Now Reading
Ukuphikelela yimfihlo yabaningi abazinzile
Dark Light

Ukuphikelela yimfihlo yabaningi abazinzile

UMZIMBA womuntu ufihla lukhulu ngoba awukwazi ukubona imivimbo ephambene ngaphakathi ezibilini zomuntu, ikakhulukazi lowo osenkundleni yomnotho. Baningi abagijima kube sengathi kabakhathele kanti amadolo aseyaxega. Abanye sebecabanga ngisho ukuphuma enkundleni, kodwa uma ubabheka ebusweni uthola behleka nawe, ubuze umbuzo bakuphendule ngomoya omuhle, kube sengathi kuhle konke. Usuku nosuku luyamcija futhi luyamqinisa agxile umuntu osebenzayo. Uma kukhulunywa kuthiwa ingqondo yomuntu isekhanda lakhe. Uma uvula ikhanda lakhe ngeke uzibone izinto eziphithiza engqondweni yakhe ngamehlo, kodwa iqiniso elikhulu ngelithi, ekhanda lomuntu osemnothweni kuyaphithizela, kodwa kuhlelekile. Usuku nosuku luletha okunye okusha okumenza aphithizele kunakuqala.

Ukuphikelela kungenye yezimfihlo zokuhlala uzinze emnothweni. Ukuphikelela kusho ukuhlala endaweni uqhubeke kuze kuthi nobengakunakile akunake. Ukuphikelela kusho ukuqhubeka wenze kuze kube sengathi awuzizwa futhi awuziboni izinduku ezikushayayo, uze uye kofika lapho uphokophele khona. Lokhu kuyimfihlo ongayitshelwa yilabo asebehlale iminyaka ngeminyaka besemnothweni. Kubiza ukuhlala endaweni abantu baze bakholwe wukuthi le nto oyiphethe nabo bayayidinga. Uma uphethe umkhiqizo bagcina betshelana abantu ngawo ngoba usuku nosuku bayawuthola uma bewufuna.

Uma ubuza kubanikazi bemikhiqizo enhlobonhlobo esezitolo ukuthi kwabathatha isikhathi esingakanani ukuba umkhiqizo wabo uthandwe futhi uthengwe kakhulu, bayokutshela izimpendulo ezehlukene. Eminye imikhiqizo ithi ifika nje ibe ithengwa ubuthaphuthaphu ngoba isuke seyikade ilindelekile, isikhathi sayo sisuke sesifikile.

Eminye isuke idingeka kodwa uma abantu bengakayazi bengakajwayeli ukuyibona, kudinga isikhathi eside namandla okubambelela ngaphambi kokuthi ize yaziwe ithengwe ubuthaphuthaphu, igxile ezimakethe nasemiqondweni yabantu.

Kuhle ukukhumbuza ukuthi umzuzu nomzuzu ubalulekile empilweni yomuntu, ikakhulukazi kumuntu othanda umnotho. Iningi labantu lithenga umkhiqizo abawazi kahle, futhi osewunesikhathi eside usemakethe wethembekile. Umkhiqizo uzakhela igama ngokuthi, uma umuhle noma umnandi, awuguquguquki usuku nosuku.

Umuntu uvamise ukuthi uma ethenga insipho athande leyo enegama aselijwayele. Isikhathi siyinto ebalulekile empilweni yomkhiqizo. Sinika uzinzo emkhiqizweni nakumnikazi womkhiqizo, afunde okuthile awulungisise umkhiqizo uthandeke usuku nosuku, nabebekade bengawuboni baze bawubone.

Ucwaningo luthi, amabhizinisi amaningi ayawa ahluleke ngaphambi kokuqeda iminyaka emithathu. Le minyaka emithathu ngeyokuzigxilisa emakethe, nabantu beqala ukubona umkhiqizo wakho, baze babone igama lebhizinisi lakho balijwayele. Uma umuntu eseyijwayele into, igcina seyizifikela yona engqondweni, kungadingi ukuthi uze ukhunjuzwe ngayo.

Ukugxilisa umkhiqizo noma igama ezimakethe kumele libonwe kaningi lilihle, lisondelene namanye amagama amahle futhi amakhulu.

Lokhu kuyaye kwenze abantu bafise ukuthi bezwe ukuthi kazi yini oza nayo enhle noma emnandi ngokwehlukile kunaleyo abayejwayele. Kuyamdinga umuntu ozimisele ukuhlala emakethe ukuba azinike isikhathi eside ethuthuka egxila emiqondweni yabantu. Kuyadinga ukuzitshela ukuthi awehlukene nomuntu odudula udonga ngenhloso yokuliwisa. Ngesikhathi ulududula udonga kumele lingakupheleli ithemba lokuthi lolu donga luzogcina luwile. Baningi abangena ebhizinisini inyanga eyodwa, badikile baphume ngoba bebona izinto zingasheshi njengoba bebecabanga.

Umuntu kumele alududule isikhathi esingakanani udonga uma lungawi? Kumele enze njani ukuze luwe udonga? Ezinye izindonga ziwa emva komzuzwana kanti ezinye ziwa emva kweminyaka, kanti ezinye aziwi noma sewududula kanjani. Phela ezinye izindonga zimelwe wukuma zingawi kodwa zenze umuntu akwazi ukwencika kuzo azimelele umsebenzi zingawi. Umuntu kumele aphikelele isikhathi esingakanani edudula? Ukuphikelela akunasilinganiso futhi akunqunyelwa sikhathi, ngoba akulula ukwazi ukuthi sewusondele kangakanani empumelelweni, kumbe eweni.

Kungenzeka uma sikhuluma ngokuphikelela omunye umuntu azitshele ukuthi kumele aphikelele noma kumnama engasaboni lapho eya Khona, kanti phinde. Kumele uthi uphikelela ube uwavule womabili amehlo nengqondo ivulekile, izindlebe zizwe ngaphezu kokuphindiwe, kanti umlomo ukhulume kuphela uma kunesidingo. Isikhathi esiningi uma uphikelela awudingeki umsindo, kodwa kudingeka umqondo ojulile nokuzinika isikhathi sokuhleleka.

See Also

Uma ubona izindlu ezinde zimile iminyaka ngeminyaka kumele kufike emqondweni ukuthi lezi zindlu azakhiwanga ngosuku zaphela, futhi azithathanga inyanga eyodwa zaphela, kodwa ezinye zathatha iminyaka ngaphambi kokuba ziphele.

Eminye iminyaka kungenzeka iphele kusafunwa umhlaba, kuthi sewutholakele, bese kwenziwa izinhlelo zohlobo lwesakhiwo olungavuma kulowo mhlaba, bese kuthi uma utshekile useweni, kwenziwe imidwebo ezovuna isimo sendawo.

Ngokunjalo izinhlobo ngezinhlobo zemikhiqizo zidinga isikhathi sokuhleleka, futhi zidinga indawo evumelana nalowo mkhiqizo.

Imfihlo yokuthola uzinzo emnothweni isekutheni kumele usomnotho abe nomoya omningi wokuphikelela ame noma abanye bengasakwazi ukuma. Kumele akwazi ukufunda izimo edlula kuzo ngenkathi ephikelela, ukuthi ezinye ziyadlula kanti ezinye azedluli kodwa zidinga ukugwenywa, ngoba zingayikhubaza impilo kasomnotho.

Akusikho okukanoma ngubani ukufunda isimo esigwemekayo naleso esizodlula, kodwa umuntu ocabanga ngendlela yomnotho.

Scroll To Top