Now Reading
Luphenduke inkombankombane olwempesheni
Dark Light

Luphenduke inkombankombane olwempesheni

NAKUBA ingxenye yabasebenzi bakwaSouth Africa Social Security Agency (Sassa) abebetelekile kuzwelonke ibuyelile emsebenzini izolo, kepha umonakalo odalekile nosizi abantu abahola imali yesibonelelo sikaHulumeni abadlule kulo kusazothatha isikhathi ukuthi kudlule. Ukubuyela kwabasebenzi ensimini kungase kube ngokwesikhashana uma kuwukuthi isinqumo seNkantolo Yezabasebenzi sokunxusa ukuba kuvulwe kabusha izingxoxo zamaholo phakathi kwezinyunyana nabasebenzi asitheli zithelo. Lezi zingxoxo ngokwesinqumo seNkantolo Yezabasebenzi kubhekeke ukuba zibanjwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. Laba basebenzi abangaphansi kwenyunyana iPublic Servants Association (PSA) bese kuphele amasonto betelekele ukunyuselwa amaholo.

Kuze kwadingeka ukuthi uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNkk uSusan Shabangu anikele enkantolo eyofaka isicelo esiphuthumayo sokunxusa abasebenzi ukuba babuyele emsebenzini. Abantu abadala abahola impesheni, nabahola eyezibonelelo bathwale kanzima ngesikhathi sesiteleka bevuka kusempondozankomo beyoqhomoloza ezikhungweni zokuhola lize liyoshona bengasizakalanga netshe lome inhlama. UMnu uSamson Nzama waKwaMakhutha oneminyaka yobudala engama-71 uthi uqale ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi efika esitolo sakwaPick ‘n Pay enxanxatheleni yezitolo i-Arbour Crossing ukuthi izinto azihambi kahle ngeSonto ekuseni.

“Ngokwejwayelekile ulayini uvame ukushesha ngoba konke kuhlelekile kulesi sitolo kodwa ngeSonto bekwenzeka okungajwayelekile. Angazi noma abaphethe kuso bebengazi yini ukuthi kunenkinga emuva kuHulumeni ngoba akekho obesitshela ukuthi kuqhubekani,” kuzikhalela uNzama. Akuyena kuphela uNzama kwabakhulume nelaboHlanga obesenkingeni, kodwa noNkk uDoreen Mazibuko waseNgonyameni ohola kwaBoxer eFolweni uthe kubaphethe kabi ukuthi badlule kulesi simo futhi kuyacaca ukuthi sisazoqhubeka uma abasebenzi bengabhekelelwa. “Ngihola imali yami yempesheni, ngiphinde ngiholele nabazukulu bami abashiywa ngunina. Njengoba singazi ukuthi kwenzekani, nasekhaya kuthule akukho okungenayo ngoba siphila ngemali yesibonelelo,” kusho uNkk uMazibuko. Izolo okhulumela iPSA uNkk uTahir Maepa uthe ukuya kukangqongqoshe enkantolo kube ukuchitha isikhathi ngoba kudala besho ukuthi akukho cala abalenzile ngaphandle kokulwela amalungelo abo. Uthe isinqumo seNkantolo Yezabasebenzi asisho ukunqoba kwabasebenzi bakwaSassa kuphela, kepha nokwezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika abahola impesheni.

See Also

Uthe abantu abaholayo sebezolala ngokukhululeka ngokwazi ukuthi umholo wabo angeke usavaleka. Khona manjalo iMeneja yenyunyana iPSA uMnu u-Ian Fredericks izolo uthe labo abangasohlangothini lukaHulumeni asebesola bona ngezinkinga zempesheni abanalo iqiniso. Uthe uHulumeni okumele asolwe ngokwenzekile, ikakhulukazi obenguNgqongqoshe uNkk uBathabile Dlamini. “Inkinga ebikhona ibingahlangene nabasebenzi bakwaSassa abangamalungu ePSA abebetelekile, kodwa bekunabantu abasebenza ngemuva ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bayakhokhelwa. Kulesi simo nje umsebenzi wokuholela impesheni wanikwa abePosi,” kusho uFredericks. Uthethelele abasebenzi bakwaSassa ngokuthi benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaholelwa. Ugxeke uNgqongqoshe uShabangu ngokubashaya ndiva ngokunqaba ukubamba izingxoxo nabo ngoba ethi bayingxenye yabasebenzi bakaHulumeni, ngakho nabo bangena ngaphansi kwesivumelano okwafinyelelwa kuso ezingxoxweni ezaphelela eMkhandlwini iPublic Sector Bargaining Council (PSBC).

Scroll To Top