Ngomgolo uMaimane uzigwaze ngowakhe


SELOKHU kwathi nhlo ukuqonda kwabantu umholi ngumuntu owehlukile. Nguye okhomba indlela emuva kokuqhamuka nomqondo ophusile. Isazi sasendulo uPlato uchitheka kabanzi ekutheni uyini umholi noma ubuholi. Ilanga kuPlato liwuphawu lolwazi. Sisuka ezinzulwini zomgede sibheke ukukhanya okusesibhakabhakeni. Lokhu kungaphezu kokuchazwa ngamazwi nje kuphela kasofilosofi noma ukuveza kabanzi kwakhe ngezakhiwo zemvelo. Okuqondwe ngomgede kusemqoka kakhulu ngalokho okwenzeka emva kokuba sesiphume emgedeni futhi lena yingxenye abafundi evamise ukubaphundula.
Usofilosofi uphindela emgedeni ukuze atakule abantu abakubo abangenalwazi naye okwamhlukumeza kakhulu. Osofilosofi abangabafundi bakaPlato bangabaholi kodwa isigcawu sokugcina salo mzekelo siqubula imibuzo eminingi njengokuthi ‘Kungani kuphindelwa emuva? Yini kungaqhutshekwa kuyiwe elangeni?’ Impendula kaPlato yaba ngelula – ngoba abaholi bedolobha, noma benkampani, noma benhlangano, bahola ngobulungiswa kuphela uma benzela abalandeli babo. Nakupolitiki endulo nangesethu isikhathi umholi uyikho lokho; ukhethwa ngakho ngoba abantu besuke bebe nombono wokuthi kuye (umholi) kukhona yonke imicabango emihle ngeqembu, ngoHulumeni nangamalungu.
Lokhu kuhle futhi kubi. Uhlangothi olubi yilapho abantu sebeshiyelela kuye umholi bangamkhalimi ngisho esephaphalaza ngakho belu ngoba kuthiwa ungumholi. Lokhu cishe kuzivezile ngempelasonto esiphuma kuyo ngesikhathi kuvele izindaba ezibe yindida mayelana nezifiso zalowo ongumholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uMaimane. Kuvele ukuthi lomholi unezifiso zokuba nguNdunankulu waseWestern Cape. NgoLwesibili iqembu lakhe likhiphe isitatimende sokuthi ngeke akwamukele “ukuqokwa” kwakhe ngabanye kulesi sikhundla. Ngokweqembu uma selisho njalo sekuphelile. Iqiniso lithi kakuphelile kepha yisiqalo nje senxeba eliyoze limgojele uMmusi Maimane.
Kunjalo inkunzi ihlatshwa inxeba kwenye indawo iwele kwenye. Umbuzo okumelwe ubuzwe ngothi ngokuba nesifiso sokuba nguNdunankulu ube ngenwe yini lo mholi? Omunye umbuzo kumele ube yindlela okuvele ngayo lolu daba nokucacayo ukuthi lukhishwe ngabathile kwabezindaba ngoba ukuphawula kweqembu emuva kokuphuma kwalo kuveze isithombe sabantu abathukile. Mhlawumbe umlando omqoka uma kuqalwa kubhekwa noma kuhlaziywa ukuthi ubengenwe yini lo mholi, yilo othi konje ufike kanjani lapha ekhona. UMaimane ube ngumholi weDA emuva kokuba kugudluzwe uzakwabo nowayebhekwe yiningi uNks uLindiwe Mazibuko. Akubanga yimfihlo ukuthi intokazi kaMazibuko yakhatshelwa ngowayengumholi ngaleso sikhathi uNkk uHelen Zille owaqinisekisa ukuthi uMaimane owayevumelana naye ngaleso sikhathi uyaphumelela.
