Now Reading
UGodi uwuvalele ekhoneni uMnyango kaNxesi
Dark Light

UGodi uwuvalele ekhoneni uMnyango kaNxesi

LUYASHUBA udaba lokuqashwa kwesikhulu esibhekele izimali kuPublic Service Commission (PSC) njengoba kuleli sonto amalungu ale Khomishini evele ngaphambi kweKomidi Elibhekele Ukuziphatha Nokusebenza Kwezimali iStanding Committee on Public Account (Scopa) lizokwethula umbiko wesikhashana ngegxathu eselihanjiwe ophenyweni olumayelana nokuqashwa nokukhokhelwa kwalesi sikhulu.

IPSC yanxuswa iScopa ukuba iphenye kabanzi ngokuqashwa kukaMnu uBoitumelo Mokgoro nokukhokhewa kwakhe uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kusetshenziswa inkampani iHoney Clod Enterprise (Pty) Ltd. UMakgoro waqashwa uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi phakathi kukaNhlangulana wezi-2016 noNhlangulana wezi- 2018 emuva kokuphakanyiswa kwegama lakhe esuswa enkampanini iHoney Clod Enterprises (Pty) Ltd lapho ayenguMqondisi khona.

Okutholwe ophenyweni lwePSC ukuthi ngesikhathi kuthathwa uMokgoro enkampanini ayeyisebenzela ezofakwa kuHulumeni, lokho kwabe kungahambisani neSigaba 17 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika neSigaba 30 soMthetho iPublic Finance Management Act (PMFA), othi uma kuthathwa umuntu ngokuphakanyiswa kwegama lakhe lokho kumele kwenzeke ngendlela eqondile, enobulungiswa, engena kwenzelela futhi kube ukuthi kuzokongwa nemali.

IScopa sitshelwe ukuthi ukuphakanyiswa kwegama likaMokgoro ukuba ayosebenza eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi zimbili kuZibandlela wezi-2015 okwenziwa uNgqongqoshe Womnyango uMnu uThulas Nxesi, kwakungahambisani noMthethosisekelo nokucaciswa eSigabeni 195 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.

Lesi Sigaba soMthethosisekelo sithi uhlelo lokuqashwa komuntu kumele lungabi nokwenzelela futhi kulandelwe inqubo eqondile yomthetho. Okunye okuvele kulolu phenyo ukuthi ukuphakanyiswa kwegama likaMokgoro kuyaphambana neSigaba 13 sePublic Service Regulation 2016, esikucacisa ngokusobala ukuthi noma yiluphi uhlaka lukaHulumeni noma umqondisi wenkampani ezimele angeke enze ibhizinisi noHulumeni, njengoba uMakgoro wayenguMqondisi wenkampani iHoney Cloud Enterprises (Pty) Ltd.

Ebuzwa ngokuthi sasikuphi isidingo sokuba uMokgoro aze alethwe eMnyangweni, uMqondisi-Jikelele kulo Mnyango uthe ukulethwa kwakhe kwakuhloswe ngakho ukulungisa okwakonakele emnyangweni ikakhulukazi ulwazi lwakhe olunzulu kwezezimali lwaludingeka.

Kuke kwavela nokuthi uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi wake wacela uMnyango kaMgcinimafa ukuba uguqule ukuqashwa kukaMokgoro, kodwa leso sicelo sachithwa. USihlalo weScopa uMnu uThemba Godi unxuse iPSC ukuba ibheke ukuthi uhlelo lokuqashwa kukaMakgoro lwaluhlukile yini noma bekuyinto ejwayelekile ukwenzeka kuhulumeni kule minyaka edlule.

UGodi ubuye wazwakalisa ukungenami kuMqondisi Jikelele Womnyango ngokuthi kukhona eminye imiqingo uMnyango oyigodlayo edingwa yiPSC ukuze iyisebenzise ophenyweni. UGodi obebonakala ukuthi uthukuthele ngalesi senzo uthe le miqingo bayayidinga ngokushesha ukuthi basonge umbiko wabo.

See Also

UNgqongqoshe uNxesi kuthi usewuthulile umbiko wakhe kuPSC kanti nombiko kaMakgoro usukhona kulindeleke ukuthi ilalelwe ngokuhlanganyela uma iScopa sesithula owaso umbiko wokugcina. UGodi ubelokhu eyiphela endlebeni kuPublic Service Commission ekhala ngokuthi sekuphele isikhathi eside ishona ezintangeni ngokukhipha umbiko ongokuqashwa kukaMakgoro.

UMokgoro ubeyisikhulu esibhekele ezezimali kuProperty Management Trading Entity (PMTE) eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi. Ngasekuqaleni iScopa sanqumela ugwayi katiki iPublic Service Commission ukuba ilethe umbiko wokugcina ngokuqashwa kukaMakgoro.

IScopa saphoqeleka ukuba sikuhlehlise ukudingidwa kwalo mbiko emuva kokuthi iPublic Service Commission yacela ukuba kuhlehliswe ngenxa yezizathu zokuthi uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi uNxesi ecele izinsuku ezingama-21 ukuba awufunde ukuze azijwayeze nawo njengoba kunguye oyiNhloko yoMnyango.

UGodi usamile ekutheni babona ukuthi indlela aqashwa ngayo uMokgoro ayizange ihambisane nohlelo olujwayelekile olusetshenziswa kuHulumeni uma kuqashwa.

Scroll To Top