje engihlinzela ezibini. Angikaze ngigqugquzele imizamo yokuthola leyo malimboleko futhi angikaze ngifune ‘umvuzo wokugqugquzela’ kule nkampani. Angikuthandi mpela ukuba kuhudulwe igama lami lifakwe odabeni engingangeni ngalutho kulona,” kusho yena. Ngaleso sikhathi wathi uzofaka abameli kulolu daba kwaba wukuphela kwalo emehlweni abantu.

Okunye imithombo evumelana ngakho wukuthi uma kuthintwa uMkhize kuyobe kudlalelwa ezandleni zalabo abathi kunemizamo yokuqinisekisa ukuthi iKwaZulu- Natal ayivuki njengoba yaguqa eNasrec nokunokusaba ukuthi uma sekuba nengqungquthela eminyakeni emine ezayo ingahle ibuye isilubhememe. UMkhize ngomunye wabantu ngaphandle kukaDkt uMaDlamini Zuma okubhekwe ukuthi uma uMabuza onguSekela Mengameli egudluzwa njengoba nalokho kukhuluma kwanda kubukwe kubo ukuze kuqinisekiswe ukubuya kwesifundazawe iKwaZulu-Natl kupolitiki ye-ANC kuzwelonke.

Scroll To Top