URamaphosa usazobhabhadiswa ngomlilo


Izigameko zakamuva zikhomba ukuthi lukhulu luyanyelela
Ukuqokwa kukaMnumzane uMatamela Cyril Ramaphosa njengoMengameli we-African National Congress (ANC) ngoZibandlela nyakenye nokufungiswa kwakhe njengoMengameli wezwe ngoNhlolanja nonyaka kwahunyushwa njengokuphenywa kwekhasi elisha. Cishe yonke imithombo yabezindaba kuleli naphesheya kwezilwandle yahlonza “ngekusasa eliqhakazile” ngaphansi kobuholi bakhe. Iqembu lakhe likusebenzise kakhulu ukuqokwa kwakhe lakubeka njengesiqalo esisha sokwebuza kwazise labe libhekene negcindezi yezinsolo ezahlukene ezibala ukungaphathi kahle kuHulumeni kanye nenkohlakalo ngaphakathi nangaphandle kweqembu.
Akugcinanga lapho isikhathi sokungena kwakhe senze ezinye izinhlaka zikaHulumeni zaqala ukwenza into ebambekayo ngakho belu ukuzama ukuzigqamisa kumholi omusha. Isibonelo salokho kube wumdlandla osubonakala kuNational Prosecution Authority (NPA) ngaphansi kobuholi buka-Advocate Shaun Abrahams. Lolu Phiko LokuShushiswa beluhlale lusolwa ngokundonda ukwenza izinto kepha kunede kwaphatha uRamaphosa lwabonakala lujijimeza umndeni wakwaGupta. Khona lapho ubuholi bukaRamaphosa buqhakambise udaba lukaMnu u-Arthur Fraiser iNhloko Yezobuhloli kanye noMnu uTom Moyane wakwaSouth African Revenue Services (SARS) kanye noNkk uDudu Myeni obenguSihlalo wakwaSouth African Airways (SAA).
Umlilo nxazonke
Kungakapheli nezinyanga eziyisithupha ephethe kubukeka eseqalile ukubhula imililo ngaphandle nangaphakathi eqenjini. Eminye yale mililo kusuke kuwukuvuka kukapelepele ogqokweni kanti eminye misha inezinhloso ezithile. Ngaphakathi eqenjini ubhula izigameko zodlame eNorth West lapho kunabantu abakhala ngoNdunankulu wesifundazwe uMnu uSupra Mahumapelo naKwaZulu-Natal lapho izinhlangothi ezimbili ziqhubeka nokungavumelani ngendlela eya phambili odabeni lokhetho lwesigungu esiphezulu. Lokhu kokungaboni ngaso linye akukusha njengoba kuqale ngesikhathi kuyokhethwa umholi weqembu ngoZibandlela. Nokho umehluko wukuthi uRamaphosa ekulamuleni kulindeleke ukuba abe ngaphezu kwazo zombili izinhlagothi nokuyinto abathile abanesiqinseko sokuthi ngeke aphumelele ukuyenza. Isibonelo, odabeni lwaseNorth West ujube owayeyimbangi yakhe nowayesekelwa uMahomapelo, uDkt uMaDlamini Zuma ukuba ahole ithimba lokuyophenya ngokwenzakalayo. Lokhu kuveze ukuqonda kwakhe ubumqoka bokuthi angazitholi esenindeke ngodaka.
Odabeni laKwaZulu-Natal nakhona uyacophelela, ufolosa ngoNobhala Jikelele uMnu u-Ace Magashule. Nokho ngisho ezama ukwenza lokho uRamaphosa ukucija kwemikhonto nokuzazelana ngaphakathi eqenjini kumbuyisela enkundleni njengoba sekuqalile eNorth West. Kulabo abaseka uMahumapelo nobuye abe nguSihlalo weqembu kulesi sifundazwe kabananazi ukuthi lokhu “kuyimizamo kaRamaphosa” yokuchoboza labo ababeseka uMengameli uZuma. Lokhu bekufakazelwa nangamaculo abeculwa ngabesekela uMahumapelo nabegxibha uRamaphosa. Laba bahlonza ukuthi okwenzeka eNorth West kuzokwenzeka naseFree State naKwaZulu-Natal nokuyizifunda ezabe zingameseki uRamaphosa. Bathi uyiqhatha ngesinqe uMengameli.
Konke lokhu kubukeka kuseyisiqalo njengoba kulindeleke ukuthi imikhonto icije kakhulu ngesikhathi sekulungiselelwa ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo nayilapho ithambo eliyobe libangwa kuyobe kuwuhla lwamagama azoya ePhalamende naseZishayamthetho.
Nasemphakathini kunjalo
Okunye okwakubukwa njengekhasi elisha ebuholini bukaRamaphosa kwakuwukudala ubunye emphakathini ikakhulukazi izinhlangeni ezehlukene. Kwakwethenjwa nokuthi ukungena kwakhe kuyodambisa imibhikisho enodlame emphakathini. Ngokombiko wabakwaMunicipal IQ kusuka ngowezi-2009 okuwukuqala kokuphatha kukaZuma imibhikisho yomphakathi ngenxa yezidingo ibiphezulu. Ngonyaka owedlule nje kuthiwa ibe li-173 kuzwelonke. Nonyaka yize usaqala sekuqoshwe eli-42 nokwesatshelwa ukuthi ingahle yande ngenxa yokhetho oluzayo kanye nodaba lomhlaba.
