IZimbabwe nenqabakutholwa yokuzibangula iva leminyaka



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NGOMSOMBULUKO izakhamuzi zaseZimbabwe zizothola lokho okubukeka njengethuba lokugcina ukulungisa izwe lazo. Ngalolu suku kulindeleke ukuba ngobuningi bazo ziye konquma ngobuholi bezwe njengoba zizobe zivotela uMengameli nohulumeni omusha. Lokhu kuyobe kungokokuqala esikhathini esiyiminyaka engaphezu kwama-30 ukuba zikwazi ukukhetha umengameli omusha kwazise owokuqala okunguMnu uRobert Mugabe wahlala kulesi sikhundla iminyaka engaphezulu kwamashumi amathathu.
Nokho lolu khetho kalukho semqoka kuphela kubantu bakuleliya lizwe, kepha lumqoka nakubantu bamanye amazwe ngoba imiphumela yalo nokusingathwa kwalo kuyokhomba indlela umhlaba okumele uxhumane ngayo neZimbabwe.
Ezakhamuzini zaseZimbabwe ezisabalele amagumbi amane omhlaba lolu khetho lungahle luveze ithuba lokuthi labo abahamba bethwele izandla ekhanda belila ngenxa yesimo sepolitiki nomnotho babuyele ekhaya. Izakhamuzi zaseZimbabwe zisabalele kuwo wonke amazwe ikakhulukazi aseNingizimu ne- Afrika. Kula mazwe abamukelwa ngendlela efanayo njengoba kwamanye bewukudla kwenduku, ukungcofwa noteku. Leli phephandaba likhuluma nabanye bezakhamuzi bazwakalise imizwa engafani.
UMnu u-Agreement Ndhlovu oneminyaka yobudala engama-33 owafika eNingizimu Afrika ngowezi-2011 elandela ayekhula nabo kwaBulawayo abase bevele bekuleli uthi akakholwanga ngesikhathi kukhishwa uMnu uRobert Mugabe esikhundleni okwenza akulangazelele ukubuyela ekhaya ayovota ngoba ukholwa ukuthi ukhetho kulokhu luzoba ngolukhululekile.
UNdhlovu ohlala ezindlini ezingolindela eSiphingo onekhono lokwakha izindlu uthi akakaze alithole ithuba lokuvota ezweni lakhe ngoba bekuthi uma kuzoba nokhetho kube nemibiko yokusatshiswa kwabantu bagcine sebenovalo lokuya ezikhungweni zokuvota.
“Okwenza ngaze ngafudukela eNingizimu Afrika ukuthola amathuba angcono empilo nomsebenzi, kodwa angilikhohliwe ikhaya ngoba njalo ngonyaka ngiyagoduka,” kubeka le nsizwa ethi uma isimo singabuyela kwesejwayelekile angeke inanaze ukubuyela emuva eZimbabwe. Uthe basenakho ukuxhumana nabanye afika nabo eNingizimu Afrika kodwa akazi ukuthi bona bacabangani ngesimo saseZimbabwe nokhetho oluzobanjwa ngoMsombuluko. Kanti ephawula ngalolu daba uMnu u-Alex (isibongo sakhe esingatholakalanga) uthe ujabule ngokuthi iZimbabwe izobamba ukhetho olukhululekile okokuqala futhi unesifiso sokubuyela ekhaya ayovota, kodwa akanawo amandla ngoba uphila ngokubamba amatoho eNingizimu Afrika. Uthi ufike lapha ngonyaka wezi-2012 engenazo izincwadi ezisemthethweni zokuba angene ezweni, kodwa wahlangana nabanye ababephuma ngaphakathi ezweni bakwazi ukugcina befinyelele eLimpopo. Uthi isifiso sakhe ukuthi kwenziwe uhlelo lokuba bakwazi ukuvota bekuleli ngoba akulula ukubuyela emuva ngenxa yemali.
