Now Reading
Ngabe sekungukushabalala kukaManana ePhalamende
Dark Light

Ngabe sekungukushabalala kukaManana ePhalamende

Inkulu ingcindezi ebhekiswe eqenjini elibusayo ukuba ePhalamende likhombe indlela uMnu uManana

 

KUNGENZEKA yini ukuthi isigameko sakamuva sokubhanqa nezindonga umsebenzi wasendlini esithinta ilungu lePhalamende uMnu uMduduzi Mañana kube yisona esiqeda ngekusasa lakhe kwezepolitiki. Lona ngumbuzo ozophenduleka maduze njengoba udaba lwakhe lokuhlukumeza umsebenzi wasendlini kwakhe selusezandleni zikaSomlomo uNkk uBaleka Mbete. Izolo uSomlomo uthe uzocela uhlaka lwePhalamende olubhekele ukuziphatha kwamalungu ukuba luphenye ngezinsolo ezibhekiswe kuMnu uManana.

Uthe uManana umsulwa kuze kube utholwa enecala. “Amalungu ePhalamende anendlela okulindeleke ukuba aziphathe ngayo, iCode of Ethics futhi kunekomidi elibhekele lokhu noManana okumele alandele imiyalelo yalo,” kusho uNkk uMbete izolo.  Emuva kokuvela kwezindaba zokuhlukumeza umsebenzi wakhe, uManana uvulelwe icala emaphoyiseni okuthe emuva kwesikhashana lahoxiswa.  Kube sekusabalala inkulumo eqoshiwe ezinkundleni zokuxhumana lapho ezwakala khona exoxisana nowesifazane okuthiwa ungudadewabo womsebenzi emtshela ukuthi angamnxephezela ngokwenzekile, bahambe baye emaphoyiseni beyovula icala. Kule nkulumo lona wesifazane uyavumelana noManana.

UNkk uMbete uthe bayasamukela isinqumo seNational Prosecuting Authority sokuvusa kabusha leli futhi bayethemba ukuthi uphenyo luzoqhubeka ngokushesha. Uthe ukuvula kabusha icala kwamaphoyisa kudinga ukunconywa naphezu kokuba lona wesifazane osiza emzini kaManana ube selihoxisile. Ngonyaka odlule lo mholi kwaphoqeleka ukuba ashiye esikhundleni sokuba iSekela likaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme emuva kokuzivumela ukuthi washaya abesifazane abathathu endaweni yobumnandi eGoli emuva kokuhilizisana nabo. Njengamanje uyilungu elijwayelekile lePhalamende kodwa usesigungwini esiphezulu se-ANC

“Siyakuqonda ukuthi uManana walahlwa yicala lokushaya wagwetshwa ukukhokha inhlawulo yezi-R100 000 noma izinyanga ezi-12 ejele, enze nomsebenzi wokusiza emphakathini njengengxenye yokumhlumelelisa amahora angama-500.”  Uthe ezinsolweni zakamuva abhekene nazo okwamanje umsulwa kuze kube utholwa enecala.

Uphiko  lwentsha ku-ANC kuzwelonke luthi luzomeseka kuse kube sekugcineni uMnu uMduduzi Manana oyilungu lePhalamende osevukelwe amacala amasha kulandela ukuvela  kwezindaba zokuthi uhlukumeze owesifazane osiza kwakhe ngokumbhanqa nodonga. Owesifazane uvule icala emaphoyiseni kamuva walihoxisa. Okhulumela lolu phiko uMlondi Mkhize uthe abakwazi ukwehlulela uManana ngaphambi kokuba kulandelwe yonke imigudu kuze kutholakala ukuthi unecala yini.

See Also

Amaqembu aphikisayo ePhalamende asefake ingcindezi uSomlomo uNkk uBaleka Mbete ukuba angathalalisi ekuthatheleni uManana izinyathelo.  Nezinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane seziphefumulile ngalesi senzo zagxeka i-ANC ngezikubize ngokufukamela abahlukumeza abantu besifazane

Khonamanjala uManana usevulele lona wesifazane icala lokumqola ngokumfuna imali ukuze ahoxise icala. Izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane zisola i-ANC ngezikubize “ngokufukamela” uManana.

Scroll To Top