Now Reading
Ngokwezibalo uMengameli uRamaphosa usemi kahle
Dark Light

Ngokwezibalo uMengameli uRamaphosa usemi kahle

BAMBALWA abangaphika ukuthi ukungena kwakhe esikhundleni sokuhola uKhongolose kanye neNingizimu Afrika kulethe izinguquko ezithize. Yize zingeningi kepha zibekhona. Ngesikhathi engena bekubukeka elakuleli lopha nxa zonke. Bekonakele kupolitiki ngaphandle nangaphakathi kwePhalamande. Kunjalo nasezindabeni ezithinta umnotho nokuthenjwa kwelakuleli ngabatshalizimali. Ngesikhathi engena uMengameli uRamaphosa ulekelele ngisho iqembu lakhe obekucacela noma ngubani ukuthi liyopha ngenxa yombango wangaphakathi.

Yize lokhu kungakapheli kepha kudambile njengoba iningi labaholi livumelana ngobumqoka bobunye. Okwamanje lo mholi izibalo zisamvumela njengoba esamukeleka ngaphakathi nangaphandle kweqembu lakhe okuyizinkomba ezinhle njengoba ngonyaka ozayo elakuleli liya okhethweni. Ngokocwaningo lwakamuva lwe-Ipsos olubizwa ngeLeadership Approval Ratings olwenziwe mhla zingama-20 kuMbasa kuya mhla ziyisi-7 kuNhlangulana wezi-2018. Izakhamuzi zakulei eziyizi-3 619 ezineminyaka eli-18 nangaphezulu zabuzwa. Lolu cwaningo luveze ukuthi lo mholi usamukelwa yizakhamiuzi zakuleli.

Khona lapho ucwaningo luveze ukuthi abantu balindele ukuthi atshengise izimpawu zobuholi ngokuthi aveze ukuthi uphethe. Yize nangezikhathi zikaZuma eselisekela wayemi kahle ngezibalo kulokhu kumqoka ngoba nguye osephethe izintambo. Ukwesekwa kukaRamaphosa kusezweni lonke kepha kuphansi ezifundazweni ezintathu; okuyiKwaZulu-Natal, i-Eastern Cape kanye neWestern Cape. Lokhu kuba phansi kwesibalo kulezi zindawo kubangelwa phakathi kokunye yizinkinga zangaphakthi eqenjini njengoba bekukhethwa ubuholi bekukhona abeseka uZuma kakhulu KwaZulu- Natal nase-Eastern Cape.

See Also

Kuthi eWestern Cape nokuyisona sodwa isifundazwe lapho iqembu elibusayo lingeliphikisayo esifundazweni nakumasipala omkhulu izinkinga zobuholi kuleli qembu kanye namandla eDemocratic Alliance enze uRamaphosa ame kabi. Esifundeni iMpumalanga, uMengameli unamaphuzu ayisi-8.5 kwali-10, kuthi uDavid Mabuza, ongumsinsi wokuzimilela kulesi sifundazwe, abe namaphuzu ayisi-6.1 kwali-10. E-Eastern Cape, umholi ocishe asebenze ngokufana noMengameli uPravin Gordhan, unamaphuzu ayisi-6.5, kuthi KwaZulu-Natal owayenuMengameli uMnu uZuma unamaphuzu ayisi-5.9 kulokho okukaRamaphosa okungamaphuzu ayisi-6.3. Ukwesekwa kowayenguMengameli kuzwelonke kuphansi kakhulu. EWestern Cape, esifundazweni esiphethwe yiDA amaphuzu kaMmusi Maimane asondele kulawo kaRamaphosa ngayisi-5.7 kwali-10. Ukusebenza kukaMengameli uRamaphosa kubekwa njengokuphezulu ngabesifazane nabesilisa abeseminyakeni yokuvota okungamaphuzu ayisi-8.2 kwali-10 kwabaseka i-ANC. Abalandele be-DA ne-EFF banikeza uMengameli amaphuzu angaphezi kwesi-5 kwali-10. Lezi zinombolo zizikhulumela zona ngokwazo.

Scroll To Top