U-Alex ohlala emqashweni eZimbokodweni uthe naye angakujabulela ukubuyela eZimbabwe unomphela uma isimo somnotho sesibuyele kwesejwayelekile. Uthe uyakholelwa eqenjini elibusayo futhi uyethemba ukuthi iyona iZANU-PF ezobuyela emandleni ngaphansi kaMnu u-Emmerson Mnangagwa.
Alisenamadoda achukuzanayo
Ukhetho lwangoMsombuluku luzobanjwa engasekho amadoda ayeyinkukhu nempaka okunguMugabe noTsvangirai. Lokhu kubukeka kungeke kube nomthelela otheni kuwo womabili amaqembu njengoba ukuhamba kukaMugabe kuZANU-PF kanjalo nokudlula emhlabeni kukaTsvangirai kubukeka kulethe izingqinamba zakho.
NgakuZANU-PF kukhona abasakholelwa esandleni sikaMugabe nabakholwa wukuthi ukuketulwa kwakhe kwabe kuyinto ehlelwe ngaphandle kwezwe ngenhloso yokudodobalisa umgqigqo womzabalazo. Ukuqhunyiswa kwebhomu emcimbini womkhankaso nokucishe kwalimaza lowo obambe njengoMengameli u-Emmerson Mnangagwa kuveze ukucija kwemikhonto.
KuMDC nakhona ukukhuluma kusele njengoba kusenezinkulumo zokuthi umholi okhona manje uMnu uNelson Chamisa akayena umholi owabe eqokwe ngumufi uTsvangirai.
Phezu kwakho konke lokhu ukhona umuzwa othi lolu khetho lungaphezu kokuthi ngubani ophethe kepha lingekusasa leZimbabwe, umnotho nenhlalakahle yabantu bakhona. Kukhona nokulangazelela kwamazwe angomakhelwane ekutheni uma ukhetho luhambe kahle amazwe abo angahle athole ukuphefumula njengoba sekukhona ukukhononda kwezakhamuzi zala mazwe ukuthi ukutheleka kwazo emazweni abo kuphazamisa umnotho wendawo. Elinye lalawo mazwe yiNingizimu Afrika okubikwa ukuthi yiyo enabantu abaningi abavela eZimbabwe.
Ikusasa lababhaciswa
Yize kungelula ukuqhamuka nesibalo sabaseZimbabwe abangaphandle kwemingcele ukuhlawumbisela kwe- International Organisation for Migration (IOM) kuthi ingxenye yesigidi kuya ezigidini ezine zabaseZimbabwe basemazweni. Kodwa izibalo ezingaqinisekisiwe, inhlangano ithi isebenze kanzima ukuqopha inani labantu baseZimbabwe abangekho ezweni labo. “Yize kungaba nokufuduka okukhulu, ukuze kuthuthukiswe izwe, kunokwesweleka kokulungisa kanye nezibalo ezithembekile ngesimo nangobungako bofuduko lwabaseZimbabwe, osekuthintibeze okwenziwayo okunobufakazi,” kusho inhlangano.
Nokho, isivumelwano sesikhashana phakathi kwezinhlangano ezingenzi nzuzo wukuthi ukufuduka kwabaseZimbabwe kwenabele ikakhulukazi eNingizimu Afrika, eBotswana, e-United Kingdom, eCanada, e-United States, eNew Zealand nase- Australia. INingizimu Afrika iyona cishe enababhaciswa baseZimbabwe, okulinganiselwa ezigidini ezimbili kuya kwezintathu zabaseZimbabwe abahlala khona. Abalandela iNingizimu Afrika ngendawo yokuhlalisa abaseZimbabwe unomphelo yi-UK. Izinhlangano zomphakathi zilinganisela isibalo sabaseZimbabwe abahleli ngokusemthethweni e-UK siyizi-200 000, kodwa kungathiwa bayizi-500 000 uma kubalwa nalabo abangabhalisiwe njengabafuduki.