Now Reading
Indawo iNkandla nelinye ichashaza elibi
Dark Light

Indawo iNkandla nelinye ichashaza elibi

INkandla idume ngezinto eziningi, ezinhle nezimbi. Kukule ndawo lapho umlando kaZulu uqala khona ngeSigodlo sakwaNkomonye. Kanti neNgonyama uCetswayo itshalwe kuyo le ndawo. Amahlathi anomlando omningi. Lena yindawo lapho amaqhawe afana neNkosi uSigandanda anyathela aphila  khona. KuseNkandla lapho umuzi kaMengameli wezwe uZuma,  kwaDakw’udunuse ukhona. Kule minyaka le ndawo idume ngalokho okwabikwa njengenkohlakalo yilowo owayenguMvikeli Womphakathi embikweni owaziwa nge-Secure in Comfort, nowabe ukhuluma ngokusetshenziswa kwezigidi ezingama-R246 kulungiswa kwaDakw’udunuse.

Okunye okwaduma ngale ndawo kwabezindaba yimiphumela yokhetho loHulumeni Bendawo. Lapha kwavela ukuthi yize uMengameli kaKhongolose akhe kule ndawo futhi edume ngemicimbi ayenza minyaka yonke lapho elekelela imindeni ngoxhaso lwezemfumdo nokunye, izakhamuzi zakule ndawo nxa kuyovotwa  zivotela elinye iqembu. UMasipala waseNkandla uphethwe yi-Inkatha Freedom Party (IFP) ngaphansi koholo lweMeya uMnu uNtuli.

Ngokusho kweMeya uNtuli “Abantu abangaqashiwe eNkandla bangama-70%.”  Ngokonyaka wezimali wezi-2016/17 lo Mkhandlu ubunesabelomali esiyizigidi-R181. Ngokusho kukaNtuli kuleso samba imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R35 isebenze ukuhlinzekela umphakathi ngogesi. Nathi abantu abayizi-141 000 sebenogesi  Nokho lesi sithombe esihle singahle sibe nechashaza elibi nxa izinkulumo eziqhamukayo zingaba yiqiniso. Ukukhuluma okukhona kumayelana nalowo oqashwe njengeMeneja kaMasipala uMnu uLangalakhe Jili nokuvela ukuthi akafanele ukuba kulesi sikhundla. Ukuthi akafanele kushiwo wuMnyango wakwaCogta KwaZulu-Natal, uNkk uNomusa uMaDube Ncube kanye noNgqongqoshe kazwelonke uMnu uDes Van Rooyen.

Ngokwamaphepha iBayede enawo, uJili uqokwe  ngowezi-2016 ngemuva kokuba uCogta aphikisana nokuqashwa  kukaMnu uSthembiso Ntombela owayezoba yibamba. Kuthe ngoMasingana wezi-2016  isigungu somkhandlu kamasipala eNkandla  mhla zingama-25, kwavunyelwana ngokuba kufakwe uJili kulesi sikhundla ukuze abambe. Ngemuva kwezinyanga eziyisi-8 waphuma uJili kwaqokwa uMnu uMsomi nowayevele eyisisebenzi sangaphakathi kuMasipala ukubamba okwesikhashana.

Kuthe ngemuva kwalokho lesi sikhundla sakhangiswa kwafakwa izicelo ezingama-23 kodwa kwabizwa abantu abayisi-8 phakathi kwabo kukhona noJili. Kuthe ngoNdasa wezi-2017  uJili waqokwa ngokugcwele ukuba abeyiMeneja yaseNkandla. NgoNdasa wezi-2017 mhla zintathu, uMaDube Ncube wabhala incwadi ecela ukuba ehliswe ngokushesha esikhundleni uJili ngoba amava akhe awafiki kulesi adingeka ngokwesikhundla aqokelwe kuso.

