Now Reading
Bawotha ubomvu e-Adams ngodaba lomhlaba
Dark Light

Bawotha ubomvu e-Adams ngodaba lomhlaba

Umphakathi wase-Adams Mission ohlanganisa iNkanyisweni naseDiphini ngaphansi kukaMasipala weTheku uthukutheliswa wudaba oluwundaba mlonyeni kulezi zinsuku oluthinta umhlaba ngemuva kombiko weHigh Level Panel.

Lo mbiko ophume ekuqaleni kukaMasingana uthi ayiqedwe INgonyama Trust bese umhlaba ubuyiselwa ezandleni zikaHulumeni uphathwe uNgqongqoshe kube nguye owulawulayo.

Lokhu kuvuse usinga ezakhamuzini ezihlala emihlabeni engaphansi kweNgonyama Trust ngaphansi kukaMasipala weTheku njengoba ungawakhokheli amarates. Lezi zindawo ezingakhokhi intela yilezo ezengamelwe yiBhodi le-Ingonyama Trust okuwumhlaba ongaphansi kweSILO.

ElaboHlanga linikele e-Adams Mission lakhuluma nelungu lomphakathi uNkk uGugulethu Ndlovu oyisakhamuzi kule ndawo kodwa ongowokudabuka eMandeni. Uthe usehlale kule ndawo iminyaka eyishumi, nathe wayithenga isabiza izi-R7000 kodwa manje isibiza izi-R100 000. “Le nto eshiwo yileli komidi alikhohlwe ukuthi izokwenzeka, ngoba umhlaba waMakhosi lona, ngeke sizwe ngalo. Asiwuboni umsebenzi walowo Hulumeni ukuthi yikuphi lokho azibona ukuthi angasisiza ngakho. Siyazishisela izibi nodoti uma ukhona siyakwazi ukuzithuthela siyowulahla. Izindlu zangasese ezethu sizakhela thina. Kungani esefuna ukuzosiqola emini sibhekile. Ngeke sikuvumele lokho, uma efuna ukusibona sibhikisha sigcwala imigwaqo uzokubona lokho,” kusho uNkk uNdlovu.

Enye yezindawo nazo engaphansi kweNgonyama Trust iNkanyisweni, umphakathi wakhona nawo uwotha ubomvu. Elinye elingu lakhona uNkk uZodwa Hlela uthe: “Lo Hulumeni obona imizi emihle bese ebona ukuthi engazuza ngokuthi sikhokhe intela udlala ngesikhathi. Le mali athi asiyikhokhe uthi asiyithathephi? Sishiswa yilanga emasimini ngoba sijulukela ukuthi sakhe le mizi akhuluma ngayo sondle nemindeni yethu. Asisebenzi akadali namathuba emisebenzi, sizoyithathaphi-ke imali yentela?”

Lokhu kuze kwafakazelwa uMnu uThemba Hlengwa oyilungu lo mphakathi endaweni yaseNkanyisweni, othe umhlaba ungoweSILO ubhekwe aMakhosi nezinduna. “Thina njengomphakathi ngeke sikuvumele lokho ukuthi kwephucwe aMakhosi neSILO umhlaba. Uma kuwukuthi kuyaqhubeka lokhu sizolinda izinduna zizosibikela njengomphakathi bese sithatha izinyathelo okungaba ukhukhulela ngoqo wemibhikisho kanye nezinkantolo,” kusho uHlengwa.

See Also

Kwenzeka konke lokhu nje, ngeledlule elaboHlanga like labika ngalolu daba njengoba Ingonyama Trust naMakhosi aseNdlunkulu bebehlangane eThekwini, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ngenhloso yokuzobhunga kabanzi ngalolu daba oluthinta ukuhlakazwa kweBhodi Ingonyama Trust kanye nokubuyiselwa komhlaba ezandleni zikaHulumeni emuva kombiko okhishwe yilesi Sigungu ebesiholwa yilowo owayenguMengameli wezwe uMnu uKgalema Motlanthe.

AMakhosi awukhahlela ngazo zombili lo mbiko abe eseba nezincomo zokuthi uma kungenzeki ukuchithwa kwalo mbiko ngokushesha kuzomele umthetho owakhe Ingonyama Trust uchitshiyelwe ukuze ukuphathwa komhlaba kuphume ngaphansi kokuphathwa ngaMakhosi ne-Ingonyama Trust kanye neBhodi. Ezinye zezincomo zithe aMakhosi akuqaphelile ukuthi ubufakazi leli qoqo elithi buholele kulezi zincomo elizenzile buyincikinciki, abunasisindo, buyathunaza futhi abethembekile. Okunye akuvezile ukuthi kuyacaca futhi ukuthi labo abathintekayo, ISILO, aMakhosi, iZizwe kanye neBhodi le-Ingonyama Trust abazange banikezwe ithuba lokuziphendulela. Okubuye kuthunaze kakhulu ngalo mbiko ukuthi umbhali wawo uDkt u-Aninka Claassens isitha esidala soBukhosi kanye ne-Ingonyama Trust. Uma umuntu ebhekisisa lo mbiko kutholakala ukuthi imbiza endala kaDkt uClaassens amane wayifudumeza nje.

Kube sekuba nesiphakamiso sokuba kuhlelwe umhlangano waMakhosi neSILO ukuze siyobikelwa ngakho konke osekwenzekile mayelana nalolu daba, acela ukuba kuhlelwe umhlangano nalesi Sigungu sizochaza ngalo mbiko waso kanye nenhloso yaso, lapho iSigungu lesi simenywa asaziswe ngalesi sinqumo ngokubhalwe phansi, kanti neBhodi le-Ingonyama Trust lanxuswa ukuba liqinisekise ukuthi lezi zinqumo ziyafezeka ngokushesha.

Scroll To Top