Inzotha, ukuzithoba nentobeko akubuse kofihlwayo
UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
ISIZUKULWANE esilandelayo masingathezi amabunga nezinkuni zedungamuzi nina beNkosi!
Angazi noma sekwasiphulwa izikhonkwane yini zagxunyekwa kabusha. Ngokwazi kwami ukuhamba komuntu emhlabeni akukaze kwabayijadu, icece noma isigcawu sonontandakubukwa lapho abantu begiya besina beqephuza.
Isimibalwa imingcwabo esengike ngayihambela, impela engikubonayo ngingakubiza ngomagidasibhekane.
Umlando uveza ukuthi eFrance ngezikhathi zasendulo kunomholi owedlula emhlabeni wahlonishwa ngokuthi kugqokwe ezimnyama. Kwase kuthi e-England nakhona iNdlovukazi yakhona yayithatha le ndlela yokuzila ngalolu hlobo.
Namhlanje ezweni lethu sibona sekuyisiko lethu lokhu kodwa uma ubheka indlela okwakwenziwa ngayo kwaboHlanga kwakuzothwa egcekeni. Noma ungeyena owakhona wawuye uthi uma udlula ngalapho okushonwe khona ulehlise iphimbo uthobe.
Abantu bakithi sebaphendula imingcwabo imicimbi yokubukisa ngengqephu nokuhamba ze. Sekuphenduke lapho kukhangiswa khona ngomangquzumela bezimoto. Sibona izingane zethu zizitika ngophuzo oludakayo. Sakhula kuthiwa uma ugila umkhuba kushoniwe uyedlula, asazi noma lolu khondolo nokudlebeleka kudalwa wukuthi kade sacwila kuleli hlazo.
Abantu abadala sebaphenduka ongcathungcathu babantwana bayabhibhidla benjalo nje. Ngabe idalwa yini le nto? Wukuzama ukwemukeleka esikhathini samanje ngenxa yalokho okuwusanda nezwe esikubona kumabonakude.
Thina sakhula sibona umuntu ethunwa ngehubo lakwabo. Uma kuwukuthi kwakuwumzingeli wayephelezelwa ngegama ababelihlabelela njengamaphisi. Kanjalo uma kuwukuthi wayeyinsizwa eyayihamba namabutho esigodi ishaya odede nemigangela, kwakuye kubizwe ihubo lezinsizwa okungelempi zigiye. Lolu hlobo lokugiya kwakungelona lolu lokuntwayiza nokuhlwathizela nokuchwayitheka. Kwakuba nesizotha kuphelezelwa umoya womuntu osusukile enyameni, hhayi ukuba wonontandakubukwa ekubeni umndeni usemanzini.
Ngisho ngabe kufe umkhunkuli uholokoqo lomthakathi owaziwayo emndenini, kwakuhlonishwa ukuthi umndeni ulahlekelwe yilungu lawo abantu babebamba isimilo babeke amagqubu eceleni.
Le nto esiyibonayo emingcwabeni abantu begqanquluka begeyiza, ungafunga ukuthi kusodwendweni iyichilo futhi iyasithunaza. Endulo kwakungathintwa ngisho amageja uma kushoniwe.
Sikhulu isimanga esisibonayo kulesi sizukulwane ngisho amabandla uwabona ebanga nabefundisi bawo bafuna ukuvelela ukwedlula abanye. Kuze kubangwe ngisho ukuqalwa kwamaculo imbala baze baklemuzane ubone ukuthi ifuthelana amabilo kuhlehla izigqila. Yonke le migilingwane idalwa wukugugelwa wunembeza nokuzilibala ukuthi ungubani. Engabe bashonaphi aboHlanga ababebuswa wubuqotho?
Abanye baze bagxeke ngisho ukudla bahlebane ukuthi ubani ubegqoke kanjani. Iqophelo lobuqotho nokufundiseka kowoHlanga lithikamezekile. Masizame ukuvuka sizibuthe sishekelele okwakwethu nali ilanga lishona. Sehlukane namadumela angamawunguwungu nasenza inhlekisa. Lokhu akudingi ngisho ukwazi isiko kuyinto esenza sehluke emhlabeni wonkana njengoba umhlaba uxhafuza ushingamu nje.
Imvelaphi yethu kumele ibe nomthelela wokwakha nokuqondisa. Uma ingasekho ngisho inzika noma isibhidi nje kusho ukuthi selidume ledlula naboHlanga.
Uma singazisikanga insumpa leli ququ esinalo liyosigqabula amakhanda sindwaze njengoba kuyimanje sehluleka ukwehlukanisa ichilo nobuqotho.
Kungcono izingane zisizondele iqiniso zisale zelapheka sesahamba kunokuba ziphimisele amathuna ethu zithi sazalwa wofukwe nezimfumbanqokwana.
Uma sizifundise kahle ziyobuya zisiphule iminduze zicente ngeqholo phezu kwamaliba ethu zithi, sayibeka induku ebandla. Silokhu sikhala sibalisa emaketangweni esitha njengomkholwane sekuyisikhathi sokuba siwagqabule kukhale amakhanda ezizweni. Lesi yisikhathi sokuqopha awethu amagama emlandweni waleli ngokubuyisela okungokwethu endaweni yakho. Ekuvuseleleni imvelaphi siqonde ukuthi akusikho nje ukuxoxa ngezinsuku zakudala kepha sinikeza impilo entsha lokho esikubona kukuhle efeni esalishiyelwa zinyanya zethu.
Ngakho-ke imingcwabo masiyenze ibe yinkonzo noma inhlanganyelo yokududuzana ngoba ukwedlula komuntu emhlabeni akushukwa akulona igudu. Uma isidalwa sehlukana nomphefumulo sishiya umqulu wempilo yaso ophenduka ingunaphakade kwabasele kwelimagade. Akuyona into yokuthunazwa ngale ndlela yokuthi sekungaze kudekwe amatafula otshwala abantu bashaye intunda bebhekene. Asiboni yini le nto ukuthi iwukwehlisa isithunzi nenkumbulo yalowo. Isala namanembe okuthi abantu babona kungcono bacwile ezinkambeni kunokuthi bazothele ukuphangalala kwakhe. Nina beNkosi ake ngiyibhonqe lapha. Oklewula neketango lesitha entanyeni uyoba namazinga entanyeni njengomkholwane. Awagqatshulwe yithi. Makwande!