Luyethembisa olwabasuswa kwakhiwa idamu laseNanda


NGEMUVA kweminyaka engama-24 imindeni engama-317 yasuswa endaweni ukuze kwakhiwe idamu elikhulukazi iNanda Dam sekubonakala kulokoza inhlansi yethemba ngokunxeshezelwa kwemindeni eyahlukunyezwa isuswa.
Leli damu elingaphansi koBukhosi samaQadi lakhiwe ngonyaka we-1985 imindeni ngenxa yokuthi le mindeni yayingenabo abantuu abebengalusukumela lolu daba ukuze bethole izinxephezelo akubanga lula ukuthi lulalandeleleke ngendlela.
Kuthe ngonyaka we-1994 kube khona abalusukumelayo lolu daba ngenxa yokubona kucwebe isiziba uHulumeni kungekho akwenzeyo ngokwezethembiso ayezenzile.
Babethenjiswe indawo abofudukela kuyo ngenxa yaleli damu,le ndawo yayizokuba namadlelo, indawo yokulima neyokwakha izindlu. Kuthe ngowe-1993 bayithola indawo eyayibizwa ngokuthi iReleased Area 91 Groenberg eTafuleni eNanda, okwathi uma sekwenziwa amalungiselelo okuthi ibe ngeyabo kwasuka ababakhe imijondolo kuyona babaxosha.
Kuwona lowo nyaka babe sebexoxisana noMnyango Wezemihlaba ukuthi okungenani awubakhokhele imali, nangempela uMnyango wavuma ukuthi le mali izoba yizigidi ezi-R5,6 ayayizohlukaniselana lemindeni okuyiyona eyathinteka kulokhu.
Ukuthola kabanzi ngalolu daba iBAYEDE ixhumane nomunye wabantu abalusebenzayo lolu daba uMnu u-O’Brien Gcabashe nalapho ebe eselandisa ngalolu daba wathi, “Unyaka olandelayo wezi-1994 leli sheke lafika lanikezwa iMantshi yaseNdwedwe yalifaka ebhange iFBN eVerulam. IMantshi yayalelwa uMnyango ukuth yakhe ikomidi elabe lizokuba nayo iMantshi yaseNdwedwe, yizikhulu zikaHulumeni wesifundazwe iKwaZulu Natal bese kuba yibo njengamalungu asuswayo. Ngenkathi lifika leli sheke abaziswanga nhlobo bengamalungu kwaze kwaba owe-1995 lapho sasesizwa ngamahlebezi ale mali.”
UGcabashe uthi ngenxa yokuthi abaningi babazali bethu kwakungabantu abangafundanga, wabe esecela ukulekelela, wabhalela ePitoli wabacela ukuthi bamunikeze bonke ubufakazi balokhu kukhokhwa kwaleli sheke nebala bathi akeze khona emahhovisi, ekufikeni kwakhe wabe esecela ikhophi yesheke iphambili nemumva lalo kanye namaphepha asayiniwe kukhokhwa lemali, nempela bamenzela.
Uma ehlabela phambili uMnu uGcabashe uthi ngenxa yokuthi iMemo yabe ibhalwe ngesiBhunu wacela omunye uMlungu lapha eThekwini ukuba amuhumushele esiNgisini nengempela wakwenza lokho ukuze akwazi ukuyiqonda kahle.
Ube eseluthola lonke ulwazi mayelana nakho konke okwakuthinta lolu daba lwale mali wabe esebhalela uMnyango Wezemihlaba ewazisa ukuthi ikomidi alikaze lenziwe kumele ungenelele, nokuyinto eyagcina ingenzekanga. Imizamo yakhe uGcabashe yokuzama ukulungisa idlule kubo bonke oMengameli bedemokhrasi kusukela kuMandela, uMbeki kanye noZuma kodwa uthi akekho oke wangenelela ukusiza kulolu daba.
Ngonyaka wezi-2010 kwaba nemashi eyayibheke eHhovisi lalowo owayenguNdunankulu ngaleso sikhathi uDkt uZweli Mkhize nokuyilapho kwaba khona ukungenelela kukaMkhize ngokuthi ajube ithimba elalizobhekana ngqo nalolu daba ngokuthi athi kumele kube khona ubulungiswa laba abathintekayo bakhelwe izindlu okumanje ziyakhiwa.
Eminyakeni emibili edlule uGcabashe uthi ubhalele uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nokubuyiswa Komhlaba kuzwelonke emazisa nangosuku abazotheleka ngalo ehhovisi, kuthe uma befika bangamfica balwethula udaba kulabo ababafica khona. Labo ababekhona balulalela udaba bavuma ukuthi kumele bakhokhelwe, yenziwa iMemo ezosayinwa ukuze bakhokhelwe.
Kulo nyaka wezi-2018 kube khona umhlangano nalo iHhovisi likaNgqongqoshe laphinde lakucacisa ukuthi bazokhokhelwa lezi zigidi ezi-R5,6 nenzalo yazo.
Phambilini ngowe-1993 kunemali eyizigidi ezi-R5,4 ababezoyithola bese isetshenziselwa ukuthuthukisa umhlaba ababezothengelwa wona, okuthe uma umhlaba ungasatholakali le mali yangabe isaphuma.
UMnyango usukuqinisekisile ukuthi uzobanikeza le mali eyizigidi ezi-R5,4 bese kuthi ezi-R5,6 zizolandela ngemuva njengoba wakhishiwe ekuqaleni wamukelwa yiMantshi yaseNdwedwe yingakho iBamba likaMqondisi Jikelele lisazokhuluma noNgqongqoshe Wezobulungiswa ukuze babonisane ngokuthi ikhokhwa kanjani le mali njengoba yayinikezwe iMantshi yaseNdwedwe.
- buthelezic@ingabadimedia.com