Now Reading
Isizwela nakubalandeli ingcindezi ngomqeqeshi
Dark Light

Isizwela nakubalandeli ingcindezi ngomqeqeshi

NJENGOBA ngeSonto kuphela ngemidlalo yeNdebe YoMhlaba kuzoqala ushikishi lwemidlalo yePremier Socccer League (PSL) mhla zintathu kuNcwaba. Phakathi kwamaqembu abhekwe kakhulu kulesi sigaba iKaizer Chiefs okuvalwe isizini ingenaye umqeqeshi emuva kokushiya isigubhukane kukaSteve “Mphathi” Komphela emuva kokwehlulwa emdlalweni weNedbank Cup yiFree State Stars eThekwini.

Inkulu ingcindezi kubaphathi beChiefs ukuthi ikilabhu iqashe umqeqeshi njengoba kusacwebe iziziba. Akukho nokuzwakalayo ngezinhlelo zokunyusela phezulu isekela mqeqeshi uPatrick Mabedi.

Abalandeli beChiefs ezindaweni eziningi sebeqalile ukukhuluma ngokuthi sekuyisikhathi sokuba iMeneja uBobby Motaung icacise ukuthi kumiphi ngomqeqeshi. Ekhuluma ezinhlelweni zezemidlalo zakwaSABC kuleli sonto uMotaung akazange aphumele obala ngokuthi iqembu limiphi ngomqeqeshi.

Ngesikhathi exinwa ngemibuzo kukhona lapho eze wabhinqa ngokuthi mhlawumbe kumele kube nguye ozoqeqesha leli qembu ngokuqala kwesizini. Phambilini amagama abaqeqeshi ayeyamaniswa neChiefs agcina eshabalele kungazekanga okuqhubekile.

UKomphela washiya emuva kokwehluleka ukutholela le kilabhu izindebe ezinkulu okuhlanganisa nesicoco sePSL. Njengamanje uqeqesha iBlomfontein Celtics esendalini emuva kokuba umphathi wayo uMax Tshabalala ethe izindleko zokuqhubeka nayo sezingaphezulu kwamandla akhe.

UHulumeni waseFree State noMasipala waseMangaung benza konke okusemandleni ukugcina leli qembu kulesi sifundazwe njengoba kuyilona elinabalandeli abaningi lilandelwe iStars. Akwaziwa noma uMabedi uyena yini ozoqhubeka nokuhola leli qembu uma kuqala isizini.

Nowadlalela leli qembu neBafana Bafana uLucas Radebe usebe ngomunye wabantu asebezwakalise ilaka labo ngokuhudula izinyawo kwaMakhosi ekuqasheni umqeqeshi. URadebe uthe inkinga inkulu ebhekene neChiefs ngoba kumele iqale izilungiselele isizini ingaze ilinde emathonsi abanzi. “Ngicabanga ukuthi kumele engabe bafundile isifundo ngesizini edlule, manje kumele engabe sebezilungiselele ngokwanele uma ubheka isikhathi abadlule kuso.

Abadingi nje umqeqeshi kodwa badinga umuntu ozohlonze ozokwazi ukwelusa ngendlela iqembu,” kusho uRadebe esizindalwebini sephephabhuku elibhala ngebhola iKick-Off. Uthi Amakhosi manje asedinga umuntu ozokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lenza kangcono futhi nendlela yokuziphatha kwabadlali isezingeni.

See Also

“Akubona bonke abaqeqeshi okulula ukubathola. Okwamanje akekho owaziyo ukuthi sebehambe bafi kaphi nokuthungatha umqeqeshi, kodwa siyathemba ukuthi kungekudala bazophumela obala basho ukuthi ubani ozoba umqeqeshi ngoba banomqhudelwano omusha iShell Ultra Challenge abazodlala kuwo neMamelodi Sundowns zingama-21 kuNtulikazi.

Abalandeli beChiefs sekukaningi begxeka uBobby ngokuba nesandla ekwenzeni iqembu lingaphumeleli osekuholele ekutheni liphunyukwe nayizicoco ezibalulekile lehlelwa nawukwethenjwa.

Abahlaziyi bathi kungenzeka iChiefs ifi hle induku emqubeni ngomqeqeshi wayo omusha. Bakholwa ukuthi iqhina lizophuma embizeni ngomdlalo wabo neSundowns nalapho kuzobonakala khona okokuqala uKhama Billiat egijima ngemibala yeChiefs. Kukhona ukukhuluma okuthi umqeqeshi kungenzeka kube owakuleli, kanti iminwe eminingi ikhomba ngakuyena uRadebe.

Scroll To Top