Indulo malingathathwa njengophawu lobuqaba



UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
ALIDUME libathathe nina beSidlukula Dlwedlwe!! Sisagangada yona lenyathuko emizila miningi ngokubhadulwa ngokhokho bethu, madala juteni kwesikabhadakazi. Kuningana impela uma sithatha ukubheka okusimele ukuba sikusombulule. Nesihibe singcono ngoba sikukhuba kanye uwe uvuke uzithathe. Imvelaphi yethu ithanda ukuba yintambo emafindofindo, injalo nje idinga uthando nesineke ngoba konhliziyo hluthu izoba wumshonisa langa.
Okhokho bethu basishiya nefa elingeqhathaniswe nalutho emhlabeni sengisho imvelaphi. Ngokuguquka kwezikhathi nezindlela zokuphila ezibangwe wukuhlasela nokugasela kwabezizwe sizithola sekumele sizame ukuphilisana nabanamasiko ehlukile kunawethu. Lapha ngibala inkolo, abantu abathi akukho abakholelwa kukho, kubeyilabo abakholelwa wubuchwepheshe ukuthi yibo obunobufakazi ngemvelo bathi akekho uMdali. Ngingabala kushone ilanga ziningi izinkolelo,futhi singenalungelo lokuzinyundela.
Kuyo yonke lenxovanxova ephihla ingwebu uma siqalaza indawo yethu kulokhu kuphila, kubonakala sengathi kwamvelaphi yethu isiphenduke inzika ngangokuthi isibanga isilungulela ngisho nakwaboHlanga. Yikhona kuphi okumele siqale ngakho ukukubuyisela esimeni sakho? Ngabe yisiko noma usiko? Sishiye kunjalo noma siyiqaqe siyeluke kabusha lenhlakanhlaka? Awu nakhu ngikhala ngenhlakanhlaka ekubeni kwalona ikhaya alisabonwa sekwaba semafukwini. Nina enadabuka oHlangeni, kuqhansa izinhlansi ngikhungathwe yinkungu uma ngicabanga ngalembedumehlwana. Ngithi ngibheka indawo yethu kulempilo yanamuhla hhayi imfene idukela umnikazi, kulenkululeko. Noma intando yeningi esinayo, simisa kanjani ngokwethu? Uma onsundu eshada nowebala kuphuma nhloboni yesikompilo, futhi siqinisekisa kanjani ukuthi akushabalali okwethu.
Uma okwethu kuyinto yokushabalaliswa kusho ukuthi abafela lelizwe bafela ize. Bakwethu mangikugcizelele lokhu thina siyisizukulwane sokugcina esisele nezinhlayiya, inhlese nemvuthuluka yemvelaphi yethu. Uma singalibanguli leliva siyoba namabatha. Masiqinisekise ukuthi izindlela zokuphila kwethu, ziyafumaneka kulobu buchwepheshe banamhlanje. Ukuze silwise leligama lokuthi singomvakwezinye, indulo malingabi wuphawu lobuqaba kepha malibe wumkhoma esizowuxephula sakhele ngawo ingomuso. Uma uhambela amazwe ase-Europe uthi uma uvula umabonakude, uzwe beqhulula ulimi lwabo ezinhlelweni zabo abakhathelele kwethenjwa. Into ebuhlungu wukuthi siqala ukuzigqaja ngokwethu uma kunenkokhelo, asinawo umoya wokulwela ukujivazeka,impela kudela owaziyo ukuthi lenhlalo esikuyo iyogcina ilibekephi ikusasa lowoHlanga.
Singaqhubeka okwamanje sibezinhlekabayeni sihleke kuze kube buhlungu izisu, kodwa kothi lapho sekuthe damu ukudakwa wubumpoqabulungu, silizwe iphunga lithaphuka amashiqi ngeziqu zoboya, size sibenedumbe ngenxa nje yobudedengu. Ngeke ngimangale langa limbe uma sesizithola sinomengameli wakwe linye izwe ngendlela, esibibiyela yonke into efikayo ngayo. Masigqugquzele ukuvuseleleka kwesizwe esigunde ingqondo. Lenkathi esikuyo idinga ukuba mehlo mane. Ukube kuya ngami ngabe ezikoleni sishutheka imfundiso evuselela uthando lokuba ngowoHlanga, ukuze kuqine ukhakhayi silibumbe liseva. Makungathi njalo uma umoya uvunguza kusiphuke ezethu izimpande kuqala. Uma kuphuma inhlamvu yelanga kuhwamuka imifula nemihosha yethu kanti siyozelusela kuphi izimeshe.
Masiqashelwe lesi sikhathi esiphila kuso makusihluphe, ukuthula komzwilili wezingududu,ocilo namaphothwe nongcede, ngoba umlayezo ngeke sisawuthola. Asisezwa ngisho iqhude likikiliga ngoba lona eliwumchitha sikigi. Phaphama m’Afrika uphumputhe okwakho maqede, ukugonofele ungaphinde wehlukane nakho. Lenkathi esikuyo ibheke ubuqhawe bakho zikhumbuze amagalelo alabo abakuzala, mabangathi benyakaza emalibeni kube kwehla izinyembezi beze bethi ukhuni luzala umlotha, ngenxa yokuntengantenga kwakho. Ziyatshoda izichethe nina beNgwazi Khumu!