Now Reading
Isizwe silambele umculo wangempela, hhayi umfudumezo
Dark Light

Isizwe silambele umculo wangempela, hhayi umfudumezo

NINA bengabade masingabindwa yimifudumezo yamaxhiba akweminye imizi ekubeni iphekwa ngomhluzi wenye ekhaya. Siyeke futhi ukukhinsela izimputhu nezijabane zaphesheya kwezilwandle ngoba amathanga ahlanza eNdulo emasimini alelizwe. Abezizwe seboze basibhuqe bethi ahlanzela abangenamabhodwe. Mhla zingamashumi amabili nanhlanu kuNhlolanja ngamenywa ngabakwaHeadroom Studio ukuba ngiyokwethamela uhlelo olwalwethulwa bukhoma, ezindlini zokusakaza kwaSABC ohlelweni olwethulwa nguMandla Mdletshe lomculo wejazz kumsakazo Ukhozi FM, ngokubambisana nabakwaConcerts SA okuyinsiza yabakwaSouth African Music Rights Organisation (SAMRO). Okungihlabe umxhwele ngalolu hlelo akubanga nje ngabaculi ebebezoshaya izingoma zabo, bezozikhangisa emsakazweni kodwa uhlelo luye lwanikelwa ekutheni kuhlonishwe izingqalabutho noma amaqhawe omculo asaguqa.

Kujabulise kakhulu ukubona abaculi abasebancane ngeminyaka kanye nalabo esebethe ukuqina begiya beshiyelana inkundla egameni lokukhumbula nokuhlonipha labo ababamba iqhaza ekuqhakambiseni, umculo wejazz ngokwendlela yase-Afrika. Kulalele izigidi zabathandi nabalandeli balolu hlobo lomculo. Lokhu kuwubufakazi bokuthi amagugu angabambeki ngesandla kodwa awubuchwepheshe yiwo ayikusasa lethu, yiwo ayohlala evuselela imvelaphi kumuntu onsundu. Sizokhumbula ukuthi izimpande zejazz zitholakala khona lapha e-Afrika,ngenxa yabantu bakithi abathunjwa bayobazigqila phesheya. Ngakho-ke kuyinto ethokozisayo ukubona izingwazi zakithi ziwenza lomculo eqophelweni eliphezulu.

UBarney Bophela

Bekungewona umchitha cala lona bekuyinto yamehlo. Ngibone umfana womlungu osemncane uNick Pittman ehlonipha ingwazi yaseThekwini uSandile Shange ongasekho kwachwaza inkundla. Kuthe  sisakhexile kwangena uBarney Bophela yena wahlonipha ingqwayingqwayi nayo engasekho eyayidlala amathambo endlovu uBheki Mseleku. Umunyu oye wavuka lapho intokazi nayo esencane uNicky Shange ihlonipha umakadebona naye osewendela kwelamathongo uBusi Mhlongo. Kuvele kwabanenxanxathela yezingcingo abantu bezwakalisa intakaso ngalolu hlelo obelukhethekile. Abantu okubenzima ukuthi basale kulolu hlelo uHugh Masekela yena ohlonishwe ngowomdabu waseNdiya uGeorge Mari, u-Andile Yenana wagila ezibukwayo ngenkathi edlala ingoma kaZim Ngqawana.

Lokhu kubeyinkomba yokuthi isizwe siwulambele umculo wangempela hhayi umfudumezo. Sinenselelo enkulu yokuthi sigqugquzele abaculi bakithi ukuba baqhubeke nokudlala izinsimbi bukhoma bame ngalento yokubawuza phezu komculo owaqoshwa kudala ngoba leyonto iyayibunisa lendima, yenza kubukeke sengathi ukucula yinto eyenziwa ngabantu abahlulwa yimfundo. Lo mkhakha ujule kakhulu ngoba uhlangabezana nezidingo eziningi emphakathini. Uyelapha, uyale, uvuselele, uvuse amadlingozi, uphinde ulondoloze umlando. Kodwa umbuzo sekungaba yikho ukuthi ngabe besiqala sigcina yini ukuzwa ingcwenga yohlelo olunje? Yiziphi izinselelo abagqugquzeli ababhekene nazo uma kuza kulolu hlobo lomculo? Umsakazo omkhulukazi onjengoKhozi  ngabe uyayenza yini inhlolovo emphakathini ukuzwa izifiso zawo, njengoba kubukeka sengathi amehlo athe njo emculweni ojabulisa intsha  ukwedlula umculo ongaphelelwa yisikhathi.

See Also

Ngokungananazi ngiyacela silushayele ihlombe lolu hlelo, ngoba ngibone sibuya eweni, ngiphinde ngibonge umsakazo Ukhozi, iConcert SA nesibindi sabagqugquzeli balolu suku uLu Dlamini, uMarias Botha, nomdidiyeli walo uHlengiwe Mbatha noMgcino Shezi. Impela kubalulekile ukunikeza okwakudala impilo entsha ukuze sibe nekusasa elinswebu yethu. Sithi mazande izinhlelo ezefana nalezi hhayi ukudlalwa kwekhasethi kuphela, kodwa ugqumo, umgqigqo nomuzwa oza nokubona iciko lethula ikhono bukhona, akunanani kuyisipho ongasigcina ingunaphakade. Kungakuhle imikhandlu yamadolobha, iminyango ephathelene nobuciko isondelane nezinhlelo ezinjena ukuze nalabo abahlela lemicimbi bangapheli amandla. Ngiyama la Abenkosi bame njalo Makwande!!!

Scroll To Top