UMhlonishwa uDube-Ncube nolimi olumbaxambili



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
ElaboHlanga lithole ukuthi izincwadi ezethunyelwe koMasipala ababili ngodaba olufanayo ziyashayisa
Esikhathini esingaphansi kwenyanga lowo ophathiswe izindaba Zokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube usethumele umlayezo obukeka ushayisana. Lokhu sekwenze kwaqubuka izinkulumo ezithi uyenzelela nokuthi kukhona ‘angamfuni’.
Lo mlayezo ukhuluma ngesikhundla esifanayo okungeseMeneja kaMasipala. Incwadi yokuqala uyibhale mhla zili-13 kuZibandlela ngowezi-2016 eyibhalela iMeya yaseBaqulusini uMnu uMartin Mtshali. Kule ncwadi esihloko sithi ‘Objection on the process towards the appointment of the municipal manager at aBaqulusi Local Municipality’ uMhlonishwa uphikisana nokuqashwa yilo Mkhandlu kukaDkt uMthembu.
Emaphuzwini ayisikhombisa achitha ngawo uDkt uMthembu, uMhlonishwa uthi: “Izinga lokwazi umsebenzi elizuzwe ngumhlolwa (uDkt uMthembu) oseqashiwe luphansi.”
Lapha uMhlonishwa ukhumbuza iMeya ukuthi lokho kusho ukuthini. “NgokweSengezo A 6.1 Sezilawulo labo abasesigabeni sesisekelolwazi bathathwa njengabangakulungele ukwenza umsebenzi wemeneja ephezulu, futhi kufanele kuxwaywe ukukhuphulela esikhundleni esiphezulu nokuqasha lowo muntu,” kusho incwadi kaMhlonishwa.
Nokho uMhlonishwa esikhundleni esifanayo nesithinta isiFunda iZululand ube esesho okwehlukile. Encwadini ebikhuluma neyamukela isiphakamiso esilethwe yiMeya yaseZululand Inkosi uMzamo Buthelezi. Lesi siphakamiso besimayelana nokuqashwa kukaMnu uSB Nkosi.
Kule ncwadi elaboHlanga elinayo, uMhlonishwa uthe “umhlolwa onconyiwe wedlule ekuhlolweni ulwazi okutholakale ukuthi unolwazi oluphansi lokuhola noluyingqikithi. Umhlolwa onconyiwe (uNkosi) kufanele anikezwe ithuba lokuthuthuka mayelana nolwazi lokuhola noluyingqikithi ngokohlelo lokwenza okugunyaziwe ukuze afeze lokho kuthuthuka. Ngalokhu, kuyelulekwa ukuthi uhlelo lokuthuthukisa umuntu lulungiselelwe uMnu uNkosi ukuze ahlome ngokwanele.
Akucaci ukuthi kungani uMhlonishwa engashongo noma aphakamise okufanayo ngoDkt uMthembu nokuthi kungani evula umnyango kumuntu owehlulwe ukuhlolelwa ulwazi. Isenzo sikaMhlonushwa uDube-Ncube sesivuse izinkulumo ezithi kungenzeka ukuthi ukwenza kwakhe kunenhlese yepolitiki kanjalo nenzondo ngoDkt uMthembu. Bobabili uDkt uMthembu noMhlonishwa uDube-Ncube banomlando wokuyisana ezinkantolo. Kuzo zonke iziqubu uMhlonishwa ukhale ngaphansi kusuka eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho ehlulwa nangesikhathi ebuyekeza icala. Kwathi nxa ehlukela lapho uMhlonishwa waphikelela eNkantolo eNkulu Yokudlulisa Amacala eBloemfontein nakhona waguqa.
Lolu daba lube selwedlulela eNkantolo YoMthethosisekelo nalapho iziqonga zabeHluleli zamkhipha phambili uDkt uMthembu.
IBAYEDE ikhulume nabantu abake baluhambela lolu hlelo lokuhlolwa nokugqame ukuthi empeleni akekho obuzwa ngomsebenzi awenzayo nosekuxaka ukuthi yini le engehlula umuntu onjengoDkt uMthembu oneziqu ezimbili zobudokotela esokuqala usithole kwaNgqondonkulu eWestville njengoDoctor of Administration ezesibili wazithola e-University of Zululand okuyiDoctor of Philosophy.
Kanjalo nokwehluleka kukaMnu uNkosi kanye nenqgwayingqwayi kwezokuphathwa koHulumeni Bezindawo uBiyela kushiya imibuzo. Oshicilelweni lwangomhla ziyisi-8 kuya zili-15 iBAYEDE ikhiphe udaba ngaphansi kwesihloko esithi “Okwenzeka eZululand kungase kuguqule umdlalo” nayilapho kuvele ukuthi uBiyela noNkosi babe nenkinga ngesikhathi kwenziwa inhlolokhono yezengqondo (psychological test) bobabili bakhale ngaphansi nokho ekugcineni kuthiwa uNkosi nguye ongase anconywe ukuba athathwe.
Konke okwabe kuhlonzwa yiBAYEDE kubukeka kushaya khona ngoba uMkhandlu waphakamisa kuMhlonishwa ukuba uNkosi aqashwe, nencwadi kaMhlonishwa isayinwe umhla ziyisi-9 kuMasingana wezi-2017.
Incwadi ethunyelwe eBaqulusini Incwadi ethunyelwe eZululand