Izilulu zolwazi zingathungwa kalula ngomasipala


HHAYI ngoba ngigwexa nina beNkosi! Ngiyafisa ukwazi ukuthi kazi kusetshenziswa maphi amaqophelo uma kuqashwa komasipala jikelele. Lokhu ngikusho ngoba ngike ngavakashela omunye womasipala kuleli sonto engingeke ngawuqagula ngegama okwamanje.
Bengiyokwenza isethulo ngokuvuselelwa kwamahubo ezikoleni kanye nokufundiswa kwawo nokubaluleka kolimi. Ngithe ngingena nje kwathiwa nginemizuzu emihlanu maqede kwathiwa mibili eyokuphendula imibuzo. Ngavele ngadideka ngadikibala, kwaphela nasozwanini nganyanta, ngezwa kufika izinyembezi ngenxa yokubona owoHlanga edicilela phansi okwakubo ngale ndlela engahlonizi futhi.
Noma ngingethuki kangako ngoba nangempi yaseSandlwana ayekhona amambuka ayethengisa ngobuzibulo bawo, kodwa naphezu kwabakwethu besingefunde ezigamekweni zaseNdulo. Pho, kanti sekuwubani isitha sethu njengoba sihlala sikhala ngabezizwe? Ngabe omasipala bayayibona yini imbaluleko yemvelaphi noma kwenziwa umchitha cala nje ngoba kutohozwa.
Ngithe ngiphuma emahhovisi ngafikelwa yizithombe zobabamkhulu nogogo bethu ababona izimpi zaseNdulo kuvikelwa leli lizwe esandleni somubi iQadasi neNkinsimane. Okugcobisa upelepele wezinyoni phezu kwesilonda wukuthi uma uhambela izikhungo ezigcina amagugu, njengoba ngike ngaya eVoortreker Museum ngesonto eledlule ngibone isimanga. AmaBhunu awahlonizi ngomlando wawo futhi kuyabonakala ukuthi kwakhishwa izindodla kulesi sakhiwo futhi bayasivikela kanye nolimi lwabo noma luyisijabane nje.
Uma sihlehla siya emuva sibheka indlela abazinikela ngayo abahunguli ukushicilela okwabo ezweni lethu ubufakazi ububona ngamasonto agcwele lonke leli leNdlovukazi uMthaniya, ngisho nalapho kungafiki izimoto khona benza isiqisiniseko sokuthi ikhona indlu yesonto.
Ngabe siyozibona nini thina izakhiwo ezisikhumbuza ngemvelaphi yethu? Uma uphesheya ngeke uwubone umgwaqo obhalwe ngeLembe kodwa lapha kukhona ngisho izindawo nemigwaqo ebizwa ngo-England. Lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi thina sisagcwele ubhici nezinhlakahla. Kudela owaziyo ukuthi inkomo iyobubona nini utshani.
Impela kuyingcaca okwezinqe zesele ukuthi inhlese yobumbuka ayithundlazekanga yasala yaba ngamavundululu. Yingakho izingane zethu kumele ziphiwe lolu lwazi ngokuthi zihanjelwe ezikoleni zifundiswe incazelo yamagama asetshenziswe kulokhu kuhlabelela kwasendulo.
Ngakho-ke ngikubona kuyichilo ukuthi uma kwethulwa uhlelo oluthambisa luvundise umhlabathi kube yilo olukhahlelwa ngazo zombili. Ngiyaphinda ngiyasho futhi uma sike sayeka ukufundisa izingane zethu kulesi sikhathi, liyobe lidume ledlula nathi indaba yethu iyoxoxwa ngekhwela.
Kuyacikizela kuyimanje ukuthi singadembesela kanjena ekuvuseleleni okwethu. Leli yikhwela engilishayela bonke aboHlanga ikakhulukazi omasipala ngoba yibo abasebenza nemiphakathi ezingeni lamihla yonke. Masizikhumbuze izihibe namafindo esagigwa ngawo ukuze sibe lapha sikhona. Impi ayiphelile uma siyeka kukhula nokhula kuyocasha amabululu nezimfezi kuphele ngisho umndondo wokugcina ngathi.
Ulwazi lwemvelaphi yethu lwentuleka ngisho ezindaweni zasemakhaya, ngenxa yokuhamba kwabantu abadala. Eminyakeni elishumi ezayo kuyobe konakele ukwedlula lokhu esikhala ngakho. Kuyobe sekuyinganekwane eyobe ixoxwa ebusuku abantu besaba ukuthi bazomila izimpondo, ukuthi kwake kwaba khona amaNguni ayekhuluma ulimi lwebele ngendlela eqondile. Akukho ukuya phambili imuva lingaziwa. Usichelela kanjani isihlahla esimpande zaso azibonakali? Ayaniselwa yini amabunga? Ndlu kaMalandela vukani nizihlomise ngalolu lwazi, inhlamvu yelanga isalokoza isasixhopha ngoba lizozilahla kunina, uyomemeza kwale ngisho amawa ukwenanela ukumemeza kwakho. Ngakho-ke ingcabha ingakini ukusukumela okwenu. Bakwethu singekhe sigogode konke ngosuku olulodwa isisu esihle ngesibonwa yilanga, Makwande!