Now Reading
Yiliphi iqembu elizodumisa igama likaNkulunkulu
Dark Light

Yiliphi iqembu elizodumisa igama likaNkulunkulu

BAKWETHU akufanele ukuthi kube khona nendawo encane ezimpilweni zethu lapho singafuni khona ukuthi uNkulunkulu adunyiswe, kuqhakanjiswe igama lakhe, kuphakanyiswe nodumo lwaKhe. Nginika isibonelo, njengomkristu angikwazi ukuthi: “Heyi wena! Musa ukuthinta usiko lwami uyezwa na? iZwi likaNkulunkulu alikwazi ukulawula inqubo yethu singama-Afrika.” Mhlawumbe kukhona omunye othi: “Heyi, lalela la kulowo mkhakha wempilo yami iBhayibheli alingeni.” Cha bakwethu, uma sithi uJesu Kristu wasihlenga esiphambanweni ukuze sibe ngabaKhe, sivume futhi uyiNkosi yamakhosi onke omhlaba kanye neNkosi yethu, kuchaza ukuthi sifanele ukumkhothamela futhi simlalele kuzo zonke izinto ezikhona emhlabeni. Asikwazi ukuvimba iZwi likaJehova ukuba lingangeni lize lisatshalaliswe ezenzweni zonke esizenzayo.

Kufanele ukuthi kubonakale umbuso kaNkulunkulu kukho konke esinakho, nesikwenzayo. Ngiyethemba ukuthi kuyezwakala. Siyafunda NgokukaMathewu 5:13-16: “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” Bakwethu, akumele ukuthi Lokhu kuchaza ukuthi nathi njengamakristu, sifanele ukuphila izimpilo ezenza ukuthi ukubola nenkohlakala kanye nobuwula kungandi lapho sihlala khona, kodwa kube khona ukulondolozwa kwakho konke okuhambisana neZwi likaNkulunkulu. Uma sithi sifuna ukubona izwe elisha elingenabo ubutha, namagqubu, nenkohlakala, namanyala, sifanele ukukholwa lokho okwashiwo yiNkosi yethu uJesu Kristu sibe ngusawoti osenabo ubusawoti. Kubi ukuthi njalo emaphaphandabeni ethu kubikwa ngabefundisi abangahambisani nenqubo yeBhayibheli nemfundiso kanye nezenzo. Yebo, kungenzeka ukuthi kubikwa ngalezo zindaba ngoba akulindelekile izigameko lezi futhi kuzokwenza ukuthi lithengwe iphephandaba. Kodwa bakwethu impilo esiyiphilayo njengamakristu ifanele ibe enobusawoti phakathi, kuguqulwe umphakathi ngenxa yesibonelo sethu esikhangisa abanye ukuze nabo banqume ukulandela uNkulunkulu ophilayo. Ukuba usawoti futhi kuchaza ukuba unembeza ophilayo phakathi kwabantu. Kuyamangaza kakhulu ukuthi kwesinye isikhathi kugilwa imikhuba obala emphakathini, kungashiwo lutho ngamakristu. Kubi lokho, ngoba ngokwanda kobusawoti bethu emphakathini izigilamkhuba nezigelegeqe zifanele ukwesaba ukuvela obala ngezinengiso zazo. Uma kwenzeka ukuthi isidakwa noma isiphukuphuku singabi namahloni namahlazo aso, khuza-bo wemkristu! Ube usawoti wangempela. Ukuba usawoti nokukhanya akugcini lapho bakwethu. Nakulezi zinsuku lapho kubhaliswa khona ukuze sizokwazi ukuvota ngokhetho oluzayo ngonyaka-2019, asikwazi ukupheza ukuba usawoti, cha! Nakulokho, masingabuzi kuqala ukuthi “thina abohlanga” sifunani, noma abanye babuze “thina indlu emhlophe” sifunani. Cha, masibuze kuqala uma sibhalisa: “Ngonyaka ozayo uma sizokhetha, yiliphi iqembu elizodumisa igama likaNkulunkulu oziqintathu ngaphezu kwamanye amaqembu na? Yiliphi iqembu elizomisa imithetho ehambisana neZwi likaNkulunkulu na?” Niyabona bakwethu, asikwazi ukulahla ubusawoti bethu nasokhethweni. Uthe uJesu wothanda umakhelwane wakho njengalokho uzithanda wena. uMkristu akakwazi ukukhethela iqembu elizondana nomakhelwane wami, ngoba uJesu Kristu iNkosi yakho mfowethu akakuvumeli ukwenza lokho. Uyezwa na? Ukwehlukaniswa kweBhayibheli nendlela okubanga ngayo izwe lethu kusiholele kuleyo ndawo esikuyo manje: Kukhona ukuzondana phakathi kwezinhlanga; kukhona ukudubulana kwezimbangi; kukhona ukwanda kwezidakamizwa; kukhona ukuzifunela okwakho kuphela. Kubi konke lokho bakwethu. Masibe usawoti kukhanye ukukhanya kukaJesu Kristu phakathi kwethu, kukhanyiselwe izwe nezwekazi lethu lonke! Makrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen. Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail. com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye. usawoti uhlale njalo ebhodleleni elincane ungaphumi kulo.