Naye uMaimane wenza okufanayo wathatha lesi sikhundla ngoba ebona ukuthi kuzomlungela wangaba nendaba ukuthi ungena emabibini nasemsindweni. Wangena phezu kwalokho ngoba abalandeli beDA balandela ubuhlakani bomholi wabo ngaleso sikhathi uNkk uZille nowabaqokela inkosana. Izivumelwano Uma ubuka ukwenzeka kwezinto sikhona isilingo sokudlinza ekutheni uMaimane noNkk uZille kukhona isivumelwano thizeni okungenzeka ukuthi baba naso. Kungenzeka ukuthi phakathi kwezivumelwano kwaba wukuthi njengoba kwenzeka kuNkk uZille kuyothi uma sekufika isikhathi sokuba uMaimane esephuma esikhundleni iWestern Cape kube yindlu yokugugela. Akuyona imfihlo ukuthi uMaimane noNkk Zille kabasaboni ngaso linye kusuka ezintweni ezithile phakayhi kokunye okuwudaba lwemibhalo kaNkk uZille ezihunyushwa njengezobuhlanga.
Lokhu kugqabuka kwegoda kungenzeka ukuthi yikho okubhedisa izinhlelo njengoba sibona udaba lwendlu yokugugela seluphenduka inkulumo engemnandi. Ukuthula kukaNkk uZille kulokhu kuyakhuluma njengoba kwaziwa ukuthi asimthanda njengenkosana yakhe sekunguMnu uMadikizela ongumholi weqembu eWestern Cape. Isithombe UMaimane useshweni njengoba noma ngabe lolu daba luyambozwa njengoba kwenzeka lapho iDA ithi igama lakhe alisekho ohlwini lwabagaqele esobuNdunankulu, isithombe esincike emlandweni wakhe wobuholi sithi nakulokhu ubegila imikhuba ayigila ngesikhathi sikaNks uMazibuko. Uyeke ukuyofuna ukuphatha lapho evela khona eGauteng nayilapho kugcine kungena umuntu okuthathwa ngokuthi uyimpaka yakhe uMnu uSolly Msimanga wazo sukela abantu bakhile. Lokhu komunye kungaba yinto engasho lutho kepha ukufisa nokwenzeka kwakho bekungaba nemiphumela kupolitiki yaseWestern Cape nakuyo iDA uqobo.
Kungekudala kukhona abazoqhathanisa lokhu abakubiza ngokuhlukunyezwa kukaNkk uPatricia de Lille nomhawu kaMaimane. UNkk uDe Lille nophumayo njengeMeya maduze nje kakufihlanga ukuthi umantwenguntwengu nje uhujwa nguMaimane nezakhe. Kanjalo nama-Afrika okuthiwa ngamaKhaladi azoqala ukunuka santungwana ukuthi nakhu kuqhubulushwa owakwabo uDe Lille bese kulandwa indoda eGoli ukuba izoba yiqhude kuwo. Siyoba sibi kakhulu isimo uma uNkk uDe Lille engaqoma ukuphuma inxiwa akhe elakhe iqembu ngoba zonke ezakwabo ziyomlandela. Akukhona ukungabaza ekutheni lesi senzio noma ukulinga ukwenza kwalo mholi kungahle kumenze inhlekisa. Kanjani na? Kukhona abazokuthatha njengoteku noma ukuvuma induku kwakhe ukuthi uma kuzothi yena njengomholi weDA njengoba ubefisa esobuNdunankulu nokusho ukuthi akaziboni njengoMengameli wezwe kanjalo neqembu lakhe kaliboni liphatha.
Khona lapho akubukeki izimbangi zakhe ngaphakathi nangaphandle kweqembu zizokwazi ukuzithiba ekumsoleni lo mholi ngokugxamalaza noma ukuba yisakabuli. Lo mgolo nomhawu wokufuna ukuphatha noma kanjani sekuyilo inxeba eliyoze limgojele umfo kaMaimane. Kusuka kuleli sonto lo mholi uzokwaziwa njengomuntu (umholi) ozicabangela yena yedwa onganqeni ukushiya isikhundla noma iqembu inqobo nje uma yena elapho efisa khona. Ngalesi senzo abalandeli bangahle bazibuze ukuthi ngabe lo mholi bamkhetha ngoba eyilokhu uPlato akushoyo noma babekelwa ngonjalo inkosana yona esiba ngokwehlukile.