Ufundelani? Zikhona yini izisekelo zalokho okufundelayo?



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
UFUNDELANI? Lo mbuzo ungabukeka ulula ngoba uyigama elilodwa, kodwa ujulile. Uveza ukujula nokudepha komqondo womuntu ophendulayo. Uma umuntu esemncane akulula ukuwuphendula aqiniseke ngakushoyo, ngoba ukhuluma ngekusasa lomuntu. Okwenza kube lukhuni wukuthi kudinga umuntu obuzwayo azazi ukuthi ukhaliphe kukuphi futhi yikuphi anothando lwakho empilweni. Iminyaka umuntu ayichitha esikoleni iyakhomba ukuthi iyingxenye ebalulekile empilweni nasekukhuleni komuntu. Kungenzeka yini ukuthi baningi abavuka baye esikoleni bengazi ukuthi sizobasiza kuphi? Abanye baya ngoba kusho abazali, ngoba ingqondo yabo ayikakafiki ezingeni lokwenza izinqumo ezinohlonze.
Sisebancane besibuzwa ngabantu abadala ukuthi sifundelani, sinkwankwaze size siphumele obala uma sesithe ukukhula ngeminyaka. Uma ube nenhlanhla yokuba nomuntu obuka kuye, oyithandayo into ayenzayo bekuba lula ukuphendula. Babengekho ababeqaphile ukuthi ingane ikhula ifunde ngaphansi kweso elibukhali lomuntu ozobhekisisa ukuthi le ngane ikhaliphe kuphi. Lokhu kwakuyokwenza bangabi baningi abantu abaqeda ukufunda bengazi bazokwenzani, abagcina bengenamasu emiqondweni yabo kugxile ukuba ngo ‘khamisa-ngithele.’
Ngaleso sikhathi bezingakabi ziningi izinto ezifundelwa ngabantu. Ngiyayikhumbula enye intombazane esasifunda nayo iphendula ithi, ifundela ukuba wumesisi. Kwahlekwa nje kwagcina lapho yagcina seyibizwa ngomesisi esikoleni. Phela umesisi nguyena muntu owayeqasha futhi owayebheka ukusebenza komuntu owayeqashelwe ukusebenza ingadi emizini yondlebezikhany’ilanga. Angimkhumbuli owake wathi ufundela ukuba wubasi. Mhlawumbe kwakuyokuba kuhle ukuba sigcizelele ukuthi izingane zifundele ukuba ngomesisi nobasi. Lokhu mhlawumbe kwakuzogxilisa emqondweni wezingane ukuthi siyabadinga abaphathi nabanikazi bomsebenzi, abaqashi hhayi abaqashwa.
Kuleziya zinsuku umuntu ubetshelwa ngabazali ukuthi makafundeleni. Umzali ubevamisa ukuyalela ukuthi ingane mayifundele umsebenzi othandwa nguyena, kumbe ake wawubona wenziwa ngumuntu othize owaphumelela. Akekho engake ngambona ekhuthaza ingane ukuba ifundele umsebenzi ofuze owezolimo.
Umsebenzi ophathelene nezolimo sikhule udelelekile futhi kungekho ukucabanga ukuthi ngomunye wemisebenzi ewumgogodla wesizwe. Ngiyacabanga ukuthi kwabaningi bekukhona ukuthi ukulima nokutshala akudingi umuntu oye esikoleni. Bekungesiso isimanga ukuthi umuntu utshala amasimu avune kudliwe kuze kuthole nabangalimanga. Bekungesiso isimanga ukudla ifutho azitshalele lona. Bekungesiso isimanga ukudla amadumbe nobhatata ophuma ensimini yakho. Bekungesiso isimanga ukudla amasi asengwe enkomeni yasekhaya. Ngakho-ke bekungesiyo into elula ukwenza umuntu abone ubumqoka bokufunda ugogode kwezolimo.
Phela kulezo zinsuku umanyolo bewungathengwa, kodwa bekuvukuzwa esibayeni kuvele umquba kusetshenzwe kudliwe. Kwakungesiyo into eyisimanga indaba yokulima kangangokuthi umuntu usengaze ayifundele. Bekungesiso isimanga ukuthi umnumzane uwise inkabi wamema umphakathi kuzodliwa inyama ngoba ubethatha eyodwa esibayeni sakhe.
Mhlawumbe ngenye yezinto ezibulale aboHlanga bathatha izinto okuyizona eziwumgogodla wempilo kalula yingoba bezingaswelekile kulabo abakhulayo. Ukuthi umuntu uzohamba aye kofundela ukuba ngumlimi bekungacatshangwa njengento esemqoka ngoba imbewu ayikubuzi ukuthi ufunde kangakanani kulowomkhakha.
Uma ubheka impilo namuhla idinga umuntu ohlanganise ulwazi alufunde ngokuzenzela nalolo oluhloliwe alufunde esikoleni. Ngendlela izikole eziningi ezibulale ngayo uthando lokuba ngumlimi kungoba bekuyindlela yokushaya ingane ukuthi ayiye kosebenza engadini.
Ukusebenza engadini kugxilise emqondweni wengane yoHlanga ukuthi wumsebenzi wezihlupheki kumbe wumsebenzi womuntu owonile. Akukaze kube mqoka ukuba nolwazi lwezolimo njenganamuhla.
Bekulula ebunganeni ukuphendula ngokuthi sifundela ukuba ngudokotela noma ukuba wuMfundisi ube usho nje. Lokhu ingane beyikusho ngelikhulu ithemba leli, ingazange ihlolisise ukuthi ziyafundwa yini izifundo eziyisisekelo sobudokotela. Bekuyaye kuthi uma kucatshangwa ngezifundo zesayensi nemathematics kuvele kuthiwe yizifundo ezilukhuni sigcine isikole singazikhuthazi. Uma zilukhuni bekuba yizona zifundo ezibalekelwa ngabafundi, iningi likhethe izifundo okuthiwa zingezilula izingane zifunde ziqede ibanga leshumi kungekho sisekelo sekusasa eliqhakazile.
Umnotho ungumngane wesizwe esaziyo ukuthi sidingani; isizwe esihlelekile; esinezinhlelo zentsha yesizwe ezokhula ibe wumgogodla wezwe. Isizwe esiyekela noma ngubani olawula intsha yaso asinalo ikusasa eliqhakazile, ikakhulukazi emnothweni. Abaholi abaqavile bayakugcizelela ubumqoka bemfundo yesizwe nokuqikekela ukuthi intsha ithola imfundo eyiyo.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za