Now Reading
Phansi amaphaphu, usakhonya eNaturena uKomphela
Dark Light

Phansi amaphaphu, usakhonya eNaturena uKomphela

AMAHEBEZI avele ezinkundleni zokuxhumana abethi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela usulile kuleli qembu ngiwabona njengezinkomba zokuthi abalandeli beChiefs abasamfuni nalapho ehambe khona.

Ngasekuqaleni kwesonto kuputshuke kuTwitter ukuthi lo mqeqeshi wesulile kuChiefs ngemva kokugqoza kwemiphumela. Akuyona into efihlwayo ukuthi selokhu ethathe izintambo eminyakeni emibili nesigamu uKomphela akakahlabani nangesisodwa isicoco kuleli qembu laseNaturena elalidume ngokuwola kwasani.

Okuqaphelekayo wukuthi selokhu kufike uKomphela kuChiefs sekuhambe abadlali abanohlonze esingabala kubona uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, uGeorge Lebese, uMorgan Gould, uSiyanda “Magazi” Xulu ukusho abambalwa.

Amahebezi esiwathola ngokuhamba kukaLetsolonyane ukuthi okwabekwa iChiefs etafuleni akakuthokozelanga nokwathi uma sekufika iSuperSport United isimnika okungcono, wavumela phezulu. Nokho bonke abanye abashiyile bebeshiyiswa ukukhuhla ibhentshi noma ukungahoshelani kahle noKomphela.

Empeleni ngiyakhumbula nje, ngomunye unyaka iChiefs isibizele eSuncoast Casino, eThekwini, izosibusisa ngeziphuzo nokudla kukhona okwashiwo uXulu etshela enye yezintatheli. UMagazi waveza ukuthi uKomphela umtshele eziqwini zamehlo ukuthi akekho ohlelweni lwakhe, nathi wamyalela ukuthi uma ethanda angathola elinye iqembu.

Nakhu-ke sekuyenzeka udaba luyaputshuka “lokwesula” kukaKomphela ngoMsombuluko. Njengoba leli phephandaba linozakwabo obizwa ngelaboHlanga otholakala kuwww.elabohlanga.com), sibe sesishicilela ukuthi nakhu phela uKomphela kuthiwa usesulile.

Ngishaqekile ukuthi iningi belijabulisa okwezingane ukuthi lo mqeqeshi useyashiya eNaturena. Bebephawula bephawulile ngalolu daba. Ngokwezinkulumo abebezibhala ububona ukuthi sekunesikhathi befuna ukuzizwa lezi zindaba zokushiya kwalo mqeqeshi.

UB.Z. Thabede uthe: “Mkhulu uSimakade, mkhulu ongabonwayo, Ebernezer baba ususihole kwaze kwala, siyabonga. Bye Steve Komphela udlalile ngathi kodwa kuyayiwa ezulwini izodlala ifilimu ngelinye ilanga”.

UMsebeyelanga Mashayandawonye Sipho Malambule uthe: “Ngijabule kuthi angizithanqaze njengomlandeli wekhosi kunini ngangikhala ngalo mfo”.

See Also

UKhulekani Miya uthe: “Nokho ubekezelile uKomphela, inhlanhla ayimvumanga, bengisamthanda kodwa kuphike ukwenza. Sengibona kahle abadlali beChiefs bebengazinikeli uma bedlala bolunga uma kuwumlungu umqeqeshi wabo.”

ElaboHlanga libe selikhuluma neChiefs, ekuvezile ukuthi cha imibiko engamampunge lena. Angidlulise ukubonga kubafundi belaboHlanga abebekuveza ukuthi leli phephandaba lizofika ekujuleni kodaba njengoba kugcine kwenzekile. Enye yezinhlangano ezinkulu kwezokusakaza kuleli, ephinde ishicilele iyona ebebhale lolu daba ekhasini layo nayo igcine ilisusile nakuba igcine ingazange ibacacisele abafundi bayo ngesiphetho esiwukuthi cha umfo kaKomphela usashaya amaphiko eNaturena.”

Isizathu sokubhala kwami le ngosi ukuveza ukuthi abalandeli abasayizwa kangakanani eyokuqeqesha kukaKomphela kuleli qembu. Ukudlala ngokulingana noSuthu ngempelasonto eyedlule kubonakala kuyikona okuthele usawoti esilondeni njengoba kucacisile ukuthi isicoco se-Absa Premiership Amakhosi kangeke esasinuka.

UKomphela uzophelelwa yinkontileka neChiefs ngoNhlangulana nonyaka. Kudela owaziyo ukuthi ngabe izovuselelwa yini inkontileka yakhe kwazise abalandeli bakhombisa ukungajabuli. Mhlawumbe isinqumo ngekusasa likaKomphela siyobe sesicacisa ukuthi ngabe iChiefs iyabalalela yini abalandeli bayo.

  • dladlan@ingabadimedia.com
Scroll To Top