Now Reading
Ukungqubuzana koMthethosisekelo noMthetho Wesintu
Dark Light

Ukungqubuzana koMthethosisekelo noMthetho Wesintu

SONKE isakhiwo sinendlela esiphethwe ngayo elawulwa uMthethosisekelo wona oncike ezintweni ezibalulekile njengokuziphatha kwabantu, ukulingana, amalungelo abantu, inkululeko, ukungacwasi ngokobuhlanga, nangokobulili.  Izinhlaka zikaHulumeni ezingeni lesifundazwe nasezingeni loHulumeni Bezindawo kumele ziqinisekise ukuthi ubuholi bomdabu buyahambisana nokuqukethwe kuMthethosisekelo nemithetho kazwelonke neyezifundazwe. UMqulu Wamalungelo Esintu unesigaba soMthethosisekelo esichaza amalungelo abantu namazinga abo.

UMqulu Wamalungelo Abantu yiwona oyisisekelo esikhulu soMthethosisekelo wethu futhi ubethela isikhonkwane senkululeko yabantu. UMqulu Wamalungelo  Abantu uphinde usebenze futhi eMthethweni Wesintu. UMthethosisekelo uphinde ubophezele izinkantolo ukuba zakhe uMthetho Wesintu ngokulandela isisekelo soMqulu Wamalungelo Abantu.

Kukhona ukushayisana okukhulu phakathi koMqulu Wamalungelo Abantu  noMthetho Wesintu  okuwukungalingani  njengokuthi abesifazane abavunyelwe ukuphatha izikhundla ezithile.

ISigaba 9 soMthethosisekelo sithi wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho futhi unelungelo elilinganayo lokuvikeleka nokuzuza ngaphansi kwalo mthetho. ISigaba 9 (3) sivimbela uMbuso ekuhlukumezeni noma ngabe ngubani ngenxa yobuzwe, ubulili, isimo sakhe somshado, ubuhlanga, inkolo, amasiko nolimi alukhulumayo. Ukusebenza kwenqubo lapho kunelungu lomndeni elilodwa okumele lithathe wonke amafa uma kunombango kwagqama ecaleni likaSigcau v Sigcau ngowe-1944, lapho iNkosi uMandlonke wesizwe samaMpondo ePondoland wedlula emhlabeni ngowe-1938. INkosi yashiya ngemuva amakhosikazi amabili ingenazo izingane nawo. Abafowabo beNkosi uBotha noNelson bafaka icala enkantolo yilowo nalowo efuna ukuthatha uBukhosi. Isicelo samiswa kwaze kwaba omunye wamakhosikazi wathola ingane eyayishiywe iNkosi esiswini ngaphambi kokushona. Ngeshwa ingane kwaba ngeyentombazane okwasho ukuthi yayingeke ikwazi ukuthatha uBukhosi bukayise ngokomthetho wesintu.

Kwelinye icala likaMthembu v Letsela nabanye ngowe-1998 umufi owayefake isikhalo enkantolo wayeshade ngokwesintu engalabile ifa. NgokoMthetho Wesintu ngokuphathelene nokumele ahlomule ngamafa, umufi nendodakazi yakhe eneminyaka eyisi-7 bashiywa ngaphandle emafeni. Kwaba khona ukushaya amakhala ngokuthi lokhu kuphambene nokuqukethwe kuMqulu Wamalungelo Abantu.

INkantolo Enkulu yasichitha isicelo imi ekutheni isinqumo kwakungekho lapho sasiphambana khona noMthethosisekelo.

See Also

Ngakolunye uhlangothi ecaleni likaMthembu v Letsela lapho icala seliqulwa eNkantolo Yezokudluliselwa Kwamacala asikho isinqumo esakhishwa yile Nkantolo ngoba ithi uMthethosisekelo Wesikhashana wawungenaso isigatshana esasikhuluma ngalokhu njengoba umufi wedlula emhlabeni ngowe-1993 ngaphambi kokuba uMthethosisekelo Wesikhashana usebenze. Ecaleni likaNwamitwa v Phillia nabanye kwaba ukuthi amasiko nezithethe zesiswe samaTsonga noma amaShangane ikakhulukazi isizwe samaValoyi kuso owesifazane angakwazi ukubekwa esikhundleni sokuba iHosi okusho iNkosi, okwesibili ukuthi uma umangalelwa wokuqala ebekwa njengeHosi, iNdlunkulu yayilandela yini imithetho namasiko esizwe samaValoyi, nokuthi isinqumo seSigungu Esiphezulu kuHulumeni wesifundazwe waseLimpopo sokubeka esikhundleni ummangali wokuqala sasihambisana yini namasiko esizwe samaValoyi ngokulandela uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996.

Ekuphenduleni umbuzo wokuqala kwanqunywa ukuthi uMthetho Wesintu wesizwe samaTsonga noma amaShangane awukuvumeli ukuba kukhethwe owesifazane njengeHosi. Embuzweni wesibili kwanqunywa ukuthi iNdlunkulu ayiyilandelanga yonke imigudu ngesikhathi ibeka esikhundleni ummangali wokuqala esikhundleni

  • UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo uyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: The Role of Traditional Courts in the Justice System. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngeMithetho YeSintu ungabhalela uMehluleli uMadondo ushayele kule nombolo: 082 695 2800. Incwadi iyatholakala kwa-Adams and Griggs eMgungundlovu naseThekwini.
Scroll To Top