ISunday Times ishiye amadede asabekayo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
INYANGA kaMfumfu ibe yinyanga yokuxolisa eNingizimu Afrika. Okokuqala kuvele kuMnu uNhlanhla Nene nobexolisa ngokusenga ezimithiyo odabeni oluthinta ukuhlangana nomndeni osuphenduke iqaqa kuleli wakwaGupta.
Okwesibili kuvele ngesonto eledlule ngesikhathi uMhleli wephephandaba eliphuma njalo ngeSonto iSunday Times, exolisa. Ngaphansi kwesihloko esithi: We got it wrong , and for that we apologise, okuwukuthi; ‘Siphaphalazile, siyaxolisa ngalokho’ uMhleli uMnu uBongani Siqoko uthe; “Sinenzele phansi ngokuvumela amandla angcolile agebele ebubini ebhubhisa izakhiwo zethu, exhaphaza ukuthembeka kwethu kanye nokusebenzisa izindaba zethu ukufeza izinhloso zawo.
Besingaqondile ukudunga izindaba zethu ngokugxila okungenele ekubikeni kwethu izigameko ngaphandle kokubhekela imithelela nemiphumela yezepolitiki emibikweni yethu,” kusho uMhleli.
Kwabaningi lokhu okushiwo yiSunday Times wukuziphungela nje futhi akwenzi mqondo ngoba izibeka njengomenziwa phambi kobufakazi obuqandula ikhanda obuthe izintatheli ezabe zikwenza zabe zikwazi futhi ziyazi imiphumela yakho.
Embhalweni wakhe ngalokho akubiza ngokubhecwa ngobende kwamaphoyisa aseCato Manor nabizwa yiSunday Times njengomashayabhuqe uSigaxamabhande uJohan Booysen akakufihli ukuthi izintatheli zeSunday Times zenzani nokwenza kumangaze ukuthi yini le uSiqoko athi bangabenziwa abadukiswayo ngababi.
“Kuyacaca ukuthi uHoostatter noWaAfrika (ababhali bodaba) akusikhona ukuthi bashaye indiva izibophezelo zabo njengezintatheli eziphenyayo ukuba baqinisekise amaqiniso nemithombo, uWaAfrika wazihlanganisa nomunye wabasolwa,” kuchaza uBooysen. Lokhu iSunday Times ayikuphikisanga nokusho khona okwamukela ukuthi izintatheli zayo zabanjwa oqotshweni. Okunye okuvelayo yindima eyahlakulwa nguMhleli wangaleso sikhathi uMnu uRay Hartley nokuvelayo ukuthi wabe enolwazi lakho konke. Ekuxoliseni kwakhe uSiqoko uxolisela idede elashiywa nguHartely nozakwabo.
UHartley noyintatheli ehlonishwayo usesebenzela iTiso Blackstart, ungumhleli weBusiness Live neRand Daily Mail nombhali wamabhuku iRamaphosa, iThe Man Who Would Be King kanye neThe Big Fix.
Ukuphawula kweSANEF
Amadede ashiywe yiSunday Times afake wonke umkhakha wabezindaba ehlazweni nokuphoqe ukuba inhlangano emele abahleli kuleli iSouth African National Editors Forum (SANEF).
Emuva komhlangano kanye nabaphathi beSunday Times okuyiTiso Blackstart, iSANEF ikhiphe isitatimende esishumile.
“Yize sikwemukela ukuxolisa kweSunday Times, sithola ukuthi ukwephulwa kwezinga lokubika kuthunaze ukwethenjwa ngumphakathi okugabavula kweve ngisho nasoshicilelweni luqobo, kuthunaza ukwethenjwa kobuntatheli ukuze kuzuze umphakathi. Siyambonga uMhleli uBongani Siqoko ngokuphumela obala ngale nkiyankiya yeSunday Times, esidale inhlekelele empilweni yabantu abaningi. Siyakholwa ukuthi lokhu kuyisinyathelo sokuqala ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni ukwethenjwa ngumphakathi.”
ISunday Times ayiqali ukuxolisa nokungeyona imfihlo ukuthi nakulokhu ixolise ngoba izwa izigi zenkantolo. Ngokwedlule leli phephandaba (ST) laxolisa ngamanga afanayo, neyaphoqeleka iPress Council ukuba yehlulele. Khona lapho esitatimendeni sayo iSANEF iphawule ngamantshontsho okuthiwa atholwa ngezinye izintatheli kulabo abafuna kubhalwe ngendlela evuna bona.
“ISANEF iphatheke kabi ngezinsolo zokuthi kunezintatheli ezamukela amantshontsho kwabasematheni ukuze ziyeke ukubhala ngezindaba ezithile. Lokhu akuhambisani nendlela yokuziphatha kwabezindaba ebophezela izintatheli ukuba sonke isikhathi zenze ubulungiswa bobuntatheli, ukubika iqiniso kanye nalokho okuyintshisekelo yomphakathi kuphela. Sinxusa bonke labo abanolwazi nobufakazi obuqotho ngezintatheli ezamukela amantshontsho ukuba zibike ngokushesha kummeli omkhulu womphakathi woMkhandlu Wezintatheli (Press Council), uJoe Latakgomo. Indlela yokuziphatha ikubeka kucace ukuthi izintatheli kufanele zigweme ukugagaza kokulobiza kogovane.”