uSawoti uyasebenza kuphela uma uphuma ebhodleleni kufafazwe wona ekudleni. Wenzani usawoti na? uSawoti wenza ukuthi ubumnandi bokudla buzwiwe yilowo okuhlafunayo. Ngendlela efanayo uJesu Kristu uyabiza abalandeli bakhe ukongeza ubumnandi emhlabeni esikuwo, kube khona ukuthula, inhlonipho, nozinzo emiphakathini, lapho sihlala khona. eMandulo usawoti wawusetshenziswa futhi ukulondoloza ukudla – ikakhulukazi inyama, ukuze ingaboli. Kade kwakungekho iziqandisi okwakungabekwa ukudla ukuze kungaboli, kwasetshenziswa usawoti.

Lokhu kuchaza ukuthi nathi njengamakristu, sifanele ukuphila izimpilo ezenza ukuthi ukubola nenkohlakala kanye nobuwula kungandi lapho sihlala khona, kodwa kube khona ukulondolozwa kwakho konke okuhambisana neZwi likaNkulunkulu. Uma sithi sifuna ukubona izwe elisha elingenabo ubutha, namagqubu, nenkohlakala, namanyala, sifanele ukukholwa lokho okwashiwo yiNkosi yethu uJesu Kristu sibe ngusawoti osenabo ubusawoti. Kubi ukuthi njalo emaphaphandabeni ethu kubikwa ngabefundisi abangahambisani nenqubo yeBhayibheli nemfundiso kanye nezenzo. Yebo, kungenzeka ukuthi kubikwa ngalezo zindaba ngoba akulindelekile izigameko lezi futhi kuzokwenza ukuthi lithengwe iphephandaba. Kodwa bakwethu impilo esiyiphilayo njengamakristu ifanele ibe enobusawoti phakathi, kuguqulwe umphakathi ngenxa yesibonelo sethu esikhangisa abanye ukuze nabo banqume ukulandela uNkulunkulu ophilayo.

See Also

Ukuba usawoti futhi kuchaza ukuba unembeza ophilayo phakathi kwabantu. Kuyamangaza kakhulu ukuthi kwesinye isikhathi kugilwa imikhuba obala emphakathini, kungashiwo lutho ngamakristu. Kubi lokho, ngoba ngokwanda kobusawoti bethu emphakathini izigilamkhuba nezigelegeqe zifanele ukwesaba ukuvela obala ngezinengiso zazo. Uma kwenzeka ukuthi isidakwa noma isiphukuphuku singabi namahloni namahlazo aso, khuza-bo wemkristu! Ube usawoti wangempela. Ukuba usawoti nokukhanya akugcini lapho bakwethu. Nakulezi zinsuku lapho kubhaliswa khona ukuze sizokwazi ukuvota ngokhetho oluzayo ngonyaka-2019, asikwazi ukupheza ukuba usawoti, cha! Nakulokho, masingabuzi kuqala ukuthi “thina abohlanga” sifunani, noma abanye babuze “thina indlu emhlophe” sifunani. Cha, masibuze kuqala uma sibhalisa: “Ngonyaka ozayo uma sizokhetha, yiliphi iqembu elizodumisa igama likaNkulunkulu oziqintathu ngaphezu kwamanye amaqembu na? Yiliphi iqembu elizomisa imithetho ehambisana neZwi likaNkulunkulu na?” Niyabona bakwethu, asikwazi ukulahla ubusawoti bethu nasokhethweni. Uthe uJesu wothanda umakhelwane wakho njengalokho uzithanda wena. uMkristu akakwazi ukukhethela iqembu elizondana nomakhelwane wami, ngoba uJesu Kristu iNkosi yakho mfowethu akakuvumeli ukwenza lokho. Uyezwa na? Ukwehlukaniswa kweBhayibheli nendlela okubanga ngayo izwe lethu kusiholele kuleyo ndawo esikuyo manje: Kukhona ukuzondana phakathi kwezinhlanga; kukhona ukudubulana kwezimbangi; kukhona ukwanda kwezidakamizwa; kukhona ukuzifunela okwakho kuphela. Kubi konke lokho bakwethu. Masibe usawoti kukhanye ukukhanya kukaJesu Kristu phakathi kwethu, kukhanyiselwe izwe nezwekazi lethu lonke! Makrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.

Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail. com. Silandeleni kuFacebook

Scroll To Top