Now Reading
INkantolo ikhiphe isinqumo esibuyisa ithemba
Dark Light

INkantolo ikhiphe isinqumo esibuyisa ithemba

Umfelandawonye wamaqembu eGauteng uthi isinqumo seNkantolo eNkulu yaseGoli siyimpumelelo ezakhamuzini.

INkantolo eNkulu inikeze iDolobha laseGoli kanye nohulumeni wamaqembu amaningi umyalelo ovimbela umhlangano wangoLwesibili we-Extraordinary Council ukuba ube khona futhi yawumemezela njengento engekho.

INkantolo iphinde yamemezela ukuthi ikhansela leCongress of the People (COPE), uColleen Makhubele, akuyena iBamba likaSomlomo woMkhandlu futhi yamvimbela ukuba enze noma yimuphi umsebenzi osemthethweni weBamba likaSomlomo woMkhandlu Wedolobha LaseGoli.

Umfelandawonye wamaqembu amaningi ohlanganisa iDemocratic Alliance (DA), i-ActionSA, iPatriotic Alliance (PA), i-African Christian Democratic Party (ACDP), iCOPE, neFreedom Front Plus (FF+) uthi lesi sinqumo siyabahlangula bona  futhi siwukunqoba kwezakhamuzi.

See Also

UCorne Mulder weFF+ okhulumela umfelandawonye uthe, “Kulokhu, kwenza kube nyinot elula manje ukuthi umfelandawonye wamaqembu obusa lelidolobha uqhubeke nokuletha izinsiza ngoba yilokho owakhiwele khona. Siyajabula ukuthi siphinde savikela  intando yabavoti kuCOJ komunye umzamo we-ANC (African National Congress) wokuzama ukulawula i-COJ kulokhu ngokuketula umbuso ngokungemthetho.”

Scroll To Top