Now Reading
Ingozi yokushushiswa kofakazi kuKhomishini
Dark Light

Ingozi yokushushiswa kofakazi kuKhomishini

Ukubhibhidla kukafakazi wesibili kungahle kufake abanye itwetwe besabe ukuphumela obala nobufakazi

ININGIZIMU Afrika ibilinde ngabovu ukuhlala kweKhomishini eholwa nguMehluleli uZondo nezophenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Cishe bekuyobe kungokokuqala kunesasasa elingaka kusuka ngezikhathi zeKhomishini Yamaqiniso eyabe iholwa nguSobaba uTutu. Zombili zabe zifuna umnyombo wodaba.  Kwabanye isifiso wukuthi iKhomishini kaZondo yenze lokho okwenzeke kuloyo owayenguMengameli waseSouth Korea uPark Geun-hye ogwetshwe iminyaka engama-24 ejele ngecala lokusebenzisa ihhovisi lakhe ekwenzeni inkohlakalo eyaveza ubumbaxambili phakathi kwabaholi nabasebenza nabo kanye namandla afaniswa nakaRasputin eqhulwini kuHulumeni. Kwabanye kuleli owayenguMengameli uZuma ufanelwe yijele njengoGeun-hye.

NjengakuKhomishini Yamaqiniso eyokugwamandwa kombuso nayo inemibandela. Ofakazi abakwazi ukusho nje izinsolo bese bengabuzwa mibuzo Lapha ofakazi  uma bengakhulumi iqiniso bazithole sebe senyakanyakeni yokushushiswa yilabo abebekhuluma amalumbo ngabo.

Khona lapho kuKhomishini kaZondo iningi linethemba lokuthi sekwenziwe konke kukhona abazotholakala benamacala futhi kungagcini lapho kepha babuye bashushiswe. Iningi laphoxela ngeKhomishini kaTutu yikho nje iminyaka emibili imqoka ngoba kuzoba yilapho umhlaba uzokwazi ukuthi kwabe kungobani obhongoza ekugwamandweni kwamandla ombuso kanti futhi uzokwazi ukuthi ngabe izinsolo zalokho zabe ziliqiniso noma kwabe kuyizinkulumo zasematshwaleni.

Ukuqala kokwethulwa kobufakazi kusuka ngesonto eledlule akuvezanga nje izinsolo kepha kubukeka kwembule izinqe ofakazi nokuyinto engaba nomphumela ongemuhle kubo. Ogqame kakhulu kulabo fakazi nguNkk uVytjie Mentor obe ngufakazi wesibili.

Bese kucishe kuphenduke ihlaya ukuziphikisa kwakhe kule Khomishini njengoba ubengagcini ngokuphambanisa amagama abantu kepha nezinsuku nezigameko. Uke wamangaza abaningi ephambanisa uMnu uFana Hlongwane kanye noMnu uBrian Hlongwa.

UNkk uMentor uphendule wathi lokhu kube yiphutha angakwaziukulichaza ngaphandle kokuthi usomabhizinisi nosopolitiki we-ANC bebekwabezindaba futhi uphambanise izibongo,  ngephutha ekholwa ukuthi igama likaMnu uHlongwane nguBrian nokuthi uMnu uHlongwa nguFana.

Kulindeleke ukuthi uMnu uHlongwa lolu daba aludlulisele enkantolo. Kanti khona lapho ube esedideka uma sekuvela ukuthi esitatimendini esifungelwe wayethe wandiza esuka eKapa ngebhanoyi lwakwaSouth African Airways (SAA) kepha imininingwane ephambi kweKhomishini yabe ikuphika lokho. Kuthe kusenjalo wathi wathintwa yilowo owabe eyiSikhulu eHhovisi likaMengameli uZuma nowamazisa ngomhlangano thizeni.

See Also

Akuphelanga nosuku uNks Lakela Kaunda  wakhuza ibhadi ekutheni akakaze akhulume noNkk uMentor ngalowo nyaka, wacela nakuSihlalo ukuba akanikwe ithuba lokumpheka ngemibuzo uNkk uMentor ngalobu bufakazi abethulile.

Khona lapho uNkk uMentor uthe waba nomhlangano noMnu uGwede Mantashe ngokwesikhundla sakhe sokuba nguNobhala we-African National Congress (ANC) ngenhloso yokumazisa ngenkulumo abe nayo nabakwaGupta nathi bamthembisa esokuba nguNgqongqoshe. Uqhubekile wathi kulowo mhlangano kwakukhona noNkk uJessie Dauarte nathi ngaleso sikhathi  ngowezi-2010 wabe elisekela likaNobhala we-ANC okuyinto engelona iqiniso. Kulokhu uNkk uDuarte ngokungananazi uthe: “Angikaze ngixoxe lutho naleli nenekazi ngaphandle kokukhala kwakhe ngomlenze ngenxa yokulimala akuthola esePhalamende. Ngibe yiSekela Nobhala Jikelele ngowezi-2012.”

UMantashe yena akapholisanga maseko ekulungiseni lokho akubiza ngembudane. Uthe yebo waba nomhlangano noNkk uMentor kepha yilumbo ukuthi bakhuluma ngabakwaGupta. Ube eseba nombono wokuthi uNkk uMentor ubonakala  “ephethwe yisifo sokukhohlwa”. Ukufakazilee uMantashe ukuthi wayisa uNkk uMentor enkantolo ngecala elicishe lifana nayilapho athi wakhuluma intimbothi ngaye nangomndeni wakhe ngonyaka owedlule. Ngonyaka owedlule ekhasini lakhe likaFacebook uNkk uMentor wabhala wathi; ngenkathi ezwa ukuthi uMantashe uzomyisa enkantolo: “Angidlali neziqhwaga ezifana naye. Ngizihlafuna zibe yizingcucu ngiziphimise ngicihithe ngamazwi.”

Ukubhimba kukaNkk uMentor kungahle  kwenze yena nabanye ofakazi bathathelwe yizinyathelo yilabo abasuke befakaza ngabo. Okwakhe kunzima ngoba kolukaHlongwa ubukeka umkhulu umonakalo njengoba sekushicilelwe nebhuku ngaye ekubeni kwabe kungeyena lo okukhulunywa ngaye ngokusho kombhali.

Scroll To Top