NjengakuRDP nakuGEAR uKhongolose kumele akhethe
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ENTWENI emangaze abaningi lapho uMengameli we-African National Congress (ANC) uMnu uRamaphosa wenze inkulumo ebhekiswe esizweni ngomphumela womhlangano weqembu lakhe nayilapho abechaza khona isinqumo seqembu kwelomhlaba. Inkulumo kaRamaphosa obuye abe nguMengameli wezwe ibingejwayelekile kokubili; Okokuqala bekuqala ukuthi izakhamizi kukhulunywe nazo ngalesiya sikhathi yinhloko yoMbuso idlubhe ezeqembu futhi ikhuluma nazo hhayi njengoMengameli wezwe kepha oweqembu. Kanti okwesibili kumangazile ukuthi uMengameli aphinde into ekade iqembu lakhe layisho nokungekho ukungabaza ukuthi lizoyenza.
Enkulumweni yakhe uRamaphosa ugxile ezintweni ezimbili; umhlaba nomnotho wezwe. Kwelomhlaba ubekhuluma khona ukuthi njengeqembu sebenqume ukuba beseke ukuchitshiyelwa koMthethosisekelo odabeni lomhlaba .
“Sekucace kwasobala ukuthi abantu bethu bafuna uMthethosisekelo ungagigiyeli ngelokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo njengoba kuvele ezithangamini zemiphakathi,” kusho uRamaphosa enkulumweni ayibhekise esizweni eqoshiwe.
“I-ANC, isebenzisa imigudu yePhalamende, izofi ka esinqumeni esiphakanyisiwe sokuchibiyela uMthethosisekelo obeka ngokusobala imibandela okuzothathwa ngayo umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ukuthi ungasebenza kanjani.”
Kwabanye lokhu bekungenasidingo ngoba vele sebakusho lokhu abakwaKhongolose engqugqutheleni yabo kaZibandlela.
Khona lapho leli qembu livumelana namanye amaqembu ePhalamende leseke isinqumo sokuba kwakhiwe iKomiti lePhalamende elizobheka loludaba kabanzi libambe nezithangami zomphakathi. Kulezi zithangami kube sobala ukuthi iningi liyavuma ukuba umthethosisekelo uchitshiyelwe.
Okunyakazisa i-ANC
Umbuzo uthi yini pho le eyenze kube khona isidingo sokuthi leli qembu noMengameli uRamaphosa babone kunesidingo sokwazisa Umbuzo uthi yini pho le eyenze kube khona isidingo sokuthi leli qembu noMengameli uRamaphosa babone kunesidingo sokwazisa isizwe into ekade layisho libalele? Izinkomba zithi ububhudubhudu lobu budalwe wumbiko owethulwe yi-International Monetary Fund (IMF) kuleli sonto noxwayise nge ‘ngozi’ leli lizwe elilengela kuyo ngodaba lomhlaba. Lo mbiko owaziwa nge-Annual Artcle IV Report ubulandela ukubonisana kwalolu hlaka nabaholi bezwe kusuka ngoNhlaba
kuya ngoNhlangulana nonyaka. Abe-IMF bathi ukungaqondakali kodaba lomhlaba kudala itwetwe kubatshalizimali abakhathazeke ngokulahlekelwa wubunini bomhlaba.
“Ngokuhambisana nolwazi olunzulu lwamazwe ngamazwe, ukubuyiswa komhlaba kufanele kugxile ekuqiniseni ukukhiqiza kwezolimo, ukuthuthukisa ukuphathwa komhlaba ukuze kuqiniswe ukuvikeleka kokusetshenziswa komhlaba, nokunciphisa ububha. “Ngokufanayo, kunesidingo sokubhekelela noma yini okungahle kube nomthelela omubi ekubuyisweni komhlaba kwezolimo, kanye nasezimalini ezinguqukweni ngokwenani lomhlaba njengesibambiso,” kusho umbiko.
I-IMF ibeke ukuthi ukuthathwa komhlaba ngaphandle kokunxephezela abanikazi kungaba namandla okuxosha abatshalizimali.
“Ingxenyemtheshwana ‘ngaphandle kwesinxephezelo’ esiqubule ungabazane ngamalungelo obunikazi, sekubonakele ukuthi kunokukhathazeka ngokutshalwa kwezimali,” kusho umbiko.
Ukwesabela uvobe
Lokhu kukhuluma kubukeka kufake uKhongolose ingebhe njengoba usemizamweni yokuthuthukisa nokufukula umnotho okunemibiko ethi waguqa ngakho belu ukuhlehla nokuphela kokwethenjwa ngabatshalizimali. Ngonyaka owedlule elakuleli lihlonzwe njengelikuvobe ngakwezomnotho nokwenze kwanzima kakhulu kuHulumeni nasezakhamizini.
Uma kuliqiniso ukuthi uKhongolose utatazeliswa yi- IMF umbuzo ongahle ulandele ngothi konje lokhu kuguqulwa komthethosisekelo okwesekwa yi-ANC akuzukufana yini nesimo lapho kwafanele ikhethe phakathi kokuqhuba inqubomgomo yeRecostruction and Development Programme (RDP) eyabe ingeyabantu baseNingizimu Afrika ne Growth, Employment and Redistribution (GEAR), iMacroeconomic Strategy eyabe ivumelana neIMF. Ngabe ngempela izwi lempofana, okungabantu baseNingizimu Afrika, lizolalelwa yini noma kogcina elezicebi.