Akanavalo ngezinselelo zeCosatu uMengameli uLosi


AKAKUFIHLI ukuthi uthatha isikhundla sokuhola umfelandawonye wezinyunyana obhekene nezinselelo ezinkulu enye yazo okungukwehlelwa ngamalungu ngenxa yokusungulwa kwezinyunyana ezintsha nemifelandawonye nokudilizwa kwabasebenzi. UNks uZingiswa Losi uthi nakuba ekwamukela ukungena kwakhe emlandweni ngokuba ngowokuqala wesifazane ukuba uMengameli weCongress of South African Trade Union (Cosatu), kusuka yasungulwa ngowe-1985, kodwa usefisa kudlulwe kuleli khasi ngoba naye ungumholi njengabo bonke abanye futhi uyalihlonipha iqhaza labesilisa ezinyunyaneni nasemsebenzini. Inselelo azobhekana nayo ngeyokwandisa amalungu kule nyunyana angena kwezinye ngenxa yesihlava sezepolitiki esesingenise ezinyunyaneni. Akukhona ukuhamba kwamalungu kuphela okubhekene neCosatu, kukhona nezinkinga zemali nokwehlukana kwabaholi ngokweseka abaholi bezepolitiki.
Ukuxoshwa kweNational Union of Metal Workers of South Africa (NUMSA) ngaphansi kweCosatu kwavula elikhulu igebe esibalweni samalungu. Okwabuye kwaqhubezela phambili lokhu kwaba ukulandela kwezinye izinyunyana njengeFood and Allied Workers Union (FAWU) eyayinamalungu afinyelela ezi-130 000. Ukusungulwa komfelandawonye iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uNobhala jikelele wawo okunguMnu uZwelinzima Vavi owaxoshwa kuCosatu nakho kube nomthelela ekwehlelweni amalungu kweCosatu. Isibhicongo saseMarikana esenzeka ngoNcwaba wezi-2012 safana nokushayelela isipikili ngoba maningi amalungu eNational Union of Mineworkers axebuka kuyo azibandakanya ne-Association of Mineworkers i-AMCU eholwa uMnu uJoseph Mathunjwa. ISaftu inamalungu ayizi-700 000 ngokwezibalo zakamuva ezingacwaningiwe. Lo mfelandawonye uqale ukuzibonakalisa ngesikhathi uhola imashi yabashayeli bamabhasi ababefuna ukunyuselwa imali ifinyelele ezi-R12 500 ngenyanga.
Okwenza iSaftu ngesikhathi yehluke kuCosatu ukuthi ayikho ngaphansi kweNational Economic Development and Labour Council (Nedlac). UNks uLosi uyavumelana namanye amalungu eCosatu athi kumele zinxenxwe zonke izinyunyana ezaphuma ngaphansi kwalo mfelandawonye ukuze kusetshenziswane. Leli khwelo liqale lahlatshwa uNobhala Jikelele weNehawu uMnu uZola Saphetha. UNks uLosi uthi noma kwehlukwana ngemibono kodwa emsebenzini abantu baba yinto eyodwa, uma becindezelwa bacindezelwa bonke ngakho kubalulekile ukuhlangana kubekwe phambili abasebenzi. Njengamanje uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC kodwa uthi lokho angeke kumphazamise emsebenzini wakhe wokulwela amalungelo abasebenzi. Izimpawu zokuthi kukhona isikhundla esiphezulu esimlandelayo kwezepolitiki zibonakele ngonyaka odlule ngesikhathi amalungu e-ANC ephakamisa igama lakhe esikhundleni sikaSekela Nobhala Jikelele wale nhlangano. Wakhala ngaphansi kuNkk uJesse Duarte owathola amavoti ayizi-2477 uNks uLosi wathola ayizi-2 213.