OkaNdlovu inkakha kwezeshashalazi nezethelevishini
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
UMNU uDuma Ndlovu odabuka eBergville uyimbongi, intatheli, umqondisi, umbhali kanye nomkhiqizi onohlonze kuleli. Wakhulela eSoweto nalapho efunde khona esikoleni esinomlando iSekano Ntoane High School eSenaoane. Uke wabhalela iphepha elalidume kakhulu futhi libika ngokungenqeni iWorld Newspaper ngezikhathi ezinzima zeminyaka ye-1970 ubandlululo ngesikhathi lunuka phu. Ngonyaka we-1975 uNdlovu wasungula inhlangano iMedupe Writers Association, okwakuyinhlangano kazwelonke neyayikhuthaza ababhali abancane bomdabu. WayenguMengameli wale nhlangano kuze kube uMfumfu we-1977, ngenkathi ivalwa uHulumeni wobandlululo kanye neziyishumi nesikhombisa ezaziqhuba umkhankaso oshisayo ohambisana nokuzigqaja nokuzazi weBlack Consciousness nalezo ezalwisana nobandlululo.
Emva kwalokhu umfo kaGatsheni walifulathela elaseNingizimu Afrika waphikelela e-United States of America nalapho afika nakhona wangahlala phansi futhi wayaziwa iwona wonke umuntu eMelika, owayelwela amalungelo abantu. Ubambe elikhulu iqhaza emanyuvesi egqugquzela ukulwisana nenqubo yobandlululo. Kuthe ngokuqeda iziqu zakhe eHunter College eNew York, wangena shi emsebenzini wokuba ngumqondisi kwezeshashalazi. UNdlovu nguye kanye owenze ukuthi iMelika ibe nothando ngezeshashalazi zaseNingizimu Afrika. Imidlalo eminingi eyaduma eMelika uNdlovu ubenesandla esikhulu ukuthi ikwazi ukufinyelela khona futhi yaziwe, ithandwe.
Ngowe-1985, uNdlovu wasungula inhlangano yeWoza Afrika Foundation, neyayisiza ekuqoqeni izimali zokuxhasa ezobuciko eNingizimu Afrika ngezikhathi ezinzima zobandlululo. Yiyo le nhlangano yakhe eyenza ukuthi kulethwe imidlalo efana no-Asinamali, Woza Albert neminye evela eNingizimu Afrika. Ubambe elikhulu iqhaza futhi nasekungeneni kweSarafina eBroadway. Kanti nakuLion King Musical yeDisney International Theatricals ube negalelo njengoba namanje kunguye kuphela oyiCasting Director eNingizimu Afrika kanti ngenxa yakhe sekunabalingisi abangaphezu kwamakhulu amabili bakuleli esebesebenza phesheya kuLion King nabedlula kuyena encoma ukuba baqokelwe ukuya phesheya.
UNdlovu uke wafundisa ngokubhalwa kanye nomculo wabomdabu asebeyizakhamizi eMelika efundisa eState University of New York, eStony Brook nalapho ayehlonishwa khona njengoSolwazi emlandweni wase-Afrika kanye nokuphathelene nokubhalwa kwezincwadi zamaMelikana adabuka ezwenikazi lase-Afrika. Phakathi kweminyaka yowe-1996 nowezi-2004 ube ngusihlalo wenhlangano iSA Music Awards (SAMA) kanti wabamba elikhulu iqhaza ekusungulweni kwayo ukuze kuhlonishwe umculo wakuleli esebenzisa ulwazi lwakhe lwaseMelika.
UNdlovu wabuyela kuleli ngonyaka we-1992 nalapho efike khona wasungula inkampani yakhe iWord of Mouth Productions ebhekelele ukwenza imicimbi yomculo, eyeshashalazi kanye neyethelevishini.
Lapha eNingizimu Afrika ubhale waqondisa umdlalo weshashalazi iBergville Stories (1994), neyaba ngenkulu impumelelo idlalwa ePlayhouse, eGrahamstown National Arts Festival, naseMarket Theatre. Eminye imidlalo yakhe emikhulu yeshashalazi ayibhalile nayiqondisile kubalwa iBergville Stories, iThe Game, iThe Ritual, iThe Journey neMemeza, exoxa ngempilo yomculi uBrenda Fassie kanti usayisebenza. Ngenxa yokunikezwa amalungelo ukugcina nokukhiqiza imisebenzi kaGibson Kente ulungiselela ukukhiqizwa komunye wemidlalo kaKente iHow Long.
UNdlovu waziwa kakhulu njengomsunguli weMuvhango ewuchungechunge lwethelevishini engempilo yamaVenda nethandwa kakhulu kuleli. UNdlovu uze wahlonishwa ngeziqu zobudokotela esiNgisini ehlonishwa iUniversity of Venda (2011) ngenxa yeqhaza lakhe lokusungula aphinde abe umkhiqizi weMuvhango. Esungula iMuvhango, uNdlovu uthi wayefuna ukuxoxa indaba etshengisa ukuthi singobani kanti sinayiphi indawo emphakathini wethu kunokuba sifune ukuzenza esingeyikho size sithande oThe Bold and the Beautiful, nokusenza sigcine sifune ukuzenza amaMelikana nangenandaba nokwethu.
Lapha sikhuluma ngoGatsheni othandwa ukwaziwa njengestoryteller nothanda ukuxoxa izindaba ngemibhalo, ishashalazi, ifilimu nethelevishini. Uphinde wazinikela kakhulu ekufukuleni amakhono abalingisi abasakhula bakuleli kanye nokugcizelela ubumqoka bemfundo kubalingisi. Kwakwenzayo uNdlovu nayikho akakhohlwa ukuhlonipha akufunda kuSteven Bantu Biko.
Ubambe elikhulu iqhaza ekusungulweni ko-Uzalo Telenovela nokungeyokuqala esifundazweni saKwaZulu-Natal kanti ifike kwezwakala ngenxa yesandla sakhe nolwazi ekukhiqizweni kwemidlalo yethelevishini. Ubuhlakani kwakhe kwenze wavela nomqondo wokusungulwa kwe-Uzalo Choir nelekelela Uzalo Telenovela kanti lokhu kwenza kwakhe kwenze kwasunguleka amathuba abalwela emashumini amathathu kubaculi baseThekwini nabazimisele ukuba abalingisi – nabafisa ithuba lesipiliyoni sokungena kuthelevishini. Ongomunye wabasunguli bomkhankaso weZulu 200 ngokubambisana noNozulu. Ukuba uMnu uDuma Ndlovu wayengekho ngabe imidlalo eminingi yeshashalazi ayizange ize yaziwe eMelika kanti futhi wabamba elikhulu iqhaza ekhulumela iLadysmith Black Mambazo ukuba yamukeleke eMelika ngesikhathi lapho ezobuciko zakuleli zazivaliwe ukuya emazweni aphesheya.