Now Reading
Abakhiqizi banesibopho sokuqinisekisa ukuphepha
Dark Light

Abakhiqizi banesibopho sokuqinisekisa ukuphepha

UMUNTU okudayisela impahla noma ongumkhiqizi wayo angazithola esenkingeni uma kuvela ukuthi kukhona ubudedengu obenzekile ngesikhathi kuhlanganiswa umkhiqiso kuze kube uyawuthumela.

ISigaba 61 soMthetho iConsumer Protection Act wama-68 wangowezi-2008 ukubeka ngokusobala ukuthi umkhiqizi wempahla, oyidayisayo nalowo oyisabalalisayo angabekwa icala uma kuvela ukuthi impahla leyo ayikho esimweni esikahle.

Kulezi zinsuku mkhulu umsindo kubathengi bezitolo zabokufika emalokishini ase- East Rand eGoli abakhala ngokuthi badayiselwa impahla esidlulelwe yisikhathi Ngeledlule kusuke umsindo abakuleli bengena ezitolo zabokufika becekela phansi impahla abakholwa ukuthi isindala. Okunye abakushoyo ukuthi babuye bashaywe ngemfe iphindiwe badayiselwe ingulube isesakeni okuthi uma sebevula leyo mpahla emakhaya bathole ukuthi akuyona le ebhalwe ngaphandle.

Ecaleni le-Eskom Holdings Ltd v Halstead-Clerk 2017 SA owayefake icala uHalstead-Clerk washa ngendlela eyisimanga ehlangana nezintambo zikagesi ezazinomlilo zilenga ngesikhathi yena nomngani wakhe beshova amabhayisikili. Lezi zintambo zikagesi zazilengela phansi ngenxa yokuthi izinyokanyoka ziyazidonsa ukuze zikwazi ukudonsa ugesi wamahhala. Icala elaliphambi kwenkantolo kwabe kungukuthi inkampani

yakwa Eskom Holdings okuyiyona eyayiboshwa yayizimisele yini ngokuthwala lezo zindleko ngokulandela uMthetho . Ngesikhathi sekuqulwa icala bonke ababethintekayo bavumelana ngokuthi kungaxovwa izinto ezingahlangani.

Kwakukhona ukukhuluma okuthi uHalstead Clerk akazange alimale ngesikhathi ebanjwa izintambo zikagesi. Inkantolo yanquma ukuthi u-Eskom kumele athwale zonke izindleko nakuba wanquma ukulidlulisa icala. UMehluleli uSchoemn uMehluleli uLewis, uMehluleli uFourie noMehluleli uMkgoba bathi esinqumweni esakhishwa iNkantolo Enkulu kukhona ubudedengu obenzeka njengokuthi kumele kube nobuhlobo phakathi kosabalalisa impahla nalowo esuke ithunyelwe kuye ukuze lowo osolwa ngokwenza icala akwazi ukuthwala izindleko zomonakalo njengoba inhloso yoMthetho kungukuvikela abathengi. Kulolu daba owayefake icala wayengeyena umthengi futhi ngesikhathi elimala wayengasebenzisi ugesi

See Also

Ukuthunyelwa kwemikhiqizo engenakho ukuphepha , kulokhu okwabe kungugesi kokunye kuchaza ukuthi u-Eskom akukho lapho wenza khona okungalungile ngoba ugesi wona wawufaka ngendlela kwaba ukuthi sekuqubuka izinyokanyoka.

Kwavela nokuthi uClerk wayengawusebenzisi ugesi ngaleso sikhathi ngakho-ke wayengavikelekile ngaphansi komthetho. Leli cala kwatholakala ukuthi alingeni ngaphansi kohlu lokuvikelwa kwabathengi nobudlelwano phakathi komkhiqizi nomthengi.

Scroll To Top