Mayiphele leyo mitholampilo, kuphile izinsana ezweni!
UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
NgoLwesithathu zingama-21 kuNdasa izwe iNingizimu Afrika ligubhe usuku olubizwa “ngolwamalungelo esintu”. Lolu suku lwalungakhethwa nje, cha lwakhethwa ngoba ngesikhathi sobandlululo kwabhubha abantu abangama-69, kwalimala abali-180 ngesikhathi bedutshulwa ngamaphoyisa ombuso wangaleso sikhathi. Bekukhankaselwa ukuphela kwamapasi, okwakufanele ukuthi owoHlanga abe nalo ukungena emadolobheni nakwezinye izindawo eNingizimu Afrika. Ngesikhathi kuguqulwa umbuso ngonyaka we-1994, kwamenyezelwa izinsuku ezintsha okuzogujwa ngazo umlando namagugu esizwe. Kwathiwa makukhunjulwe kuthokozelwe amalungelo esintu kanye noMthethosisekelo ngalolu suku. Kwabulawa abantu ngalolu suku, kwethuka amazwe namazwe ngokuzwa kwawo lezo zindaba. Umthetho kaNkulunkulu uthi: “Ungabulali”.
We, mfundi wale ngosi, ngiyacela ukuthi ufunde ngesineke esikhulu manje. Ngowe-1994, ngokufika kwenkululeko yezombusazwe, kanye nokuchithwa kwamapasi, ngesikhathi uMnu uNelson Rolihlahla Mandela owaba uMengameli wezwe, kwashaywa umthetho ePhalamende othi owesifazane ofuna ukuhushula isisu sakhe unelungelo lokwenza lokhu. Okushaqisa kakhulu ukuthi ngesikhathi kuphethe oMengameli uD.F.Malan; uHendrik Verwoerd; uJohn Voster; kanye noP.W. Botha bekuphambene nomthetho kumuntu owesifazane ukukhipha isisu.
Bekuthiwa, masifunde ngokonakele emlandweni wethu ukuze kungaphindi kwenzeke, kanti ukubulala izingane ezingakazalwa akusona yini isibhicongo esikhulu kunaleso saseSharpeville, sihlanganise nesaseMarikana nesaseSidimeni na?
Okuklinya ubungcwele bomthetho kaNkulunkulu ezweni lakithi yilokhu: wukuthi seyenzekile iSharpeville kwaphela; seyenzekile iMarikana kwaphela; sekwenzekile eSidimeni kwaphela. Kodwa ukubulawa kwezingane ezweni lakithi, okuthiwa linenkululeko, kusaqhubeka usafunda lesi siqephu sanamuhla we mfundi! Bathi kusukela kuleso sikhathi sekubulewe amakhulu ezinkulungwane ezingane ezweni lakithi. Angingabazi nokungabaza ukuthi iningi lalezo zingane ziyizingane zaboHlanga, ngoba iningi labantu ezweni lakithi ngaboHlanga. Umbuzo uthi: Siyakwazi ukukhumbula isibhicongo saseSharpeville ngonembeza omsulwa, kanti siqhubeka ukungasukumeli izingane zethu ezingavikelekile endaweni yokubunjwa kwazo na? Azinalo yini ilungelo lokuzwa ubumnandi belanga lase-Afrika na?
Uyini umehluko phakathi kwephoyisa elakhetha ukudubula umuntu ngowe-1960, nowesifazane namuhla okhetha ukubulala ingane yakhe emtholampilo ngokuyihushula na? Uma ubona umehluko ngicela ukuthi ungazise, iZwi likaNkulunkulu alivumeli owesifazane ukukhipha isisu: “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli. Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila.” i-Eksodusi 21:22,23. UNkulunkulu wathi kumphrofethi uJeremiya: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umphrofethi ezizweni.” uJeremiyah 1:5. Wathi uDavide: “Amehlo akho angibona ngiseyihlule.” Amahubo 139:16a. Kucacile ngokweBhayibheli ukuthi ingane engakazalwa ithathwa njengomuntu ophelele, yize engakafinyeleli esimweni sokuthi alungele ukuzalwa.
Ngesikhathi ngiqala ukufunda ukukhuluma isiZulu, ngatshelwa ngabophrofesa bami ukuthi emandulo KwaZulu uma owesifazane ekhulelwe amawele, aze azalwa, bekuthathwa njengomhlola. Mhlawumbe ongoti bomlando wamaZulu bazokwazi ukuyicacisa kangcono le ndaba, kodwa engafundsiwa khona bekungukuthi, lawo mawele abulawa ngabantu ngaleso sikhathi. Njalo uma ngihamba ePavilion, eThekweni noma eGateway uma ngibona umama othize ehamba namawele inhliziyo yami ithi cosololo, ngoba uNkulunkulu wenza ukuthi isimo sesifundazwe sakithi siguqule kuthandwe izingane lezo. Uma kuyiqiniso ukuthi abulawa amawele emandulo, masingawuvumeli lo mlando uziphinde sisaphila bakwethu. Sikhathazekile ngazo zonke izinto ezweni lakithi, kodwa kushaywa indiva umthetho kaNkulunkulu ongcwelengcwele.
Umuntu unesihluku esimangazayo, masingamvumeli thina esinoMoya oNgcwele ezinhliziyweni zethu ukuthi aqhubeke ukubhubhisa izwe lethu ngomdlavuza lowo wokunqamula izingane zethu amakhanda. Bathi “impi iyabulala, ungayijahi”, kodwa sekungaphezu kweminyaka engamashumi amabili ukuthi kuliwe leyo mpi nalezo zingane ebezifanele ukuba ikusasa lethu. Ngabe kukhona intethelelo esonweni leso na? Buka nje ukuthi kuvikelwa izingane esikolweni ukuze zingadli ukudla okungenamsoco, kodwa kuvunyelwa ukunyathelwa kwezimbali zethu ebezifanele ukuhlobisa ingadi yaseNingizimu Afrika. Shwele Baba! Sicela ukuthi ungathululi ulaka lwaKho phezu kwethu! Maye-bo! Shwele Jehova ophilayo! Mayiphele yonke leyo ‘mitholampilo’ esiphenduke ‘imibulalampilo’!
MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.
- Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.