Now Reading
Kulokhu kuguqe idelamzimba ebeliziqu zintathu
Dark Light

Kulokhu kuguqe idelamzimba ebeliziqu zintathu

ABABE NOMNU u-Eric “Stalin” Mtshali emzabalazweni bamchaze njengensimbi kayigobi yomzabalazi emahlombe akhe obethwele unxantathu, eyilungu eligcwele kuzo zonke izinhlaka zawo.

Labo iBAYEDE ekhulume nabo okungoMnu uSizwe Ndlovu ohlale naye isikhathi eside besekudingisweni, noNks uLindiwe Mtshali oyindodakazi kaStalin basho ngazwi linye bathi lo okade ebekwa e “Heroes Acre” eChesterville ngelanga langeSonto esiphuma kulo, impela bekuyiqhawe isibili.

UMnu uSizwe Ndlovu ubeke wathi, “Lapha ku ‘Stalin’ okuyigama uMnu uMtshali abedume ngalo ngenxa yokungavumi ukunyakaziswa kwabekholelwa kukho, sikhuluma ngomuntu owakha uMkhonto Wesizwe. Abaningi esike sizwe ngabo ngokuthiwa bajoyina uMkhonto Wesizwe kodwa lapha kuStalin sikhuluma ngevulandlela nengqalabutho emzabalazweni wezikhali,” kusho uMnu uNdlovu.

UNks uLindiwe Mtshali yena uthe, “Ulwazi lwakhe lwepolitiki lucijwe ngabantu abebejulile kuyo abafana noJack Simons, oMoses Kotane, oRonnie Kastrils, oSteven Dlamini noJoe Slovo ongagcinanga ngokumhabulisa kodwa wamfundisa nokuphatha ibhomu iMolotov. Esekudingisweni uStalin wahamba amazwe amaningi okubalwa kuwo iCuba, iCheckoslovakia, iTanzania, iRussia neZambia, empeleni uwuzungeze wonke umhlaba. Esesekudingisweni waba ngumgqugquzeli wezinyunyana emazweni lapho izinyunyana zazingakhuthaziwe khona e-Afrika nasemhlabeni wonke jikelele,” kuchaza uLindiwe.

UMnu uSizwe Ndlovu uchaze uStalin njengomuntu owayehlale enogqozi lokufunda, ikakhulukazi ngepolitiki. “Wayeyaye athi ukungafundi kunomphumela wokungakwazi ukuvikela inkululeko umuntu asuke eseyitholile. Yikho uMnu uMtshali ayekugcizelela ukubaluleka kwe “Political Education” njengendlela yokuxhumanisa intsha ngokomlando nangemvelaphi yesimo sezepolitiki okubhekwana naso izikhathi ngezikhathi. Esefulathela iZambia eya eCuba wangishiya nefa lethala lezincwadi ezazigcwele indlu, wathi uyokujabulela ukubuya ngimlindele nemibuzo eyobe iqhamuka kwengikufunde ezincwadini ayengishiya nazo,” kusho uMnu uNdlovu.

“Uyabona uma kukhulunywa ngomuntu obengena khaxa, hhayi ngokumenywa kodwa njengelungu eligcwele ezinhlakeni zonke zikanxantathu lowo bekunguStalin Mtshali. Ubengumxhumanisi, umeluleki nomuntu obemelene nenkohlakalo kuwo wonke amazinga. Uqale ezinyunyaneni echwebeni laseThekwini lapho ayengumgqugquzeli khona kuDock Habour’s Union nakuSACTWU aba neqhaza ekusungulweni kwayo ngowe-1955. Ukugqugquzela uStalin ukwenze ezingeni lomhlaba ezinze ePrague, eCzechoslovakia wakha izinyunyana e-Afrika nakwamanye amazwe omhlaba afana ne-Argentine nePhillipines. Ku-African National Congress yilapho aqala khona ipolitiki kwase kuthi lapho iSACP ibona izimpawu zobuholi yamncenga ukuba angene kuyo. Bekuyinto uStalin aziqhenya ngayo kakhulu ukuthi akuyena owazicelela ukungena kuSACP kodwa wamenyelwa kuyo nguMnu uSteven Dlamini”, kuphetha uNdlovu.

UMnu uEric Stalin Ndlovu uhlale iminyaka engamashumi amathathu ekudingisweni selokhu afulathela leli ngowe-1962. Waya koqeqeshelwa ezempi eRussia naseCuba wayesebuyela eTanzania lapho asebenzisana khona noMoses Kotane. Ekubuyeni kwakhe ufike wangena khaxa ezinhlakeni zomphakathi okube nomphumela wokwakhiwa kwesikole esiqanjwe ngaye i-Eric Mtshali Secondary School eWyebank ngaphandle kancane kwaseClermont. Uphinde wasungula indawo yokusiza abanenkinga yezidakamizwa wavuselela namakilasi epolitiki entsheni yaseClermont namaphethelo. Ngaphezu kwalokho uvuselele izinhlaka zeSACP esifundazweni iKwaZulu Natal. Emva kokuthatha umhlalaphansi ePhalamende likazwelonke uStalin usebenzele amakhomanisi ngokugcwele eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke kwaze kwafika usuku lokudlula kwakhe emhlabeni.

Izindondo ahlonishwe ngazo yi-Order of Stalin ayilethelwa ngqo ngabaseRussia ngeqhaza lakhe ekusimamiseni inqubo yobukhomanisi emhlabeni jikelele. Uphinde wahlonishwa ngeye Order of Mendi for Bravery ngenxa yobuqhawe bakhe kanye neNdondo kaMoses Kotane enikezwa labo abazibophezele ngokungangabazisi enqubeni yobukhomanisi. Uhlonishwe nanguMasipala i-Ethekwini njengenye yezingqalabutho zepolitiki.

See Also

Ebuzwa yiBAYEDE ngokuyifa alishiye ngemuva okaMagalela, uMnu uSizwe Ndlovu ubale izinto ezine azibeke ngalolu hlobo: “UStalin ubengazihlanganisi nobuqembu kodwa ubefuna ubumbano ezinhlakeni zikanxantathu okuyi-ANC, SACP neCOSATU. Ubethembekile, ebuhlonipha ubuholi futhi eyiqhawe. Uhambe ngesikhathi esibi uMagalela lapho umzabalazo ugwamandwe khona yizigebengu ezinenhloso yokuzicebisa zingakaze zibe nothando lomzabalazo. Ushayeke kakhulu unxantathu weCosatu, iSACP ne-ANC ngokuhamba kukaStalin, ngoba akekho oyofana naye,” kuphetha uMnu uSizwe uNdlovu.

Kubaholi uStalin asebenze nabo ekudingisweni kwezwe kubalwa uMengameli kaKhongolose u-Oliver Thambo noMoses Mabhida kanye nalowo obenguMengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma.

UMtshali wazalelwa eClermont ngonyaka we-1933 wadlula ziyi-12 ku-October wezi-2018 emuva kokushaywa yisifo sohlangothi iziqubu. Ushiye ngemuva inkosikazi namadodakazi amabili uLindiwe u-Amanda nabazukulu. Ezinye izingane zakhe okungoMayibuye, uJama noRon bashone eminyakeni embalwa eyedlule. Le ngqalabutho ihlonishwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni ngenxa yokuzinikela kwayo okungangabazisi enkululekweni yabantu baseNingizimu Afrika.

Scroll To Top