“Siyitholile incwadi esazisa ngokuqashwa kukaMnu uJili esikhundleni sokuba iMeneja kaMasipala INkandla. Nakuba imininingwane esinikezwe yona ngalesi sinqumo ingaphelele kodwa uma sibhekisisa kahle uJili kasimfanele lesi sikhundla ngenxa yamava akhe angafikile ngisho eminyakeni emihlanu edingekayo. Ngifisa ukuba ufunde kabanzi imigomo echaza ngokuqashwa kwezikhulu ezisuke zifakwa ezikhundleni ezingaphansi kweSigaba 54A (10)  nesinye esingu-56. Encwadini enisithumelele yona  sibona umkhandlu wenze iphutha ngokunqumela uJili ukuba ahole imali eyizi-R942.569 ngonyaka. Le mali ingaphezulu kakhulu kwalena esemthethweni okufanele iholwe abasesikhundleni esisezingeni lalesi aqashelwe kuso nokwavunyelwana ngayo ngowezi-2016 komasipala .Okunye akusicaceli ukuthi ngabe uMkhandlu waseNkandla ufinyelele kanjani kulesi sinqumo.  isipiliyoni sakhe asifiki eminyakeni  esibekwe kuRegulation 14 (1) ogunyaza ukuba abasuke beqokelwe inhlolokhono kufanele bacubungulisiswe zingakapheli izinsuku ezingama-21. Lesi sigaba sibuye sikubeke kucace ukuthi iMeya kufanele ihlanganise umbiko mayelana nokucutshungulwa kwalabo abasuke beqokelwe inhlolokhono uma lolo hlelo seluphothuliwe. Lokhu kufanele kwenzeke ngaphambi kokuba kuze kuqale inhlolokhono. Lonke lolu lwazi olusuke lutholakale kucubungulwa abaqokelwe inhlolokhono kumele lube yingxenye yalolo oluthunyelwa kuNgqongqoshe nokuyinto uMasipala Inkandla ohluleke wancama ukuyenza. Ngakho ngicela ningithumelele imibono yenu engasiza ukuba siqhamuke nesixazulule ukuze sithole indlela eyaphambili,” kusho uMaDube Ncube encwadini.

Kule ncwadi uMphathiswa wabeluleka ukuba bamphendule zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. Le ncwadi ibilandela ezinye ezaqala ukuthunyelwa uMnyango ngowezi-2016 ephikisana nokuqokelwa kukaJili ekubeni ibamba leMenenja kaMasipala waseNkandla. Encwadini okwaphendula ngayo uMkhandlu mhla zili-24 kuNdasa,  wabekela uMnyango imigomo elawula ukuqashwa kwezikhulu abayisebenzisile nechazwa nguNgqongqoshe, bathi  ihambisana ngqo noJili.

UMkhandlu wacacisa ngesipiliyoni anaso esikhombisa ukuthi usevuthiwe ekuphatheni. “Uma singachaza kabanzi ngoJili ukewaba yiNhloko YoMnyango esikoleni iPhahlane Primary School iminyaka emine. UJili ubuye waqokelwa esikhundleni esiphezulu, eyi-Executive Manager nokuyisikhundla esicishe silingane nalesi aqashelwe kuso nokube unyaka nezinyanga ezine.  Uphinde waqokelwa ukuba ibamba loMqondisi  wakwaCorporate  Services nokwaba izinyanga ezintathu kuthe esabambe kulesi sikhundla wabuye wakhethwa waba yibamba leMeneja kamasipala ezinye izinyanga eziyisithupha nokugcine kuba yizinyanga eziyisi-9,” kusho incwadi eyabhalwa iMeya uNtuli eyibhekise kwaCogta.

Kuyo le ncwadi iMeya iyavuma ukuthi likhona iphutha elenzekile ngomholo kaJili kodwa bayalilungisa ngakho sebemnikeze umholo wenani eliyizi-R852 706.   Ngemuva kwalokhu iMeya yabe isibhalela uNgqongqoshe kazwelonke uMnu uDes Van Rooyen, idlulisa udaba ngenhloso yokuphikisana nesinqumo sikaCogta sokuba kuchithwe uJili. Mhla zili-14 kuMandulo wezi-2017 uVan Rooyen waphendula iNkandla echitha lesi sicelo sayo sokuba eminye yemigomo ebekwe kulesi sikhundla nephikisana nesipiliyoni sikaJili kumele “inganakwa”.

Encwadini elaboHlanga elinayo, uVan Rooyen uthi amava kaJili akuhambisani nalesi sikhundla ngakho kudingeka akhishwe esikhundleni kuqalwe phansi uhlelo lokukhangiswa komsebenzi. Incwadi kaVan Rooyen ithi empeleni kwakungafanele neze uJili abizelwe ngisho kunhlolokhono. UNtuli ube esebiza umhlangano woMkhandlu ophuthumayo nalapho kubhungwe khona kabanzi ngempendulo kaVan Rooyen kwabe sekuvunyelwana ngokuthi akuthathwe izeluleko zabomthetho.

“Imithetho yokusebenza komasipala akukho lapho evimbela khona umkhandlu ukuba ukhangise kabusha isikhala osuke ufuna kuso umuntu ozomqasha uma kungekho kwababiziwe osuke ehlangabezana nemibandela edingekayo.  Ngakho ngalezi zizathu akukho lapho sinesizathu esingasivumela ukuba sivume ukuqashwa kukaJili ngokusemthethweni,” kusho incwadi kaVan Rooyen eyathunyelwa eNkandla ngonyaka odlule.

