Now Reading
IKing Shaka yandisa izindiza zamazwe ukufukula umnotho
Dark Light

IKing Shaka yandisa izindiza zamazwe ukufukula umnotho

ISIKHUMULO sezindiza saseThekwini iKing Shaka International siqale ukusebenza ngesikhathi semidlalo yeNdebe YoMhlaba ngowezi-2010 okwaba yisinyathelo esamukelwa ngezandla ezimhlophe kodwa kukhona nokukhala kwezinye izinhlangothi ngokuthi sizokwazi yini ukuqhubeka nokungenisa umnotho esifundazweni emuva kwale midlalo.

Lezi zikhalo zazivela kwabathi isikhumulo i-Oliver Tambo International yisona esisakwazi ukumumatha isibalo esikhulu sabagibeli futhi nezindiza ezihambela emazweni angaphandle zisukela kuso.

Uma usuka eThekwini kumele ugibele uye e-OR Tambo uxhume khona okwakwenza iKing Shaka kube yisikhumulo sezindiza ezihambela ngaphakathi ezweni.

Muva nje kusanda kwethulwa indiza isuka kulesi sikhumulo iqonde ngqo e-Ethiopia. Kuleli sonto kuqopheke umlando ngesikhathi kuthi cababa okokuqala indiza ebisuka eLondon, esikhumulweni iHeathrow Airport engaphansi kweBritish Airways iBoeing 787-8 Dreamliner eThekwini. Mathathu ngesonto amabhanoyi azohamba ngqo phakathi kweKinga Shaka neHeathrow okuzokwenza impilo yabagibeli baKwaZulu-Natal ibe lula baphinde bonge imali ngokugibela besuka eKing Shaka beyoxhuma e-OR Tambo.

Isikhulu esiphezulu kwaBritish Airways uMnu uPaolo de Renzis, obengomunye wabagibeli kuleli bhanoyi uthi bese kuyisikhathi beyibhekisisa eyokufaka indiza ezohamba ngqo phakathi kwalezi zindawo.

“Selokhu samemezela lo mzila ngoNhlangulana, belilikhulu isasasa ngawo kusuka kuHulumeni, osomabhizinisi, abathenga izimpahla ngaphandle, abavakashi kuze kuyoshaya emphakathini.

Yingakho sijabule ngokuthi lo mzila siwuqale ngamabhanoyi esimanje futhi antofontofo ukuze ukuhamba kube lula nokuxhumana kula madolobha amakhulukazi emhlabeni kungabi umqansa.”

UDe Renzis uthi nakuba iBritain neKwaZulu-Natal kuyizindawo ezehlukene ngokuningi, kodwa kulokho kwehlukana kwawo kuningi okuningi okwabelana ngakho njengomlando ojulile, ukwehlukana ngamasiko, ingqalasizinda esezingeni nezindawo ezingamagugu ezihanjelwa abavakashi.

Uthi akangabazi ukuthi lo mzila uzofukula ingqalasizinda nezokuvakasha kubantu abaphuma ngaphandle kwakuleli bevakashela KwaZulu-Natal. UMphathiswa Wezokuvakasha Nokuthuthukiswa Komnotho KwaZulu-Natal uMnu uSihle Zikalala uthe ukuba khona kwamabhanoyi ahamba phakathi kweTheku neLondon kuzokhulisa ezokuvakasha nezohwebo kulezi zindawo zombili. Uthe banethemba lokuthi abantu bazozamukela lezi zinguquko.

“INingizimu Afrika igubhe iNyanga Yezokuvakasha ngoMandulo, lapho besiqhakambisa izinto ezikhanga abantu ezweni. Kungalesi sizathu simema abantu base-United Kingdom ukuba bazozibonela bathokozele konke abazokuthola eThekwini nasesifundazweni,” kusho uZikalala.

Njengemizamo yokugqugquzela abantu ukuba basebenzise lo mzila iBritish Airways inesipesheli sokwethulwa kwawo sesaphulelo samaphesenti ali-13 sethikithi elibuyayo. IWorld Traveller iqala ku-R7 740, iWorld Traveller Plus iqala ku-R15 740, iClub World iqala kuma-R33 740. IBritish Airways iphinde ibe namabhanoyi amabili nsukuzonke phakathi kweHeathrow ne- OR Tambo nelilodwa eliya eCape Town lisuka eHeathrow. KwaBritish Airways balondoloze imali eyizigigidi ezi-£4.5 [R81bn], eminyakeni emihlanu ngenhloso yokuqala imizila emisha baqinise nalena evele isikhona.

Scroll To Top