Now Reading
I-AfriForum iyobona ISILO ngesonto elizayo
Dark Light

I-AfriForum iyobona ISILO ngesonto elizayo

‘AMABHUNU ami noZulu odabeni lomhlaba woBukhosi nowenganyelwe yiSILO.”

Lawa ngamagama ashiwo yiSikhulu Esiphezulu seNhlangano Yamalungelo amaBhunu i-AfriForum, uMnu uKallie Kriel engxoxweni ekhethekile neBAYEDE kuleli sonto. Lo mholi ukuqinisekisile ukuthi uzobe ehola ithimba eliphezulu lamaBhunu elihlanganisa uMnu uFlip Buys onguSihlalo weSolidarity Movement, uSolwazi uDanie Goosen, uSihlalo weFederation of Afrikaans Cultural organisations (FAK) kanye nesekela lakhe uKriel uMnu uBarend Uys kwabanye abazobe bekhona.

IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi lo mhlangano ozoba ngoLwesine oluzayo mhla zingama-26 kuNtulikazi okuwusuku olwandulela ukuzalwa kweSILO. Indawo yomhlangano kuzoba seSigodlweni OSuthu kwaNongoma. Lesi Sigodlo ngokomlando singesikaDlothovu, iNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo kaMpande.

Ebuzwa ukuthi kungani kube nalo mhlangano ngesikhathi kunenkulumompikiswano eshisayo ngomhlaba kuleli, uKriel akazifihlanga izinhloso zabo.

“ISILO singumholi omqoka kanti noZulu uyisizwe esikhulu. Ngenxa yalokhu kusemqoka ukuthi njengamaBhunu sibe nobudlelwane obuhle noZulu kanye neSILO. Yebo ezikhathini ezedlule kube khona ukududulana phakathi kwemiphakathi yethu kepha okumqoka manje yikusasa lezi zikulwane zethu,” kusho uKriel.

Ugcizelele ubumqoka bokuhloniphana nathe yize kwabe kuneziwombe ezingezinhle noZulu kepha amaBhunu noZulu bebehloniphana nokuyinto akholwa wukuthi lo mhlangano uzokwakhela kuyo.

Umhlaba woBukhosi

Odabeni olusematheni lapho kukhona abaphakamisa ukuthi umhlaba ongaphansi koBukhosi nowenganyelwe yi-Ingonyama Trust iSILO esiyinhloko yawo uKriel ube nokuphawula. Ulibeke lama ekutheni njengamaBhunu bazimisele ukusebenzisana noBukhosi nesizwe ekuvikeleni umhlaba ongaphansi kwe- Ingonyama Trust nathe iluhlaka olumqoka.

“Iqiniso lithi sisethubeni eliyingqayizvele lokusebenzisana ezintweni eziningi. Odabeni lomhlaba nje kuningi okungenziwa. Siyazi ukuthi njengakithina umhlaba umqoka kuZulu. NjengamaBhunu sizimisele ukuma neSILO noZulu ekuvikeleni Ingonyama Trust njengoba nathi sisemkhankasweni wokuvikela umhlaba wethu,” kusho uKriel.

Ukutheleka kwe-AfriForum kuyobe kuwukuqhubeka kwemihlangano eluchungechunge phakathi kweSILO kanye nezinhlaka ezehlukene. Esikhathini esedlule ISILO sihlangane nabaholi abehlukene kubalwa ubuholi be-African National Congress (ANC) buholwa nguMnu uRamaphosa nophinde wahlangana neSILO emasotweni amabili edlule eRichards Bay.

See Also

URamaphosa kabanga namahloni okusho ukuthi iqembu noHulumeni wakhe ngeke bawemuke umhlaba woBukhosi. Ufikile noMnu uMalema we- Economic Freedom Fighters (EFF) esiGodlweni kwaLinduzulu nokuyilapho ethe kubona ISILO sifana nobaba. Muva nje yize kuke kwanokukhuluma kokuthi uMalema ungaphesheya, i-EFF ikuqinisekisile ukuthi iyaseseka ISILO kwelomhlaba nethe ukuphawula kwaso eMbizweni ebikhona kwakha inkulumompikiswano eesidingo. Kakuphelanga zinyanga zingaki watheleka nomholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uMaimane naye ehamba nethimba lakhe OSuthu. Lapho naye uthe iqembu lakhe limi neSILO kwele-Ingonyama Trust. UMaimane wacashunwa yileli phephandaba ethi abakhuluma elokuthi Ingonyama Trust kayiphele bayikake lapho ingalele khona. Wathi okumqoka wukuthi kukhulunywe ukuthi lo mhlaba woBukhosi uthuthukiswa kanjani ngakwezomnotho nathi yilokho okumqoka kunokuba wemukwe.

Umemezile okaNdaba. Sikhuluma emhlanganweni waMakhosi eSishayamthetho Ondini kanye nangosuku lweMbizo kaZulu, ISILO sabeka ukuthi uBukhosi buzoba nezithangami zezingxoxo nezinhlaka kanye nemiphakathi eyehlukene ngodaba lomhlaba. Saphatha elokuthi kuzoba nethimba labakhongi elizoba nezingxoxo nayinoma ngubani odabeni lomhlaba. Saphinde sagcizelela ukuthi emehlweni aso wonke umuntu umqoka kulolu daba sabeka nokuthi olomhlaba lungaphezu kwepolitiki yamaqembu.

IBAYEDE ithole ukuthi balujenge abantu abafisa ukubonana neSILO ngodaba lomhlaba kubandakanya abatshalizimali, osozimboni, abaholi bemiphakathi eyehlukene namaqembu epolitiki.

Ekhuluma neBAYEDE uMehluleli uNgwenya oyisandla sokuphosa seSILO ebhodini le -Ingonyama Trust uthe: “Yebo kuliqiniso ukuthi bakhona abantu abavela emikhakheni nasezinhlakeni ezehlukene abafisa ukubonana neMbube. Laba ngabantu abangagcini nje ngokweseka izinkulumo zeSILO odabeni lomhlaba kepha ngabantu ababuka uBukhosi kanye nobuholi beSILO njengokuyibona isikhathi nezwe esibudingayo manje,” kuphetha uMehluleli.

Scroll To Top