Usuku nonyaka umvoti azalwa kabusha ngalo


Izinkomba zikhomba ukuthi umvoti waseNingizimu Afrika sekukhona akwaziyo ngamandla okuvota kwakhe nokusho ukuthi amaqembu kumele amqonde kabusha
NJENGOMHLA zingama-27 kuMbasa ngowezi-1994, usuku lomhla zi-3 kuNcwaba ngowezi-2016 luyongena emabhukwini omlando. Lolu kwaba wusuku lapho umvoti waseNingizimu Afrika atshengisa khona ukuqonda umdlalo wepolitiki waphinda wathumela nomlayezo kunoma yiliphi iqembu elinesifiso sokwesekwa noma ukuqokwa nguye. Okuqaphelekayo ngalo mvoti ukuthi ungeke umlinganise ngobuzwe, ubuhlanga noma iminyaka ngoba uyikho konke kanti futhi umlayezo munye nje; ngothi: ‘Ngingumuvoti, ngiyisakhamuzi, ngakho ngiqonde kahle futhi ngihloniphe ngoba amandla akimi’. Ngeshwa leqembu elibusayo lokhu kukhula kolwazi ngamandla evoti kwenze lalahlekelwa yimikhandlu emqoka. Kanti ngakolunye uhlangothi lokhu kuzuzise amaqembu amancane.
Njengokwejwayelekile amaqembu asazohlala phansi aninge ngalokho okwenzekile. Emaqenjini aphikisayo ukuninga lokhu kuyobe kubheke kakhulu ekuthini yiliphi ikhambi elingenza abambelele kulokhu anakho nakutholile. Kanti eqenjini elibusayo nelihlwithwe omasipala abaningana ukuninga lokhu kuyobe kuwukubheka ukuthi yini elingayenza ukuze lisuke obishini olukulo.
Akulona uteku noma ihaba ukuthi kulokhu uKhongolose ugqenywe engeqiwa ntwala. Umbuzo nokho uthi ngabe uyodlula yini kulokhu nokuthi ngabe lokhu bekungumhuzuko nje noma yinxeba eliyophetha ngokulikhedamisa leli qembu eminyakeni ezayo. Umyalezo othunyelwe ngabavoti bazo zonke izinhlanga kumele uwakhathaze amaqembu ezepolitiki ngoba ushubile futhi ujulile. Lokhu kukhomba isidingo sokuthi abaphathi bamaqembu lawa kanye namalungu azilungiselele ngoba inamuhla kalisafani nayizolo, kanti ikusasa lona liyobe lehluke kakhulu.
Isithombe esidwetshwe ngumvoti ngomholi neqembu alifunayo lingelehluke kakhulu. Lo mdwebo uveza ukuthi umvoti usefuna inoni likasopolitiki elingazibandakanyi nomsanka wenkohlakalo. Umuntu noma umholi odingekayo lapha yilowo onozwelo lwabampofu ongazikhukhumezi. Umholi ovotelwa futhi ahlale endaweni hhayi onontandakubukwa. Abavoti bafuna iqembu eliqaphelayo nelicophelelayo nxa liqoka labo abazolimela ngoba sebeyakwazi ubumqoka bokuholwa ngabantu abanolwazi olwedlula olwabo. Bafuna iqembu elizokwazi ukuzehlisa likwazi nokuxhumana nabo, lihlanze wonke amaqiniso kanjalo nezingqinamba uHulumeni abhekene nazo. Bukhona ubufakazi bokuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika azibhikishi ngoba zithanda kepha kuyingoba zingenaso isithombe esiyiso salokho okwenzekayo. Omasipala abaningi bazithola besenkingeni yolaka lwezakhamuzi ngoba behluleke ukubeka isithombe esiyiso ngalokho okuqhubekayo endaweni.
Abavoti laba kabangcini nje kuphela ngokulindela okugcono kulabo abakhethiwe kepha nalabo abayizisebenzi zikaHulumeni ngoba nabo baneqhaza ekuqokeni kwabo. Laba ngabantu abasekhaleni lentuthuko ngoba yibo abaqinisekisa ukuthi inqubomgomo iyafezeka. Kule minyaka engamashumi amabili nambili bese sizwakala isililo ngabasebenzi bakaHulumeni abangamahumusha, amaqola namavila. Akubona bonke kepha lelo dlanzana kubukeka lenze umonakalo omkhulu. Nayilapha abavoti babukeka bezonenebula amaqembu ngesifociya ngoba sebeyazi ukuthi bafanelwe ngokugcono. Nakanjani lizodingeka uqeqesho olunzulu lwezisebenzi zikaHulumeni. Lolu qeqesho kuyomele lugxile ekwazini ukusebenza nomphakathi nokukwazi ukuba nohlelo lokuthola kabanzi ngezimfuno zawo kusekude, hhayi ukude njalo kumele kunyakazwe nxa sekunesidumbu phansi.
Isikhathi sokulinda
Omunye umyalezo oqukethwe yivoti langoNcwaba ngothi: ‘Singabantu ngeke sisakwazi ukulinda ngoba kakade sesilinde kakhulu’. Okubukeka bengeke besakwazi ukulinda yintsha leyo efundayo kwanqondonkulu ekhala ngemfundo yamahhala. Yileyo engasebenzi ehlukene kabili, leyo ethi isiqedile ukufunda kepha ayikho imisebenzi kanti enye yileyo engenamakhono ekhala ngendlala.
Njenganoma yiliphi izwe iNingizimu Afrika ingaba sengcupheni nxa kuwukuthi ayiyibhekeleli inhlalakahle yentsha. Izibalo ziyatshengisa ukuthi yiyo intsha eningi nokungasho lukhulu emiphumeleni yokhetho. Kulolu khetho instsha ikhulumile futhi kubukeka lesi kuseyisiqalo lapho iveza amandla ayo ngevoti.
Lezi kuseyizikhathi zokujabula kanjalo nokukhala kwabanye nokuyisikhathi esifushane. Okulandelayo kudinga isikhathi esanele sokuninga ngenyathuko eya phambili ngoba amaqembu lawo anqobile nalawo aphumelele anikwe ithuba, abekwa umkhusu ngabavoti lawo angakwazi ukuhumusha okushiwo ngabavoti nakanjani azojeza kakhulu ngokhetho likazwelonke ngowe-2019. Konke lokhu kungenxa yeqiniso elithi abavoti laba kabasefani nakuthangi, sebezelwe kabusha.