Now Reading
UGigaba: Ngabe zimhlabe inxeba zamlandela noma zibhajwe kweziludlayo?
Dark Light

UGigaba: Ngabe zimhlabe inxeba zamlandela noma zibhajwe kweziludlayo?

AKUVAMILE ukuthi ezweni uNgqongqoshe adume kwabezindaba ukwedlula uMengameli wezwe. Emasontweni amathathu edlule yilokho okwenzakele eNingizimu Afrika ngesikhathi uMhlonishwa uMelusi Knowledge Gigaba eba ngundabamlonyeni. Lo mholi oke wahola uPhiko Lwentsha lukaKhongolose uVukayimbambe ube sematheni ezinyangeni ezimbili ezedlule nokube sekuqina kakhulu kuleli sonto.

Ephawula ngezinye zezigemegeme zikaNhlangothi lowo amqoke njengomkhulumeli wakhe uMnu uVuyo Mkhize wakhe isithombe sokuthi lo mholi ulandelwa ngabathile ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi sakhe. UMkhize ephawula ngodaba lwevidiyo ebonise uMhlonishwa engekho esimweni esihle (enqunu) uthe empeleni le vidiyo yatholwa ngokungemthetho ocingweni lukaGigaba nasola khona iState Security Agency (SSA) okungolunye uPhiko lobunhloli lukaHulumeni.

Khona lapho uMkhize uqhubeke wathi, obe esesabalalisa le vidiyo ngomunye wabaholi beqembu eliphikisayo: “Ividiyo i‘@mgigaba’ yaputshukiswa wumholi weqembu eliphikisayo owayithola kuMhlonishwa weqembu lakhe eMzimkhulu naye ayeyithole kumlisa owake walumbaniswa nemizamo eyabhuntsha yokuhlaza uNgqongqoshe kuzo zonke izinkundla zokuxhumana kodwa okungaphumelelanga,” kusho uMkhize.

Okunye okuvezwe nguye uGigaba luqobo wukuthi bekukhona abafuna ukumqola imali ngale vidiyo lokhu okuvele ngesikhathi ebhala ezinkundleni zokuxhumana lungakaphumi udaba lwevidiyo: “Mina nomkami sathola, ngokuzisola nangokudabuka, ukuthi ividiyo equkethe okumayelana nocansi, okwakuqondene nathi kuphela, okwabe kuntshontshiwe ngesikhathi ezokuxhumana eziqondene nami zinqindwa ngokungekho emthethweni, ucingo lwami lwathwetshulwa ngowezi-2016/17 kuzungeza kwabanye osopolitiki. Le mizamo yokunginyundela kanye nokuthwetshulwa nokunqinda ngokungekho emthethweni ezokuxhumana zami/ukuthwetshulwa kocingo lwami sekubikiwe kwabomthetho nasezinhlakeni zobunhloli futhi sengitsheliwe ukuthi uphenyo ngalokhu luyaqhubeka…” kusho uNhlangothi

Usizi luzwa olunye

Lokhu akukhona kodwa okubhekene nalo mholi kepha impi enkulu yileyo embeka njengeqola nomkhohlisi. Uqale wasolwa ngokuba ngubhongoza ekungeniseni umndeni osuphenduke iqaqa wakwaGupta nokuthiwa lokhu wakwenza ehlandleni lakhe lokuqala njengoNgqongqoshe WezaseKhaya. Inhlangano engekho ngaphansi kukaHulumeni i-Organisation for Undoing Tax Abuse (OUTA) ithi inobufakazi obuqandula ikhanda bokuthi uGigaba ungubhongoza ekufakeni abakwaGupta kuleli nabathi lobu bufakazi buveza ubudlelwano obunzulu nobabunhloso yabo kuwukuqola imali yezwe. Ngokwale nhlangano uGigaba wayenezimpaka zakhe emnyangweni nayezitshale eNew Delhi e-India nokwakuyizo ezabe zihlelembela abakwaGupta. Olunye utwayi olumlandelayo uNhlangothi ngoluthinta ukududulana nabemboni yezokuvakasha ngesikhathi kuphasiswa umthetho owabe uphathelene nezincwadi zokuvakasha (visa). Lapho wathukwa esidlangalaleni yilowo oyiSikhulu Esiphezulu (Chief Executive Officer) seSouthern Africa Tourism Services Association (Satsa) uMnu uDavid Frost nowathi: “UMelusi Gigaba ungumhubhuzi wamanga futhi usekukhombisile lokhu izikhathi eziningana. Pho kungani kufanele simethembe noma sizihlanganise naye? Ukukhula komnotho wezwe kubanjwe ngobhongwane. Sekuyisikhathi sokuba uMbulali Wezokuvakasha ahambe, futhi uMengameli kufanele enze ngendlela efanayo engenziwa kuso sonke isisebenzi sokuba sixoshwe uma singawenzi ngendlela umsebenzi waso.”