OwayenguMengameli uZuma phakathi kwezinto asolwa ngazo “wukwakha isimo lapho kunokubhekana ngeziqu zamehlo” emphakathithi eyahlukene. Kulabo abanalo mbono udaba lokubuyiselwa komhlaba nolwaqala ukuba ngundabamlonyeni ngezikhathi zikaZuma luwubufakazi bale nkulumo. Ababecabanga ukuthi uRamaphosa uzokhuluma okwehlukile bathuka kwaphela naso zwaneni ngesikhathi naye ehamba phezu kwamagama kaZuma kwelo mhlaba kwazise lokhu kwabe kuyisinqumo somhlangano we-ANC ngoZibandlela. Akunezelayo nje uRamaphosa enkulumeni yakhe ngomhlaba wudaba lokuthi ekubuyisweni kwawo ngaphandle kwesinxephezelo “akungaphazanyiswa umnotho nokukhiqizwa kokudla” nokuyinto engasho lutho empeleni ngaphandle kokuthi ihunyushwa ngezindlela ezehlukene.
Kukhona abathi ngokuthi “akungaphazanyiswa umnotho nokukhiqizwa kokudla” uRamaphosa usho ukuthi ngeke vele inhlangano yakhe iqinise isandla odabeni lokubuyiswa komhlaba. Phela ngokwabo nxa kukhulunywa ngabakhiqiza ukudla kulokhu kukhulunywa ngabelungu, okusho ukuthi uma ethi akungaphazamiseki kusho ukuthi kabangathintwa. Kanti abanye (oningi labo kungabelungu) bathi uRamaphosa kabavikeli kepha uyiqhatha ngesinqe. Phakathi kwalabo abanalombono yi-AfriForum esivele isiqalile ukunyundela uRamaphosa noHulumeni wakhe.
Abaholi be-AfriForum okunguMnu u-Ernst Roets noMnu uKallie Kriel bathathe lo mkhankaso wabo bawuyisa e-USA ngesonto eledlule. Eqhulwini le nhlangano ibeka udaba lokubulawa kwabalimi abamhlophe njengesizathu esinqala sokuba umhlaba uvikele abelungu okuthiwa bemukwa umhlaba okungowabo. Le nhlangano yamemezela ukuthi iyongena iphuma kumazwe omhlaba ngenhloso yokuveza ubuhlungu abelungu ababhekene nabo ngodaba lomhlaba kuleli. Baze baliphimise livundle kabili elokuthi abelungu kuleli babhekene nembubhiso.
Udaba lomhlaba lubukeka lungeke nje lugcine ngokuba yinoni kumaqembu nabaholi bepolitiki kepha ikhona nengozi yokuthi luhlukanise abakuleli ngokobuhlanga. Njengoba i-AfriForum isola uHulumeni ngokufuna ukuqonela abelungu umhlaba, nakubo aboHlanga kukhona ukukhuluma okuthi le nhlangano ivikela “abaphangi bomhlaba” ngoba ingafuni ukuba kwenzeke ubulungiswa obuyokwenza aboHlanga babuyelwe yizwe labo. Lokhu kubukeka kuzocijisa imikhonto ukuya phambili nokungahle kubeke ichashaza ekuphatheni kukaRamaphosa. AboHlanga ezindaweni ezithize ezweni sebeqalile ‘ukuyinyomfa’ bengena ngenkani ezindaweni ezithize kukhona nokududulana phakathi kwabo namaphoyisa.
Iziteleka nazo kulindelekile ukuthi zibasele ingcindezi kuHulumeni kaRamaphosa. Akukho ukungabaza ukuthi izinyunyana ezingekho ngaphansi kweCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ziyahlela ukuthi nxa sekufika isikhathi seziteleka ekupheleni konyaka lapho abasebenzi befaka khona abaqashi ingcindezi ngamaholo zibe zisilungele lesi sikhathi. Lesi sikhathi sizofika sekusele izinyanga ezimbalwa kuyiwe okhethweni lukazwelonke. NasePhalamende kusazoshuba njengoba amaqembu aphikisayo ezozama ngazo zonke izindlela ukwehlukanisa uRamaphosa nebutho lakhe i-ANC njengoba bakwenza ngempumelelo ngoZuma.
Kuleli sonto ngokokuqala ngqa abantu baseNingizimu Afrika babone uRamaphosa ohlulwa wukulawula imizwa yentukuthelo ngesikhathi ephendula ngesankahlu uSotswebhu weDemocratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen ethi akahlale phansi avale umlomo! URamaphosa uyalelwe ukuthi kayihoxise le nkulumo yakhe. Akukho ukungabaza ukuthi aphikisayo aselibonile inxeba azogadla maduze nje. Njengoba enza kuZuma maduze nje azoyiphazamisa inkulumo kaRamaphosa. Umbuzo uthi ngabe uzotholakala ekulungele yini lokho kuchukuluzwa!