Iqhaza leDA eSishayamthetho saKwaZulu-Natal



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ISIFUNDAZWE iKwaZulu- Natal asikaze sibe sesimweni esibucayi njengalesi njengoba umbango oqhubekayo wangaphakathi eqenjini le-ANC kuyiwo ohamba phambili ngaphezu kwezinto ezithinta abantu bethu. Lokhu kwahlukana kanye nokuhluleka kwe-ANC ukubhekana nemiyalezo engakhiyo evela eqeqebaneni eleseka lowo okade enguMengameli uJacob Zuma – kanye nabadlelana nabo abaku- EFF, lokho kusho ukuthi sekusele kuDA ukuvikela uMthethosisekelo wezwe kanye nokuhweba okukhululekile eKZN. Akekho futhi omunye ongakwenza. Njengamanje, iSishayamthetho esifundazweni sidonsa kanzima ngenxa yokushoda kobuholi, futhi lokho sekwenze iqhaza leDA kanye nepolitiki yamaqembu aphikisayo libe semqoka kakhulu.
Lokhu kubhebhethekiswa nawukuthi amaqembu aphikisayo eSishayamthetho sesifundazwe adunguza ebumnyameni. Iqembu le-IFP lifake amandla alo onke ekulawuleni izifunda ezimbili ezisezindaweni zasemakhaya, kanjalo abanawo umyalezo oyisixazululo ezinkingeni ezikhungethe izindawo zasemadolobheni futhi nobuholi bayo busabhekene nezinkinga zokubamba ukhetho lwangaphakathi. Khonamanjalo, iqembu iNational Freedom Party lizibulele lona ngenxa yezinkinga zangaphakathi kanye nokungabikho kombono wezepolitiki ocacile. NgokoMthethosisekelo ngokweSigaba 92 (2) iDA ilindeleke ukuba iqaphe ngeso lokhozi ukusebenza kukaHulumeni wesifundazwe oholwa yi-ANC, okubalwa ukuhlola ukusebenza kwawo zikhathi zonke.
Amalunga ethu ayishumi nambili eSishayamthetho saKwaZulu-Natal ayaqhubeka nokusebenza kanzima eqinisekisa ukuthi uHulumeni oholwa yi- ANC uyaphendula, izithembiso ziyafezeka, kanye nokuhlonishwa komthetho. Amalunga ethu ahlala emakomidini ahlukene eminyango kaHulumeni eSishayamthetho nalapho futhi aphinde aqinisekise ukuthi oNgqongqoshe kanye nabasebenzi beminyango basebenza ngendlela ngokusebenzisa le migudu; Imibuzo abhaliwe ebhekiswe koNgqongqoshe. Imibuzo ebekelwe ukuphendulwa ngoNgqongqoshe ngomlomo eSishayamthetho. Ukuphakamisa izinto okumele zidingidwe yiSishayamthetho. Ukuphakamisa izinto emihlanganweni yamakomidi. Ukuvakashela imiphakathi enezinkinga.
Njalo ekupheleni konyaka, iDA esifundazweni ikhipha imiphumela yamaphuzu achaza ukuthi usebenze kanjani uHulumeni oholwa nguNdunankulu kanye nesigungu sakhe esiphezulu ezinyangeni ezingamashumi amabili edlule. Yize kunjalo kusamele sisebenza ngaphezu kwalokhu. Ekuqaleni kowezi-2017, iDA eKZN yathatha isinqumo esinqala sokusuka ukudlaleni ipolitiki yokuba iqembu eliphikisayo kodwa yazibeka sekubeni nguHulumeni olindele ukuthatha izintambo zokuphatha. Lokhu kuchaza ukuthi iDA ayisalandeli uhlelo lokusebenza luka-ANC olungenamkhombandlela, nanhloso kanye nemiphumela ebambekayo ebantwini. Kunalokho sizihlelela olwethu uhlelo futhi siqhamuke nezisombululo ezisebenzayo ekuxazululeni izingqinamba eziningi eziqhubekayo nokubamba imiphakathi yaseKZN njengokuntuleka kwemisebenzi, ukungalethwa kwezidingongqangi kubantu, ubugebengu obudlangile emiphakathini, ezempilo ezingekho ezingeni kanye nokunye okuningi.
I-ANC kudala yabalibala abantu bakulesi sifundazwe. I-DA isebenza imini nobusuku ukuqinisekisa ukuthi i-ANC iyaphendula futhi nabantu baseKZN babekwa phambili kunezinhloso zepolitiki. Siyaziqhenya ngomsebenzi esiwenzayo kanye nowozakwethu ababe ngaphambi kwethu ukwakha iSishayamthetho esihlabahlosile KwaZulu-Natal kanye neqhaza esilibambile ukuqinisekisa ukuthi i-ANC ayisebenzisi amandla ngendlela engalungile. Njengoba sibheke okhethweni lukaZwelonke ngo-2019, ukhiye wokushintsha amanga usezandleni zabavoti. Yibo kanye abangazivulela ushintsho oluphelele olulethwa yiDA.