Kuthangi lokhu uMvikeli Womphakathi umveze uNhlangothi njengomuntu ongumkhohlisi odabeni oluthinta inkampani iFireblade Aviation nokusebenza kwayo e-OR Tambo International Airport. Embikweni wakhe u-Advocate Mkhwebane uthe uGigaba waqamba amanga phezu kwesifungo. Khona lapho uMvikeli Womphakathi uyalele uMengameli kanye nePhalamende ukuba baqondise ubugwegwe uGigaba.

“UMengameli kufanele abikele uMvikeli Womphakathi ngasekwenzile ezinsukwini ezingama-20 kanye noSomlomo WePhalamende ezinsukwini ezingama-30 abe esethula kuMvikeli Womphakathi ngohlelo oluzolandelwa lwezinyathelo ezizothathwa ukubhekana nokuphontsha enkambisweni yokuziphatha kukaNgqongqoshe.”

Okungale

Yize kukhona iminwe ekhomba uGigaba kepha kukhona nabanombono wokuthi lo mholi uyiva kuRamaphosa nabathile kuKhongolose ngakho kumele abangulwe. Kulabo abacabanga kanjalo uGigaba uyinkinga ngoba ungomunye wongqongqoshe abanamava nasebehlale isikhathi eside kuHulumeni kanye nasezinhlakeni zikaKhongolose. Omunye umthombo okhulume naleli phephandaba uthe uGigaba ufela uZuma . “Uzokhumbula Nkokheli ukuthi uMelusi ungomunye wabantu abasasele kulabo ababethathwa ngokuthi beseka uZuma. Manje bafuna ukuqeda ngaye. Akathandwa ngisho ngakubo KwaZulu-Natal ngoba kukhona abantu abathi uma eba nesizinda uzoba yinkinga,” kusho umthombo.

Leli phephandaba likhulume noMnu uVuyo Mkhize mayelana nesinqumo sakamuva soMvikeli Womphakathi kanjalo nangokuhumusha kwakhe lokhu okukake uGigaba. UMkhize akananazanga ekusoleni umgqakazo:

“Kukhona abathize asebenqumile ukuthi uNhlangothi kumele kushaye ukhetho engasabalwa ngisho ohlwini lwabazoya ePhalamende, angikhulumike ekubeni nguNgqongoshe. Izwe lonke liyabona ukuthi zimkakile uGigaba zehlulwa nje wukuthola inxeba. Kuqale udaba lwabakwaGupta nokuthe uma sekuvela ukuthi empeleni lo mndeni wanikwa izincwadi zemvume engakabi bikho uGigaba kwathula. Kuthe kusenjalo nakhu sekuqhamuka le yevidiyo nebithi iyaqeda ngesithunzi sakhe. Okwakamuva kuyasolisa ngoba ithimba likaMnu u-Oppenheimer lenze izethulo ePhalamende kwasa ngakusasa uMvikeli Womphakathi esekhipha isinqumo ngodaba okusobala ukuthi njengalolo lwakwaGupta alumthinti uGigaba,” kusho uMkhize.

See Also

Ngomthombo oseMnyangweni kaGigaba leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi uGigaba uzowukhiphela inselelo umbiko woMvikeli Womphakathi ngoba kukhona okungahlangani.

“Uma ubuka amaphepha asenkantolo kanye nencwadi ebhalwe nguNicky Oppenheimer uyathola ukuthi uGigaba wayengenawo ngisho amandla okunika igunya ngoba lolu daba luthinta iminyango eyehlukene,” kusho umthombo.

Kulabo abeseka uGigaba kulolu daba kukhona abasola uSolwazi uHlengiwe Mkhize nowathatha ngesikhathi kunesinqumo senkantolo encane eyabe ithe uGigaba akakhulumanga iqiniso ngodaba oluthinta umsebenzi wase-OR Tambo.

“Umuntu owenza uGigaba ananyathelwe yilokhu nguqabane uHlengiwe Mkhize. Kwathi lapho kuphuma isinqumo uGigaba waqala uhlelo lokusedlulisa kanti uzosuswa emnyangweni kwasekungena omunye uNgqongqoshe (uSolwazi uMkhize) nokwathi ngisho elwedlulisa udaba washiya le ngxenye engoGigaba. Lokhu kwabe sekuvala iminyango kepha uphawu lokuthi uGigaba unamanga lwasala,” kusho omunye umthombo.

Noma ngabe yini eyenzakalayo ngalo mholi, okusobala wukuthi kukhona abangamnambithisisi. Isithombe esigqamayo ngesomholi ongathembekile. Ngakolunye uhlangothi akulindelekile ukuthi uGigaba alale engandlalelwe ngoba ubukeka ekuqonda ukuthi uma esinde kulokhu kuyobe kusho ukuthi useyinkunzi emidwayidwa. Kupolitiki yaseNingizimu Afrika impelasonto nenyanga yizikhathi ezinde nokungenzeka noma yini kuzo. uGigaba njengabantu baseNingizimu Afrika ulindile ukuthi liyosa kunjani.

Scroll To Top