Inkululeko yezomnotho: Sinayo imbewu, isesandleni


USUKU nosuku amehlo omuntu ayabona, izindlebe ziyezwa nezandla ziyaphatha. Konke lokho akusho lutho kumuntu ongenawo umqondo womnotho, kepha kungolunye nje lwezinhlelo zempilo olungasho lutho. Ngamhla umuntu wabona ukuthi ufumbetheni ezandleni, yilanga okushintsha ngalo impilo yakhe. Noma yikuphi osewuke wakubona ngamehlo wakuzwa ngendlebe, kusuke sekusesandleni, sekuyimbewu sekusele ukuba uyilungise kahle bese uyihlwanyela. Isikhathi esiningi sijwayele ukubheka kude kanti into siyiphethe ngesandla. Ezinye zezimpendulo ezibalulekile empilweni yethu azikho kude nathi. Esikudinga kakhulu empilweni wulwazi olungu ngqo. Ulwazi luyosisiza ukuba sibone ukuthi siphetheni ngesandla. Ulwazi olungu ngqo luyosenza sibone okusizungezile sikusebenzise.
Kulezi zinsuku bengihlezi nezinsizwa ezigada umtapo wezincwadi sizixoxela nje. Ngibuze ukuthi zinesikhathi esingakanani zenza lomsebenzi zangiphendula ngeqholo. Enye yathi izokube iqeda amashumi amabili eminyaka kulona ozayo. Enye yabala yedlula esandleni, kanti enye yeqile kumashumi amabili eminyaka, seyisondele ukuthatha umhlalaphansi. Enye yangixoxela ukuthi seyiqede iminyaka ivuka ngovivi ngezikhathi zehora lesithathu, ithathe isitimela ize emsebenzini. Ebusika kusuke kusemnyama ngalezo zikhathi. Endleleni eyihambayo iza emsebenzini kunezinswelaboya, kodwa seyikwazile ukuphila ngaphansi kwalesi simo. Zaqhubeka zingixoxela ngezihlangabezane nako kulo msebenzi zibala okuhle nokubi. Zabala iziwombe lapho zibamba abantu bentshontsha izincwadi nokunye okuningi. Ngabe sengibuza ukuthi zingaki izincwadi asebeke bazifunda. Zabukana zimangazwa yilombuzo ngoba zazingaboni ukuthi uhlangana kanjani nomsebenzi wazo. Ngabuza ukuthi zigadeni zavuma ukuthi zigade izincwadi. Ngabe sengibuza ukuthi yini esencwadini etholwa ngabantu, sabe sesithi ukujula.
Kungifikele lapho ngicabanga ukuthi kazi bangaki ababona inhlanhla ebehlele yokusebenza ngezincwadi, abafinyelela kuzo kalula. Emtapweni wezincwadi yilapho kukhona ulwazi olunhlobonhlobo umuntu angazitapela ulwazi ngendlela ayithandayo mahhala. Kulula kumuntu ukugxila emsebenzini akhohlwe ngulwazi angaluthola ngaphandle kokuluntshontsha. Izincwadi ziqukethe izinhlobonhlobo zomnotho. Uma uboleka incwadi emtapweni wezincwadi amukho umuntu okubuzayo ukuthi ufuna ukufundani kuleyo ncwadi oyithathile. Izincwadi ezigcwele emtapweni zisemikhakheni eyehlukahlukene, kukumuntu ukuzikhethela. Iningi lalezi zincwadi zihlelwe kahle zahlaziywa zafakwa ngaphansi kwezihloko ezehlukene eziphathelene nezidingo zabantu. Uma usethubeni lokuba ngumqaphi womtapo wolwazi, usuke uphethe imbewu ngesandla kodwa ube ungayiboni. Kumele kukukhathaze ukuthi kubaluleke ngani ukuba lento igadwe, futhi kungani igadwe nguwena. Kumele uhlale ukhumbula ukuthi labantu abangena bededelana kulomtapo bathatha ingcebo phambi kwakho.
Ngelinye ilanga ngangixoxa nensizwa egada izimoto endaweni yokusebenza. Iqashwe yilenkampani futhi seyihlale iminyakanyaka isebenza kuyo. Uma ikubalela izimoto eseyike yazibona kulendawo izibiza ngamagama uyankema. Uma ngiyibuza ngijula ngathola ukuthi ayikaze iphendule umqondo wayo kube yiyo enemoto egadwayo. Uma icabanga ngemoto izibona ikude kakhulu nayo. Umqondo uyisithutha ngoba lokho owutshela kona ukugxilise kugcina kuyiyona ndlela ozophila ngayo. Kumele kube nemibuzo umuntu azibuza yona ayiphendule ngokwethembeka. Eminye yalemibuzo ngeke ayiphendule ngokunethezeka ngoba izokube idinga yena ukuba aguqule indlela enza ngayo izinto, nendlela acabanga ngayo.
Akusikho ukuphila okuphelele ukulala uvuke wenze into efanayo usuku nosuku kuze kuphele amashumi amabili eminyaka. Ngokuqhubeka kwesikhathi ingqondo isuke seyifana nento engasebenzi ngoba akukho okusha ekucabangayo okwenza umuntu abone usuku olwehlukile. Into oyenza usuku nosuku uphindelela kungabe kukhona yini isifundo ekunika sona ukukwazi ukuzakhela eyakho impilo? Ngokusho kanje angiqondile ukujivaza kumbe ukwehlisa isithunzi sabantu abathile abasebenzayo. Ukusebenza kuyinto enhle futhi kuyinto eyohlala ikhona. Abasebenzi bayohlala bedingeka ngenxa yezidingo zemisebenzi enhlobonhlobo, kodwa kuhle ukuba nenqubekela phambili umuntu akhule adlulele kokulandelayo okuzokwenza impilo ethe thuthu kuneyayizolo.
Kungifikele ngelinye ilanga ukuthi, kazi bangaki kulaba abasebenza ezitolo abazifundisayo ukuze babe ngabanikazi zitolo ngokuzayo. Bangaki abantu abakhiqizayo abazinika isikhathi sokuthola ulwazi lokwenza okuthile okusemkhiqizweni. Angisho ukuthi abantu mabantshontshe ulwazi lwabanye ngoba lokho kuyicala, kodwa ngikhuthaza ukuthi umuntu makafunde ngesimo akuso kulowo nalowo mzuzu.
Ngisekude ukukhohlwa yinsizwa eyayisebenza enkampanini yomakhalekhukhwini eyaba nomqondo wokusungula uhlelo lokucela omunye umuntu ukuba akushayele ucingo. Uma bonke abantu bengaqala bacabange ngezindlela zokwenza umsebenzi kangcono usuku nosuku umhlaba ungaqhubekela phambili futhi izimpilo zabantu zingaguquka babe nomqondo womnotho.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za