Ngalesi sikhathi  nezeluleko uJili usesolwa ngokuthi kungakapheli ngisho izinyanga ezili-12 ekulesi sikhundla usethathe izinqumo ezesabekayo, ekhipha amathenda emali eyizigidi ezingaphezulu kweziyishumi. Okunye ukukhuluma kuthi ezinye zezinkampani zinikezwe umsebenzi ngoba kuzanywa ukuvala umlomo abathile ukuba bangalokhu bekhuluma ngalolu daba.

‘Selokhu kuqokwe uJili sibone ukwephulwa kwemithetho elawula ukukhishwa kwamathenda ngendlela eyisimanga nokuxhashazwa kwesigaba esaziwa ngokuthi uRegulation 32. Empeleni konakele ngisho ningazifikela lapha eNkandla nizobona ukuthi akuhambi kahle.

Uyabona nje kunezinkampani eziqokelwe ukwenza umsebenzi ongenziwa ithimba lethu esinalo ngaphakathi nokwenza sibuze ukuthi laba abaqashwe uMasipala kusho ukuthi sebezoholela ukuthi bafika bezovakasha babuyele emakhaya yini ngoba phela kunezinkampani zangaphandle ezinikezwe ukuba zenze umsebenzi wabo. Ezinye ziqashwa ngamanani emali esingenayo ngisho kuMasipala,” kusho  umthombo ocele ukungadalulwa.

See Also

Ngesikhathi kuthintwa uSomlomo uSibiya, ucingo belukhala isikhathi eside engalubambi luze ucishe kanti nomyalezo ashiyelwe wona ugcine engawuphendulanga. IMeya uNtuli iphendula ichaze kabanzi ngalolu daba yathi bayalwazi futhi baxhumanile noMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu  esifundazweni nakuzwelonke ukuze baluxoxe.

“UMnyango uye wasichitha sanquma ukuba  sixhumane eMkhandlwini savumelana ngokuba sithintane nabameli ukuze basinikeze izeluleko ngalolu daba. Kuze kube manje sisalindile ukuba abameli babuye kithi kodwa nakuba kunjalo uJili yena usaqhubeka nokusebenza ngokugcwele ekubeni iMenenja kaMasipala wethu lapha eNkandla.

Ngingasho nje ukuthi usebenza ngokukhulu ukwethembeka nokucophelela yingakho sisagculisekile ngaye. Okunye engingakucacisa ukuthi ngaphambi kokuqashwa kukaJili, saqoka uNtombela ukuba abambe kodwa uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu wakuchitha ukuqokwa kwakhe. Sakulalela lokho savumelana ukuba uNtombela akhululwe esikhundleni,” kusho uNtuli.

Encwadini abathunyelelwe yona ngowezi-2017, uma beziphendulela enkandla bathi bona impendulo bayithole mhla zizine kuMasingana kulo nyaka. Ngesikhathi kuthintwa uJili uthe okunye kule nto kunepolitiki phakathi kodwa uyawuqonda umsebenzi awenzayo futhi nangesikhathi eqashwa wayazi ukuthi uzifaka kuphi.

“Ngesikhathi ngiqashwa ngowezi-2017 kuNdasa waba khona umsindo. Kuthe ngemuva kokuqokwa kwami umkhandlu wabhalela uMnyango njengokujwayelekile uwazisa ngokuqashwa kwami. UMnyango wabe usuba nezikhalo ezithize. Kuthe ngemuva kwalokho sabhalela okazwelonke kodwa nakhona lapho sagcina sizisola ngoba izimpendulo ezabuya azizange zibezinhle njengoba babethi kumele ngiphume kulesi sikhundla.

Sibe nenkinga yokuthi incwadi ebiphikisana nokuqokwa kwami siyithole mhla zizine kuMasingana sekwedlule isikhathi.  Kube sekuthathwa isinqumo sokuba sixhumane nabameli bethu ukuze baseluleke kanti azikapheli izinyanga ezintathu senze kanjalo,” kusho uJili.

Uthe akakwazi lokho ngoba zonke izinkampani ezisebenza eMkhandlwini ziqashwe ngokulandela yonke imigudu yokukhishwa kwemisebenzi yomasipala. Uqhube wathi konke lokhu kusadlalwa ipolitiki engasile ngoba ayikho inkampani yomuntu othile okungathiwa ubemvala umlomo. Okunye uthe akayazi inkohlakalo okukhalwa ngayo ngoba basanda kuthola umbiko obancomayo kuMcwaningimabhuku Jikelele ngendlela abasebenza ngayo nabaphatha ngayo izimali.

Scroll To Top