Imboni yamakhambi esintu ingasimamisa umnotho
UMLANDO wemithi yokwelapha mude, futhi wehlukahlukene ngokuhambisana namasiko ehlukene emhlabeni jikelele
Ngokusho kwe-World Health Organization (WHO), imithi yokwelapha yesintu iyingxube yolwazi olusetshenziswa ekuhloleni, ukuvikelwa nokwelashwa kwezifo ezehlukene. Lolu lwazi ludluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane ngomlomo noma ngokubhalwa phansi. Namuhla, imithi yesintu iyahluzwa, yenziwe ihambisane nezikhathi zamanje futhi iningi lososayensi nochwepheshe sebeyakubona ukubaluleka kwemithi yesintu.
Sekwandile ukuthi amakhambi esintu asetshenziswe ekwelashweni kwezifo kodwa lapho isuke isishintshiwe yenziwa amaphilisi noma imithi ephuzwayo. Imithi yesintu isiyasetshenziswa ekwelashweni kweziguli usuku nosuku.
Ukukhula kokusetshenziswa kwemithi yesintu kukholakala ukuthi kwenziwa wukubhebhetheka kwesifo sengculazi nesandulela sayo, kanye nobubha obuhlasele imiphakathi.
Imithi yesintu ibonakala ilikhambi elitholakala kalula futhi elingambi eqolo lokubhekana nezifo.Nokho okwamanje akukho mithetho elawula ukuthakwa kwayo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha nokunikezelwa kwayo ngendlela efanele ezigulini. Le mithi ifaka imali emabhizinisi amancane. Ucwaningo olwenziwa ngo-2002 ngumasipala waseThekwini lwaveza ukuthi imakethe yakuleli dolobha yenza imali engu-R170 million, kanti u-60% waleyo mali usuke wenziwa embonini yokudayiswa kwamakhambi esintu.
Lokhu kucacisa ukuthi le mboni kuningi eza nakho emnothweni waseNingizimu Afrika. Kodwa noma kunjalo, le mboni ayikakanakwa, futhi ayisizwa ukuze ikhule. Uma kukhulunywa ngama-Small Micro Medium Enterprises (SMME’s), ayibalwa yona.
UMnyango wezoHwebo neziMboni usubahlonzile labo abakhiqiza noma badayisa amakhambi esintu njengamabhizinisi ngoba bayingxenye yomnotho, kwazise basembonini yokukhiqiza. I-SEDA nayo seyinxuswe ukuba ibasize ekwenzeni amabhizinisi asemthethweni, balandele imigomo ukuze bakhule ngendlela efanele.
Yingakho namuhla ngifuna sibheke amaphuzu alishumi abaluleke kakhulu uma kuziwa embonini yemithi yesintu.
- UMnyango wezoHwebo neziMboni kumanje umatasa nohlelo oluzobhekana ngqo nezinselelo zale mboni.
- Sekuvunyelwene ngokuthi abale mboni kumele babhaliswe njengamabhizinisi amancane, futhi balandele yonke imigomo yokuphatha ibhizinisi yakuleli, okufaka nemithetho yentela.
- La mabhizinisi abuye angene ngaphansi koMnyango wezeMpilo ngenxa yemikhiziqo yawo, ngakho kumele alandele nemigomo yezempilo.
- Ngoba imikhiqizo yabo ingaphansi kwemithi yokwelapha, kumele ngokwemigomo yezempilo kuleli imikhiqizo yabo ihambisane nepheshana elicacisa kabanzi ngezifo ozelaphayo noma osiza kuzo.
- Futhi, kumele ucacise ukuthi usetshenziswa kanjani, nokuthi kuba yisikalo esingakanani.
- Okwamanje ukulandela imigomo ye-SABS kusalungiswa ngoba izinga le mikhiqizo alikahlonzwa kahle, kwazise kumele kutholakale izithako ezisetshenziswayo kuqala.
- Enye yezinto ezinqala ebhizinisini elikhiqizayo yinhlanzeko, kanti uMnyango uyaqaphelisisa kulokhu nokuyingakho uzohlanganane-SABS ukukuqinisekisa. Inhlanzeko kungaba yiyo eyenza umkhiqizo wakho usithole noma ungasitholi isitembu se-SABS.
- Izinga lomkhiqizo nalo libalulekile ngoba yilo elenza kukwazeke ukuhlonza intengo yomkhiqizo.
- Izinga elifanayo nelisetshenziswa kweminye imikhiqizo yokwelapha efana ne-Panado lizosetshenziswa nasemithini yesintu.
- Le mboni iyakhula, futhi baningi abantu bakithi abaphila noma abangaphila ngayo. Ngakho abanikazi bayo kumele baqinisekise ukuthi bayayilandela imigomo futhi nemikhiqizo yabo isezingeni elifanele.
Sengiphetha, kuyosisiza-ke nathi ukuba sinakekele imvelo okuyiyo esinika amakhambi okwakhiwa ngawo imithi yesintu. Kumele nesizukulwane esilandelayo siyifice isekhona.