Ingalo yomthetho kuboshw’amanqin’enyathi


UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Seliyoqulwa eNkantolo yamajaji eMgungundlovu icala lethishelakazi laseNkandla KwaZulu-Natal elithi labhecwa ngelokubulala uyise wezingane zalo ngowayejutshwe ukuphenya leli cala
Lokhu kulandela ukuvuma kweNkantolo yaseShowe ukuthi icala eyagweba ngalo, uNksz Philisiwe Dlamini (44) iminyaka engama 20 liyoqulwa kabusha eNkantolo yamajaji eMgungundlovu ngenxa yobufakazi obusha osebumkhipha phambili kuleli cala. UNksz Dlamini ubesadonse iminyaka emihlanu kwengama 20 agwetshwa yona ecaleni lokubulala uMnuz Thamsanqa Gumede onguyise wezingane zakhe.
Kumanje uNksz Dlamini ungaphandle ngebheyili ka R10 000 ayithole ngoMasingana ka2013. Lokhu kulandela ukuphumelela kwesicelo esafakwa ngabammeli bakhe sokuthi leli cala liqulwe kabusha ngenxa yokuputshuka kobufakazi balabo abacwaninga ngezibhamu. Lobu bufakazi bencwadi okuthiwa umphenyi wecala akayivezanga enkantolo ngesikhathi kusaqulwa icala bumkhipha phambili uNksz Dlamini. Kule ncwadi yabacwaningi bezibhamu kuvela ukuthi uMnuz Gumede wazidubula njengoba kwatholakala impuqumpuqu yenhlamvu esandleni sakhe sangakwesokudla okukhomba ukuthi wazidubula. Le ncwadi yabacwaningi bezibhamu iphinde iveze nokuthi ayitholakalanga le mpuqumpuqu ezandleni zikaNksz Dlamini, kodwa lobu bufakazi bencwadi nobubalulekile umphenyi wecala akabuvezanga enkantolo yize wayesenabo.
UMnuz Gumede watholwa eshonile emzini wakhe, enenxeba lokudutshulwa ekhanda ngoMasingana 2008.
Ukukhishwa kukaNksz Dlamini ngebheyili kulandela ukuphumelela kwesicelo sabammeli bakhe abafuna kuqulwe kabusha icala lakhe ngenxa yokuvela kwalobu bufakazi obusha bencwadi yabacwaninga izibhamu obuqinisekisa ukuthi umufi wazidubula.
Ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili kaNksz Dlamini, eNkantolo kaMantshi eShowe, uMantshi ME Xolo nokunguyena owagweba uNksz Dlamini wathi ukuba lobu bufakazi bencwadi yabacwaninga ngezibhamu babulethiwe phambi kwenkantolo ngabe yafinyelela esinqumweni esahlukile kuleso sokugweba uNksz Dlamini iminyaka engama 20 ebhadla ejele. UMnuz Xolo wathi uNksz Dlamini wagwetshwa ngenxa yobufakazi obabuhlanganisa nobukamakhelwane wakhe.
UMnuz Xolo uqhube wathi inkantolo iyawemukela umphumela wocwaningo lwabezibhamu kodwa wathi konke mayelana nokuchithwa kwecala sekuyonqunywa yiNkantolo yamaJaji.
NgoLwesithathu lwesonto eledlule leli cala libuyelile eNkantolo yaseShowe nokuyilapho iMantshi uXolo enqume ukuba liyoqulwa emaJajini aseMgungundluvu namhlanje ngoMsombuluko. UMnuz Derrick Mdluli ophethe inhlangano elwela amalungelo eziboshwa nguyena obelwela ukuba kukhululwe uNksz Dlamini.
Yize uNkz Dlamini engaphandle ngebheyili kodwa akukapheli njengoba kusalindeleke ukuba udaba lwakhe luthethwe eNkantolo eNkulu yamaJaji nokuzoba yiyo enqumayo noma liyachithwa noma ubuyela phakathi esitokisini ukuyoqhubeka nesigwebo sakhe.
Ngokusho kukaNksz Dlamini uthi uyise wezingane zakhe wayevele ehlale esonga ngokuzibulala ngenxa yezinkinga ayebhekene nazo njengoba wayesegxile kakhulu nasesizimbizeni zikaFaro.
“Ngifuna leli cala lifike esiphethweni manje ukuze nami ngikwazi ukuqhubeka nempilo futhi ngibuyele nasemsebenzini wami wokufundisa ngondle nomndeni wami. Phela impilo yami imile angikwazi ngisho ukwenzani ngenxa yaleli cala engabhecwa ngalo ngumseshi ehlangene nabasemzini,’’ kuqhuba uNksz Dlamini.
Ngokusho kukaNksz Dlamini uthi kwamxaka ukuthi abakubo komyeni wakhe bamakhele icala lokuthi ubulale umyeni wakhe ngoba babelazi iqiniso ngezinkinga ezazibhekene nomufi njengoba wayebabikele ukuthi uhlale esonga ngokuzibulala ngoba ethi akalali ebusuku ngenxa yethunzi elibi lomuntu ambulala eGoli lapho ayesebenzela khona. “Ngenxa yokuthi wayesezinikele kakhulu nasophuzweni oludakayo futhi esenodlame nasemndenini ngabikela abakubo ukuba bamsize ngokumelapha ngokwesintu,’’ kusho uNksz Dlamini
Uqhuba uthi abakubo bacela ukuba kebahlale ngokwehlukana isikhashana njengoba babesafuna ukuyomelapha. “Nangempela besesihlala ngokwehlukana kwaze kwaba utheleka ekhaya ebusuku ngingalindele njengoba mina ngangazi ukuthi uselashwa ngabakubo,’’
Uqhuba uthi umufi watheleka ekhaya ebusuku edakwe efile futhi enodlame esho ukumqeda yena nezingane. “Ngezikhathi zasekuseni waqhubeka nokungilwisa ethi akangiqede ngaze ngaphulukundlela ngabaleka ngiyoncenga abakubo ukuthi bazomlanda.”
UNkz Dlamini uqhuba uthi kwathi esebuya kubo kamufi ephelezelwa ngomunye womakhelwane beyongena endlini bamfica umufi esephethe isibhamu sakhe ekhala ethi uyazibulala manje. “Umakhelwane wazama ukumncenga kodwa kwanhlanga zimuka nomoya wazidubula,’’ kuqhuba uNksz Dlamini.
UNksz Dlamini uthi ngesikhathi sekufike amaphoyisa kanye nadadewabo bakamufi babizela eceleni umakhelwane wami bemfaka umoya wokuthi akathi yimi engidubule umufi ngale kwalokho bazobopha yena. Nangempela, ngenxa yokwesatshiswa umakhelwane wagcina esekhombe mina njengobulale umyeni wami,’’ kusaqhuba yena.
Ngokusho kwakhe uNksz Dlamini uthi isibhamu kwakungesakhe sisemthethweni. Wayesithenge ngoba ngaphandle kokuba ngumfundisi wabantwana, wayebuye abe ngusomabhizinisi njengoba wayenesitolo esikhulukazi endaweni futhi enamathenda. “Ngiyabona inhloso yokungibheca ngecala babenzela ukuba ngiboshwe ukuze bathole ithuba lokuzitamuzela ezimalini zami nasemabhizinisini ami,’’ kuphetha uNksz Dlamini.