Now Reading
Enye yezinsika zelokishi iClermont iwile
Dark Light

Enye yezinsika zelokishi iClermont iwile

NgeSonto lempelasonto esiphuma kuyo, iClermont Township okuyindawo  emaphakathi neTheku nePhayindane ibizovalelisa kwesinye sezigomagoma zomzabalazo ezikhiqizwe yile ndawo uNkk Nonceba Martha Duma (uMaTutu) obedume ngelika “Ncebsy.” Inkonzo yokumphelezela ebihanjelwe yizikhulu eziphezulu kuhulumeni nezinkumbi zabantu ibibanjelwe eGreyville Race Course eThekwini kunandisa kuyo iClermont Community Choir neqembu le-Acapella iThemba. UNkk Duma udlule emhlabeni ziyisi-7 kuNhlaba wezi-2018 emva kokuhlinzwa okungabanga yimpumelelo. Emuva kwenkonzo ube eseyofihlwa emathuneni aseBothas Hill eLalakahle.

Izikhulumi zonke ngazwilinye zibabaze ukuthobeka nokusebenza kanzima kwaleli qhawe lomzabalazo ngaphandle kokubheka ukuthi lizuzani. Lokho, ngokusho komunye wabantwana bakhe uMnu uGevas Duma kumenze wadlula emhlabeni impilo inzima kwazise ezinganeni zakhe iningi alisebenzi.

Ezikhulumela yena uMnu uDuma uphawule kanje, “Umama uhambe emhlabeni inhliziyo yakhe ibuhlungu ngoba ebona akuzabalazela, okuyimpilo engcono kubo bonke abantu kungatheli zithelo ezibonakalayo. Lokhu kungenxa yenkohlakalo enuka phu nokucabangela izisu nemindeni kwezikhulu ikakhulukazi ezikuMasipala (awugagule ngegama). Uze wathula umama ekhala ngokuthi izikhulu zenhlangano zidla zodwa nemindeni yazo.”

Uqhubeke wathi yize umama wakhe ayengazabalazeli ukuzicebisa yena nomndeni wakhe kodwa njengawo wonke umzali bekuba buhlungu ukubona izingane zakhe zingasebenzi kodwa zibe ziyile esikoleni ukuyofunda njengoba ayeziyalile zikhula. UMnu uDuma ucele ukuthi kube noguquko lwezinhliziyo zabaphethe amandla kuhulumeni balumisane nabanye abantu emathubeni omnotho awumphumela wenkululeko uMama uNonceba ayijulukela izithukuthuku zegazi.

Izinkulumo eziqhutshwe kule nkonzo ebizothile ihanjelwe kwabanye abaholi nguNdunankulu Wesifundazwe uMnu uWillies Mchunu, uMnu uSenzo Mchunu oseHhovisi le-ANC eLuthuli House, oyisiKhulu Sezokuhlela Nokweluswa kweNqubomgomo eHhovisi likaMengameli uDkt uNkosazane Dlamini Zuma noNgqongqoshe Wezamandla uMnu uJeff Radebe ziveze obekungaziwa ngoNkk uNonceba Duma.

Wazalelwa eDuncan Village e-East London ngowe-1943. Abazali bakhe kwakungoMnu uRoman Koti Tutu noMary-Ann Tutu (uMaNtleki) bobabili abangasekho. Uyise wayeyisishabasheki ku-African National Congress (ANC) neSouth African Communist Party (SACP). Lokhu kwaba nomphumela wokuthi uMama uNonceba nomfowabo uLawrence bangene bathi shi kwezomzabalazo.

Ukubulawa ngesihluku kukaThami Rorwana okunguyena owayemcathulisa kupolitiki befunda esikoleni samabanga aphakeme iWelsh High School e-East London kwamenza uNonceba wazizwa engasaphephile endaweni. Wabalekela eMgungundlovu lapho akhosela khona ngaphansi kwephiko likaSelby Msimang owayedume ngelika “Nkonka Wefusi.” Iminyaka yowe-1960  kuya kweye-1990 yaba ngematasa kuMama uNonceba eyilungu elethembekile nelikhuthele ku-ANC. Wayekhuthalele ukusabalalisa izaziso ngemihlangano ka-ANC, ehlela amamashi enakekela labo ababedinga ukukhoseliswa nokudla. Lapha  wayesebenzisana nabaholi abafana noNkk uBridgette Mabandla, uDkt uDiliza Mji, uMnu uToto Dweba ongasekho, uMmeli uKwenza Mlaba ongasekho, uMnu uTerror Lekota, umndeni wakwaMxenge nabanye. Wabe eyilunga lebutho lokuqala lo-UMkhonto Wesizwe, iLuthuli Detachment.

