Now Reading
Umthetho wezingane uvikela ingane nombheki
Dark Light

Umthetho wezingane uvikela ingane nombheki

Udaba oluhamba phambili kule ngosi yanamuhla yilolu lo mbango wefa lengane obuphakathi kukayise, ugogo wayo nonina okuphethe ngokuthi inkantolo inike ugogo nonina ilungelo lokuthatha leli lifa ngenxa yokuthi uyise akaze abe neqhaza empilweni yayo nasekukhuleni kwayo.

Yingakho kubalulekile ukuba sikhulume ngomthetho ovikela izingane kanye nalabo obanika igunya lokuzibheka uma abazali bazo bengekho njengalo baba okukhulunywa ngaye namuhla.

Umthetho Wezingane

UMthetho Wezingane uNombolo 38 wezi-2005 ubhekelela amalungelo wonke ezingane. Nalowo izingane ezisuke zishiywe ngaphansi kwesandla sakhe angakwazi ukunikwa eminye imisebenzi namalungelo phezu kwezingane okubizwa ngokuthi aMalungelo Nezibopho Zobuzali. Leli lungelo linikeza lowo osuke eqaphe ingane amandla okuthi angayitholela noma yisiphi isikole abona ukuthi sizoyinika imfundo engcono futhi izovikeleka kuso. Umbuzo-ke okhona ngothi bangaki abantu abadala abanakekela izingane abanalolu lwazi?

Lo Mthetho uqhuba uthi abantu abadala abanakekela izingane ezineminyaka engaphansi kweli-18 bafaka isicelo ngaphansi kweSigaba 24 nokuyisicelo sokunakekela ingane. 

Kubalulekile ukuthi abazali noma ngabe bakuziphi izimo banakekele futhi bondle izingane zabo abazishiye esandleni sabantu ngokuvamisile okusuke kungabantu abadala. 

Lo msebenzi osuwaphenduka owogogo nomkhulu ushayelwe ihlombe elikhulu nguMehluleli uKollapen futhi wasebenzisa kona ukweseka isinqumo sakhe odabeni oluthinta ifa lengane. 

Abazali bezingane lokhu kumele bakwenze noma ngabe bahola imali engakanani. Kubalulekile futhi ukufundiswa kwabantu abasuke besele nezingane ukuthi akulona ihlazo ukufaka isicelo sesondlo eNkantolo Yesondlo. Lokhu bangakwenza uma bebona ukuthi abazali abazondli izingane zabo ngakho leyo mali ingalekelela ekubakhuliseni.

Abantu abahlala nezingane ngenxa yokubiza kwezindleko zabameli bangaya ngisho nakwabahlinzeka ngezeluleko zezomthetho zamahhala okuyiLegal Aid bacele usizo mayelana nesicelo sokunakekela ingane eNkantolo YaBehluleli noma bayocela izinsiza kubameli besihe (pro bono) abakhona kuzo zonke izinkantolo basizakale. Kulezi zindawo luyatholakala usizo uma ungasebenzi ungenamali.

See Also

Isidingo salezi zicelo ukuthi uma kudingeka kuthathwe izinqumo ezinqala ngengane njengokushada ingakayihlanganisi iminyaka eli-18 noma uma kumele ithathelwe incwadi yokuhambela kwamanye amazwe, uma bekungaya ngokuthi kulindwa umzali okude noma umzali engasekho emhlabeni lolu daba lungalungisiwe ingane ivaleleka amathuba kanjalo.

Kuyaye kuthi uma sesifakiwe lesi sicelo, iNkantolo YaBehluleli idlulisele ifayela emahhovisi oMmeli Womndeni ukuze kuhlaziywe kabanzi ngenhlalakahle yengane kubuzwe nalowo ohlala nayo kanye nayo ingane mayelana nenhlalakahle yayo ukuze kwenziwe umbiko ozobuyiselwa eNkantolo YaBehluleli mayelana nokunikwa kukagogo noma umkhulu ingane ngokusemthethweni.

Okunye okubalulekile wukuthi ohlala nengane ukhuluma nobani uma ebhekana nezinkinga ekuyikhuliseni. Angakhuluma nosonhlalakahle. Okunye okungakhulunywa kodwa okuliqiniso ukuthi bayahlukumezeka abantu abadala behlukunyezwa izingane abasuke beshiywe nazo bezikhulisa. Uma izingane zihlupha ngendelelo nangokuhlukumeza abantu abahlala nazo noma abadala kumele bakhumbule ukuthi bavikelekile emthethweni obizwa nge-Older Persons Act 13 of 2006. Lona wumthetho omdala kodwa abantu ezweni lonke abangafundisekile kahle ngawo okwenza ukuthi noma bezithola benezinkinga bangazi ukuthi baphume babhekephi. 

Kuyisibopho sabazali ukuzikhulisela izingane zabo kepha uma kwenzeka zigcina zikhuliswa ngabanye abantu njengabadala bomndeni noma izihlobo kumele kucace ukuthi bavikelekile emthethweni ngezimo zesondlo salezo zingane kanye nokuhlukunyezwa yizona uqobo. Uma ubona ukuthi umsebenzi uyakunqabela ukuba uhlale nengane yakho, yenza izinhlelo ozinikeziwe ngaphansi koMthetho Wezingane uNombolo 38 wezi-2005 ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo ngezingane zakho abantu abadala bese uyondla nyanga zonke.

Scroll To Top