Now Reading
Uhlelo lokukhulisa ingane lusiza izinkantolo
Dark Light

Uhlelo lokukhulisa ingane lusiza izinkantolo

KUJWAYELEKILE ukuthi uma sekwehlukaniswa umshado izingane kube yizo ezihlukumezeka kakhulu ngoba zingazi ukuthi kumele zisale ngakubani phakathi kukanina noyise. Kuvamisile ukuthi kugcine sekufike esimweni lapho omunye wabazali esevimbela ingane ukuthi ingabi nobuhlobo nomunye.

Lesi kuba yisimo esingemnandi emshadweni yingakho kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi uma sekukhona ingane emshadweni kube nohlelo lokunakekelwa kwazo ngisho noma ngabe umshado usuphelile, okuwuhlelo olubizwa ngeParenting Plan okusiza nasekutheni ingane ikwazi ukuba nezwi elizozwakala njengoba lokho kugcizelelwa nakuMthetho Wezingane 38 wezi-2005. Kusuka kwaphasiswa lo Mthetho iHhovisi Elibhekene Nemindeni elibizwa nge-Office of the Family Advocate elisebenzisana noMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo selithole izicelo eziningi zokwelulekwa ngohlelo lokunakekelwa kwezingane. Ziningi izinto ezibalulekile ezidinga ukuqashelwa uma kwenziwa iParenting Plan.

Okunye kwakho ukuthi kumele ihambisane noMthetho Wezingane, kumele ikwazi ukulekelela inkantolo ukuba ithathe isinqumo esizosiza ekuxazululeni inkinga sigculise kakhulu nengane futhi igweme izinto ezingaqhubezela phambili ukuxabana kwabazali okungakhinyabeza izingane. Okunye kwakho ukuthi kumele ihambisane noMthetho Wezingane, kumele ikwazi ukulekelela inkantolo ukuba ithathe isinqumo esizosiza ekuxazululeni inkinga sigculise kakhulu nengane.

Kusemqoka nokuthi uma kwenziwa iParenting Plan angashiywa ngaphandle amalungelo abazali nokubhekeke ukuba bakwenze ekukhuliseni ingane noma ngabe bashadile okanye abashadile.

Kuyenzeka ukuthi kube ngasohlangothini lomthetho kube nokuchema nomunye umzali, kube nokucindezelwa komunye ngokuthembela kakhulu olwazini lomzali oyedwa kungazange kukhulunywe nengane. Esikhathini esiningi lapha kusuke kunezinsolo zokuhlukumeza kokunye kusolwa omunye umzali ngokuphuza ngokweqile okuba nomthelela empilweni yengane. Lokho kwenzeka nasecaleni likaTC v SC ngowezi-2018 lapho kwakunokungaboni ngasolinye phakathi kwabazali. Ubaba wayengakwazi ukubona izingane zakhe evinjwa umama wezingane ngenxa yezinsolo ezithile ezazibekwa.

Uma kuhlula lapho kukhona iNkantolo Enkulu esingayifanisa nomzali omkhulu wazo zonke izingane ezingaphansi kweminyaka eli-18. Le Nkantolo ibhekelele ukuthi iSigatshana uNombolo 28 (1) soMthethosisekelo wezwe siyafezeka njengoba kubekiwe.

Ngokuhamba kwesikhathi iNkantolo Enkulu ibone ukuthi angeke ibe namandla noma ulwazi lobuchwepheshe lokuhlulela izimo eziphathelene nezingane ngenxa yokuthi yona imelele kakhulu umthetho ngakhoke ayinako ukwazi kabanzi ngenhlalakahle yezingane namandla okuphenya uma kunezinsolo ezibekwayo ngomunye wabazali njengokuhlukumeza noma ukuphuza ngokweqile okugcina sekunomthelela empilweni yengane.

See Also

Ingane eneminyaka engaphansi kweli-18 okungaba itholwe emshadweni noma ngaphandle komshado inamalungelo njengelungelo lokuthola ukunakekelwa okufanele uma ingasekho ngaphansi kwesimo somndeni.

Yonke ingane inelungelo lokuba nendawo yokuhlala. Uma kukhona lapho ingane iphambane khona nomthetho inalo ilungelo lokungaboshwa ngaphandle kwalapho ukuboshwa sekuthathwa njengesinyathelosokugcina esingathathwa.

UMnu uChris Maree uyiSenior Family Advocate eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo

Scroll To Top