Izikhulumi zonke zimchome usiba lwegwalagwala uNonceba ngokuba ngusomaqhinga owayesebenza buthule ekubalekela ukugqama. Waphuma engena emazweni afana neLesotho, eMozambique, eBotswana naseNamibia ngokomsebenzi owawugqame njengowokuhambisa abavakashi kodwa empeleni kungowokushushumbisa labo ababeyoqeqeshelwa ezempi emazweni angaphandle. Kwathi uma amaphoyisa ezomoya esewusola umgqakazo uMama uNonceba waguqukela emsebenzini wamaloli ayethutha ukudla ekuyisa emazweni angaphandle. Phakathi kwamasaka okudla kwakusuke kucashe abafana ayebakhiphela ngaphandle kwezwe beyoqeqeshelwa ezempi. Abanye wayebakhipha bedlubhe imijiva yebandla lamaNazaretha njengababeyohlanganyela ezinkonzweni zebandla emazweni angomakhelwane kanti iqiniso laziwa nguye.

See Also

UMama uNonceba ngaphakathi eClermont usebenze kakhulu ku-United Democratic Front ngaphansi kobuholi bukaMnu u-Archie Gumede. Ubesebenzisana kakhulu nezinhlaka zentsha yakule ndawo.  Isivulwe umlomo i-ANC uMama uNonceba ungene ku-ANC Women’s League ne-ANC Veteran’s League esebenza noGeneral uSam Kikine, oNks Ella Ghandi oNkk uTeresa Mthembu nabanye emzabalazweni. Wayegane uMnu uMichael Duma ongasekho babusiswa ngabantwana abayisithupha okukhona kubo uNomzamo ongudokotela, abazukulu abayi-16 nesizukulwane esingama-21. Bonke abebekhuluma bababaze igalelo likaMama uNonceba emzabalazweni ngaphandle kokuzifunela inzuzo nodumo.

Abebekhona bengangoZulu eya eMakheni basho ngazwi linye ukuthi bayethulela isigqoko intomb’ endala. UMnu uSkhumbuzo Letlaka osebenze kakhulu noMama uNonceba ecelwa ukuba aphawule uthe: ‘Ngiyasibabaza isibindi sikaMama uNonceba ngesikhathi ipolitiki ibulalisa, ibophisa. Umzabalazo ayengene kuwo wokushushumbisa ababeyoqeqeshelwa ezempi ngaphandle bawufela ngesihluku oMnu uMasobiya Mdluli kodwa lokho akumenzanga uMama uNonceba wagudluka ezinhlosweni zakhe zokukhulula leli lizwe.

Thina njengentsha wasifundisa ngomzabalazo wasihlanganisa nabaholi abafana noSolwazi uJoseph Shabalala weLadysmith Black Mambazo ukuze sazi ukuthi namasiko esizwe anendawo emzabalazweni.  Sakwazi ukuthola izaqheqhe ngemisebenzi esasingayifundela isiphilise ngoba uma sisemaholidini wayesihlanganisa nochwepheshe engingabala kubo abaMmeli, oNjiniya, oDokotela neziNtatheli bonke ababemnkantshubovu emikhakheni ababekuyo.

UMama uNonceba wakwazi ukuphendula ukubandlululwa kwethu yiTricameral Parliament kaDkt uP.W. Botha ngowe-1983 ngokuthi abe sekhaleni lokwakhiwa kwe-United Democratic Front (UDF) njengoba nokusungulwa kukaKhongolose (ANC) ngowe-1912  kwakuyimpendulo yokukhishelwa ngaphandle kwaboHlanga yi-Union of South Africa ngowe-1910. Indawo yaseClermont neNingizimu Afrika yonke ilahlekelwe ngokudlula komholi okwazi ukuguquguquka nezikhathi. Lowo bekunguMama uNonceba ‘Ncebsy’ Duma,’ kuphetha uMnu uLetlaka.

  • dez@ingabadimedia.com
Scroll To Top