Now Reading
Eyokubuyiswa komhlaba kukhulunywa ngayo nxa zonke
Dark Light

Eyokubuyiswa komhlaba kukhulunywa ngayo nxa zonke

UDABA olushisa ibunzi lomhlaba eNingizimu Afrika alusalanga ngaphandle nasemazweni angaphandle ngoba ngisho namaphephandaba aseGermany ekuqaleni kwenyanga abebhale ngalo.

Abeveza ukuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika ufuna ukuthatha amapulazi abalimi abaMhlophe.  Imibiko yamaphephandaba ibiveza ukumangala nokuzwelana nabazothathelwa umhlaba.

Ukumangala kungenxa yokuthi selokhu uHulumeni we-African Natational Congress (ANC), athatha ubuholi ngowe- 1994,   udaba lobuyiswa komhlaba kwaboHlanga bekungeyona into ebalulekile.

Noma bekukhulunywa ngokubuyiselwa komhlaba bekungekho sinqumo esiphuthumayo ngoba uHulumeni uyalubona usizo lwamapulazi abaMhlophe ekufukuleni umnotho waseNingizimu Afrika.

Phakathi kwezintatheli ezibhale ngalolu daba kube ngu J. Dieterich waseGermany kodwa osezinze eGoli. Umbiko kaDieterich ukuvezile ukuthi umhlaba wathathwa kwaboHlanga ngaphandle kokuba kukhulunywe nabo, futhi kabatholanga sinxephezelo ngokwephucwa umhlaba wabo. Kuze kube namuhla ingxenye engama-73 wamaphesenti  womhlaba usezandleni zabaMhlophe. AboHlanga  banqwabelene ezinqintini zomhlaba ezili-15 wamaphesenti. UDieterich uyakuvuma ukuthi abaMhlophe bawuphanga umhlaba waboHlanga.

Ezinye izintatheli ziphinde osekushiwo kaningi ukuthi abaMhlophe bathatha umhlaba okwakungekho muntu ohlala kuwo. Yize lokhu sekuchithiwe yizazi zomlando, kepha umuntu okhuluma iqiniso kufanele achaze ukuthi kwenzeka kanjani ukuba izindawo ezifana noMthunzini, KwaMbonambi, Eshowe nezinye esezanikwa amagama esilungu phezu kwawesiZulu kwakungekho bantu yini kuzo?

Kodwa okubalulekile kithi ngukuthi amaphephandaba akhuluma ngesiphakamiso esenziwa kuSomqulu Wenkululeko iFreedom Charter othi: ‘INingizimu Afrika ngeyabantu bonke abahlala kuyo’. Lesi siphakamiso sisetshenziswa njengevesi eBhayibhelini.

Abesekela amaBhunu bathi uHulumeni uzodinga ukwesekwa iningi lamalungu ePhalamende  ukuze ashintshe uMthethosisekelo. Thina esifuna izwe lethu asikaze sivumelana nesiphakamiso seFreedom Charter. Abaholi be-ANC baphasisa lo mthetho bazi kahle ukuthi sephucwe umhlaba wethu.

See Also

Kukhona izihlakaniphi zabaMhlophe ezikhuluma nge-International Law. Zithi kufanele amapulazi abalimi avikelwe i-International Law. Kodwa kazisho ukuthi yini i-International Law ingawuvikelanga umhlaba waboHlanga  ekuthathweni ngabaMhlophe? Mhlawumbe i-International Law ingumthetho obandlululayo. Kasazi! Kuyaziwa ukuthi akukho mlungu owadabuka kuleli lizwe eselibizwa ngeNingizimu Afrika.

Enye yezintatheli iphawula ngeqembu i-Economic Freedom Fighter (EFF). Ithi liyingozi ngoba iningi lamalungu ayo ngabantu abasha abafuna uguquko olusheshayo. Abaholi be-EFF behlukile kwabe-ANC  abathi uguquko kumele luze kancane. Abaholi be-ANC bayakwazi okwenzeka eZimbabwe amapulazi athathwa kwabaMhlophe okumanje akalinyiwe abantu bayalamba. Masikhumbule ukuthi ebalimi baseZimbabwe babetshala ugwayi emapulazini abo. Ugwayi wawuthengwa zinkampani zase-Europe kodwa ukudla kwakuvela e-Europe.

E-Afrika kunomkhuba omubi wokungakunaki ukulima. Bheka eNigeria, eGhana, eSudan nakwamanye amazwe abhekene nendlala. La mazwe akakaze alwe izimpi zokubuyiswa komhlaba wawo. Kodwa ngokungakunaki ukulima bayalamba abantu. OHulumeni kabazi ukuthi kalikho izwe elithuthukayo ngaphandle kokulima ukudla kwalo. Ukuphila ngokudla okuvela kwamanye amazwe kudinga imali, futhi kwenza oHulumeni bangabi nawo amandla okuhlela intengo yokudla. Ngakho intuthuko yezwe lethu mayiqale ekulimeni ukudla.

Kuwo wonke lo msindo okhona ngokubuyiswa komhlaba kasikholwa ukuthi uHulumeni kaMengameli uRamaphosa uzoba naso isibindi sokuphoqelela ukubuyiswa komhlaba. Sesikwejwayele ukuthi uma sekusondele isikhathi sokhetho osopolitiki bakhuluma ngokuthatha amapulazi amaBhunu. Banele bakhethwe balukhohlwe udaba lomhlaba. Yini ezokwenza uRamaphosa ashintshe.  Kodwa nathi masizisole ngokuvuma ukukhohliswa ngabantu iminyaka eminingi kangaka. Masisho esikufunayo. Kakubona abaholi be-ANC okufanele basitshele abazosenzela khona ebese sijabula njengezingane. Siyalifuna izwe lethu. Sizolilwela izwe lethu uma kudingekile. Sesiphelile isikhathi sokulindela abaholi abangabazayo ngokubuyiswa komhlaba.

  • UDkt uHerbert Mnguni uzinze eGermany
Scroll To Top